KNOWLEDGE SIMELANE
mnandi kakhulu.
Into ekhinyabeza abaculi baseNingizimu Afrika wukuzenyeza nokufuna izinto ezisheshayo, abakwazi ukubekezela nokuzinika isikhathi sokucabanga.
Uma ufuna ukuba uphumelele kumele ube nesibindi, ulindele ukuthi uzoba nezingqinamba endleleni ngoba yonke into enemali phakathi ihambisana nezinselelo.
Okunye okusadida abaculi bakithi, wukungaculi ngendlela, bathembela kakhulu ezinsimbini kube yizo ezibaculelayo kanti yizinsimbi okumele zincike emculweni.
Uma umuntu eqamba iculo malibe nomqondo, kuthi noma ebuzwa ukuthi uqondeni ngalo akwazi ukuchaza. Amaculo kumele abe nezeluleko, umlando, akhuthaze ukuthandana nozinzo, angahlambalazi.
Abaqambi kumele bakubeke emiqondweni yabo lokho ngesikhathi beqamba, bangathathi imisho emibili baxhobele izinsimbi nezigubhu kube sekuphelile njalo.
Izinga lomculo emazweni aphesheya kwezilwandle liphakeme, bacubungula yonke into - ukudlalwa kwezinsimbi, amaphimbo, izinhlobo zomculo ngisho ukuqanjwa kwawo.
Sengathi kungaba khona amanxusa azozijuba ukwenza lo msebenzi wokusabalalisa umculo wabaculi bakithi emazweni omhlaba, nabo bangahlomula ngokwenze njalo ngoba bangakhokhelwa.
Kungakuhle futhi uma kungaba khona ongavula ihhovisi lokusiza abaculi, abafakele kuzozonke izinkundla zokuxhumana.
Umculo awuntshontshwa kakhulu emazweni aphesheya kwezilwandle kwazise iningi limi kahle kanti kuleli inkemane idla lubi. knowledge.simelane@ilanganews. co.za