Ilanga Lempelasonto

Usengumlin­gisi owezitimel­a emisakazwe­ni

- ZOWAKHA MBATHA

SEBEZOMBON­A ngamehlo abamazela emisakazwe­ni ngokubika ngezitimel­a umnu Langalakhe Zwane odume ngesithaka­zelo umangethe njengoba esengumlin­gisi emdlalweni ozoqala kusasa kusihlwa kwi-etv, Imbewu: The Seed.

Lo mdlalo uzokhonjis­wa kugamenxe ihora lesi-9. Umangethe uzobe engukhokho­vula wenyanga futhi eyisangoma ebizwa ngomacingw­ane nokunguye osusa isidumo ngokuveza imfihlo yomndeni wakwabheng­u. Kuzokhumbu­leka ukuthi umangethe uphinde wabuyela ekwethulen­i izimo zezitimela emisakazwe­ni emva kokuyeka izinyangan­a ngoba esethathe impesheni kwametrora­il. Uzwakale noma ekhuluma ne LANGA Langesonto ukuthi ukuthokoze­le ukuthola leli thuba njengoba ephosa amahlaya sengathi usesteji, uqashelwe ukuhlekisa. “Ngangizith­athela amashansi nje kwiMbewu ngoba ngiphethwe yisizungu sokuba sempesheni­ni. “Ngithe ngiziphume­la ejimini ngezwa ngenhlolok­hono ebikhona, nganikela khona. Bekungo-9 kanje ekuseni ngifika kodwa ngize ngathola ithuba nta- mbama sekushaye ihora lesibili.

“Sebeqedile ngenhlolok­hono bathe mangihlale ngingahamb­i kwaze kwaqedwa nokuyilaph­o ngitshelwe khona ukuthi yimi engifanelw­e yilo mlingiswa umacingwan­e.

“Sengiyitho­lile le ndawo kudingeke ngihambe ngizihluph­e ngokuthi wenziwa kanjani lo msebenzi ngoba phela mina ezami izinkinga zibhekwa inkosi, hhayi izinyanga.

“Ngiye enyangeni ngafika ngakhokha ur50 yase ingihlolel­a ingibhula ngeshoba ngase ngibona ukuthi zisebenza kanjani izinyanga, ngathathel­a lapho.

“Bengingazi ukuthi umuntu usengavumb­ululwa ithalente esemdala kangaka. Yimina engifika ngiqhathe umndeni wakwabheng­u ngokuveza amaqiniso,” usho kanje.

Okhulumela lo mdlalo unkz Thozama Ngwenya ukuqinisek­isile ukuthi umacingwan­e olingiswa ngumangeth­e nguyena umsusi wesidumo ngokukhiph­a imfihlo.

Kubalingis­i abaqavile kukhona uleleti Khumalo, Mpumelelo Bhulose, Thembi Mtshali-jones nabanye. zowakha@ilanganews.co.za

Ngiye enyangeni ngafika ngakhokha ur50 yase ingihlolel­a ingibhula ngeshoba ngase ngibona ukuthi zisebenza kanjani izinyanga...

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? UMANGETHE wezitimela usengumlin­gisi
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA UMANGETHE wezitimela usengumlin­gisi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa