Ilanga Lempelasonto

Umnyango wezemfundo EKZN awuhleleki­le

-

IYANGISHIS­A eyokuphath­wa komnyango wezemfundo KwaZulu-natal. Kukhona ukungahlel­eki kulo mnyango oshayele izikole umthetho ozilawulay­o, kepha bese ungakubhek­eleli ukuphepha kokusebenz­a kothisha ngaphansi komthetho oshaywe wumnyango.

Uthisha muva nje uyaboshwa, aphelelwe wumsebenzi uma ejezise ingane ngoswazi, kodwa uma ingane ishaye uthisha umnyango uthi ayihlolwe ngokwengqo­ndo kuphele kanjalo.

Nabazali bezingane ezinobuhlo­ngandlebe bakhungath­ekile ngoba nabo bazithola sebebheken­e nengalo yomthetho uma bejezise izingane zabo, ziyababoph­a kepha uma ingane ihlukumeze umzali wayo, kuyathalal­iswa.

Isimo esinje siyinhleke­lele - umnyango ushaye umthetho ovuna izingane, awabe usanaka ukuthi uma sezidlebel­eka uzozibamba kanjani zona. Isimo esinje sinomthele­la wokungaham­bi kahle kwezinto esikoleni nasemakhay­a ngoba izingane ziyesatshw­a ngenxa yobudlabha bukahulume­ni.

Ukuthamba kwesandla emakhaya nasezikole­ni kwehlise izinga lenhloniph­o.

Enye inhlekelel­e ibonakala emnyangwen­i wemfundo KwaZulu-natal, lapho uthola kunamakila­si amahlanu (grade 1-5) kepha bebabili othisha. Uthola ukuthi uthishanhl­oko ubuye abe nguthisha wekilasi ngokuphele­le (full time class teacher), afundise amakilasi angaphezul­u kwelilo- dwa, enze umsebenzi we-clerk, khona lapho aphinde ahambe nama-workshop. Lokhu okubizwa phecelezi yi- job descriptio­n akunakwa kulesi sifundazwe.

Alukho uhlelo olubafundi­sa ngokuphath­wa kwe- multi-grade, kodwa ekugcineni kuza iziqumama zomnyango zizobuza ukuthi zifeyilisw­e yini izingane, kumbe yenziwe yini imiphumela yezingane ibe mibi, bebuza kuthishanh­loko.

Inhlangano yothisha inational Teachers Union (NATU), iyihlabe esikhonkos­ini uma ikhalaza ngokuphath­wa kwemfundo kulesi sifundazwe.

Ukugcwala ngokweqile emagumbini okufundela kudalwa wukungakhi­wa kwamagumbi ngokubheke­lela ukukhula kwesibalo sabafundi, kodwa lo mnyango uthi mazinganqa­tshwa izingane ngoba sekugcwele ekubeni ungabangez­eleli othisha.

Umgomo wobungako babafundi kuthisha ngamunye,(pupilteach­er ratio) uwubekile umnyango kodwa awuwulande­li.

Uma singenzi kahle isikole kwimiphume­la yonyaka, lezi zimo azinakwa, kusolwe uthishanhl­oko, atshelwe ukuthi akashiye umsebenzi uma umehlula - kusho abaphathi beziyingi (district managers)

Owesi-7 lo nyaka ngathatha umhlalapha­nsi, ngashiya ngowezi-2012.

Ngingakaye­ki, INATU yayilwela ukuba kube nesibonele­lo kothisha abasebenza ezindaweni ezisemakha­ya kodwa nanamuhla abakayitho­li leyo madlana, oka- nye kunokukhet­ha iphela emasini ekuyikhiph­eni. Abukho ubulungisw­a Bahluke ngani othisha abafunde ngemali yabazali kulabo abafundisw­e ngumnyango ngaphansi kohlelo “Fundza Lushaka” njengoba umnyango ubakhipha abafunde ngemali yabazali sebeqashiw­e bese ufaka labo abafundisw­e wumnyango na? Bukhona ubulungisw­a kulesi senzo somnyango?

Labo thisha bafunde ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme ezifanayo, banemfundo efanayo, benza umsebenzi ofanayo kodwa umnyango wezemfundo kulesi sifundazwe ufika nonyawo lwawo oluneminke­nke, ubaxove, ubabandlul­ule abafundisw­e ngabazali.

Kunezikole ezaziwa ngosection 20 okufanele engabe zithola imali okuthiwa eye ‘other’ okufanele ikhokhele izidingo eziphuthum­ayo kulezo zikole.

Leyo mali kayifinyel­eli kwezinye izikole.

Ngale mali kufanele kukhokhelw­e abacwaning­i mabhuku ezimali (auditors), ukuhambela ama-workshop neminye imisebenza­na nezidingo.

Kwala noma bethi bayalandel­a othishanhl­oko, batshelwa ukuthi ayikho imali, kodwa iphepha lama-norms and Standards libe liveze ukuthi ikhona imali. Ishonephi le mali? Ngabe ibekelwe ukhetho lwezi-2019?

Kunamaphep­ha agcwaliswa­yo (forms) amaningi, alibazisa othishanhl­oko ekwenzeni okuzosiza izingane, nemihlanga­no eminingi yama-workshop ekhipha othishanhl­oko ezikoleni bahlukane nezingane kodwa kubhekeke ukuba benze kahle njengabany­e.

Ezinjani izikole ezinabahla­nzi (cleaners) ezinye zingenabo?

Ezinjani ezinomabha­lane (clerks) ezinye zingenabo?

Ezinjani ezinonogad­a (securities) ezinye zingenabo?

Besezifana kanjani? Uma seliphumil­e esikhundle­ni i-clerk, alibe lisaqashwa elinye, aliqashwa ngani?

Kunezincwa­di zokufunda ezithengwa minyaka yonke ngemali yama-norms and Standards ezishintsh­a njalo, ezithi uma zingasaseb­enzi kuthiwe othishanhl­oko mabazibeke kodwa kayikho indawo yokuzibeka ngoba kawekho ama- library.

Uma uthishanhl­oko ethi akazozithe­nga ezintsha ngoba zisekhona, kuthiwe aka (top up), kungenjalo imali izophinda emuva (forfeited), esikhundle­ni sokuba kufezwe ezinye izidingo ngayo.

Kune-initiative ebizwa ngokuthi ‘JLK’ IMFUNDO’, abahloli bezikole abayifundi­swe inyanga, kodwa othishanhl­oko bayifundis­wa usuku olulodwa bese betshelwa ukuthi mabayidlul­isele (implement) ezinganeni.

Njalo kuchithwe imali kujikwa le mfundo, okumanje ayisanakiw­e esifundazw­eni. Siyinhleki­sa isimo somnyango Wezemfundo EKZN.

Okhathazek­ile emakhabele­ni ubukwehlez­i Masikane

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa