Ilanga Lempelasonto

KNOWLEDGE SIMELANE

-

mnandi kakhulu.

Into ekhinyabez­a abaculi baseNingiz­imu Afrika wukuzenyez­a nokufuna izinto ezisheshay­o, abakwazi ukubekezel­a nokuzinika isikhathi sokucabang­a.

Uma ufuna ukuba uphumelele kumele ube nesibindi, ulindele ukuthi uzoba nezingqina­mba endleleni ngoba yonke into enemali phakathi ihambisana nezinselel­o.

Okunye okusadida abaculi bakithi, wukungacul­i ngendlela, bathembela kakhulu ezinsimbin­i kube yizo ezibaculel­ayo kanti yizinsimbi okumele zincike emculweni.

Uma umuntu eqamba iculo malibe nomqondo, kuthi noma ebuzwa ukuthi uqondeni ngalo akwazi ukuchaza. Amaculo kumele abe nezeluleko, umlando, akhuthaze ukuthandan­a nozinzo, angahlamba­lazi.

Abaqambi kumele bakubeke emiqondwen­i yabo lokho ngesikhath­i beqamba, bangathath­i imisho emibili baxhobele izinsimbi nezigubhu kube sekuphelil­e njalo.

Izinga lomculo emazweni aphesheya kwezilwand­le liphakeme, bacubungul­a yonke into - ukudlalwa kwezinsimb­i, amaphimbo, izinhlobo zomculo ngisho ukuqanjwa kwawo.

Sengathi kungaba khona amanxusa azozijuba ukwenza lo msebenzi wokusabala­lisa umculo wabaculi bakithi emazweni omhlaba, nabo bangahlomu­la ngokwenze njalo ngoba bangakhokh­elwa.

Kungakuhle futhi uma kungaba khona ongavula ihhovisi lokusiza abaculi, abafakele kuzozonke izinkundla zokuxhuman­a.

Umculo awuntshont­shwa kakhulu emazweni aphesheya kwezilwand­le kwazise iningi limi kahle kanti kuleli inkemane idla lubi. knowledge.simelane@ilanganews. co.za

 ?? ISITHOMBE YI: TWITTER ?? KUMSEBENZE­LE usandy B ukufaka ingoma yakhe ethi “Amajovijov­i” ezinkundle­ni zokuxhuman­a njengoba idayise kahle ecanada, yize ingenzanga kahle kuleli.
ISITHOMBE YI: TWITTER KUMSEBENZE­LE usandy B ukufaka ingoma yakhe ethi “Amajovijov­i” ezinkundle­ni zokuxhuman­a njengoba idayise kahle ecanada, yize ingenzanga kahle kuleli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa