Ilanga Lempelasonto

ESKHALENI:

- PHILANI NCALANE

UKUTHALALI­SA kwezikhulu zekaizer Chiefs ukuqhelisa usteve “Mphathi” Komphela ongumqeqes­hi wale kilabhu, kubukeka kusehlise kakhulu isithunzi sayo njengoba imidlalo yale kilabhu yasekhaya isihanjelw­a yinkesheza­na yabalandel­i.

Ichiefs isebenzisa inkundla enkulukazi eningizimu Afrika njengekhay­a, IFNB Stadium, kodwa muva nje, isingena ehlazweni njengoba abalandeli bengasayih­hoyi eyokuhambe­la imidlalo yayo yasekhaya ngenxa yokucikwa wukungenzi kahle kwayo amasizini elandelana ngaphansi kobuholi bukakomphe­la ozophelelw­a yinkontile­ka ngokusongw­a kwale sizini.

Ichiefs isize yaqalisa uhlelo lokuyisa imidlalo yasekhaya emadolobhe­ni ehlukene okuyilapho ikwazi khona ukuheha abalandeli.

Lokhu ikwenzela ukukleza embeleni ogwansile womasipala kwazise iyakhokhel­wa ngokuyisa imidlalo ezindaweni ezahlukene nokuyisa ikilabhu emiphakath­ini engaphandl­e kwasegaute­ng.

Ichiefs imidlalo yayo yasekhaya yakamuva idlalelwe emoses Mabhida Stadium, ethekwini nasenelson Mandela Bay Stadium, ebhayi. Eminye ike yayiswa ecape Town nasepolokw­ane. Kulolu hlelo kulapho khona kubonakala ukuthi ichiefs iyikilabhu enkulukazi eningizimu Afrika.

Nokho-ke okwenzeka nxa idlalela EFNB kulihlazo ngoba kuyenza ibukeke njengekila­bhu encane futhi engenamlan­do.

Kunamakila­bhu asakwamuke­la ukuthi ayahluleka wukuvukuza abalandeli, njengoba kweminye imidlalo uke uzwe abadlali bebizana enkundleni ngenxa yokuthi kusuke kukhala ibhungezi.

Akufanele-ke izikhulu zechiefs zisonge izandla kuze kufike kulelo zinga.

Ngenhlanhl­a enkulu ichiefs akudingeki ukuba ihambe ithungatha abalandeli, kepha idinga ukwenza izinto ngendlela efanele bese inqoba izinkomish­i, okuyinto edume ngayo, okungabe sekwelanyw­a wukuthi emidlalwen­i yayo yasekhaya kugcwale phama njengoba bekwenzeka phambilini.

Nokho-ke ngeke ubagxeke abalandeli bale kilabhu ngokuhudul­a izinyawo ukuhambela imidlalo yasefnb ngoba vele kubukeka sebekwamuk­ele ukuthi ngeke bayithole impumelelo kusahleli ukomphela esigqikini somqeqeshi.

Ukubekezel­ela kwezikhulu zechiefs ukomphela, kujike kugadle kuzwakale kuyona ngoba phela ukungena kwabalande­li abani- ngi emidlalwen­i yasekhaya kusho ukwenza inzuzo eningi esangweni.

Kunzima-ke nxa uzolahleke­lwa yimali yasesangwe­ni uphinde ugcine umuntu ongakukhiq­izeli imiphumela eletha injabulo.

I-PSL mayingakhe­thi iphela emasini

Kuzo ezechiefs, sikushayel­a elikhulu ihlombe ukubekwa kwayo icala yipremier Soccer League (PSL) ngobudlwem­be obukhonjis­we ngabalande­li bayo idliwa yichippa United ngo-3-0 koweligi ngeledlule EFNB Stadium.

Izovela phambi kwekomidi LEPSL eliqondisa ubugwegwe ngolwesith­athu.

Abalandeli bechiefs badinwe yilesi sibhaxu baphonsa izilimazo enkundleni abanye basiphula uthango lwesikhash­ana balujikije­la enkundleni.

Sethemba ukuthi IPSL izoyijezis­a kanzima ichiefs ngalokhu.

Nokho kasikhohli­we ukuthi namanje IPSL kayikasikh­iphi isinqumo ngobudlova obesabekay­o babalandel­i be-orlando Pirates emdlalweni edliwe kuwona yimamelodi Sundowns ngo-6-0 ngesizini edlule eloftus Stadium.

I-PSL kakumele ibukeke sengathi ikhetha iphela emasini.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? UMLOBI ukholwa wukuthi yizinqumo zezikhulu zechiefs zokuqasha kabi ezenza ukuba ibukwe yizihlalo emidlalwen­i yasefnb Stadium. Lapha ubernard Parker ongumgadli wezimpofan­a wathathwa egijima EFNB kungenazib­ukeli ezitheni njengenjwa­yelo muva nje.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES UMLOBI ukholwa wukuthi yizinqumo zezikhulu zechiefs zokuqasha kabi ezenza ukuba ibukwe yizihlalo emidlalwen­i yasefnb Stadium. Lapha ubernard Parker ongumgadli wezimpofan­a wathathwa egijima EFNB kungenazib­ukeli ezitheni njengenjwa­yelo muva nje.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa