BAMANQIKA UKUNWEBA I-OLD TRAFFORD
INOVALO lokuthi ingase iphenduke ondingasithebeni imanchester United njengoba kuhlongozwa ukuba inetshwe i-old Trafford okuyikomkhulu lale kilabhu ecijwa ngujose “The Special One” Mourinho wasePortugal.
Imanchester Supporters Trust, iphakamise ukuba kunetshwe le nkundla ukuze imumathe abantu abayizi-88 000. Njengamanje ilayisha abantu abayizi-74 994.
Itottenham Hotspur yaselondon, isebenzisa iwembley Stadium njengoba kulungiswa iwhite Hart Lane okuyinkundla yayo. Kuthiwa ingxenye ye-old Trafford enganwetshwa, yibobby Charlton Stand.
Urichard Arnold ongesinye sezikhulu zeman United, utshele abezindaba ukuthi akulula ukushiya kule nkundla.
“Inkundla eseduzane esingayisebenzisa yi-etihad. Manje kunzima ukuya kuyona ngoba abalandeli bethu ngeke bavume kwazise isetshenziswa yizimbangi, imanchester City.
Sizinze emanchester, kasikho elondon ngoba ukuba sikhona ngabe sisebenzisa iwembley.
“Siyikilabhu enezinkumbi zabalandeli ezweni lonke, ngakho-ke izinqu- mo esizithathayo kumele sizicabangisise.
"Siyasizwa isicelo sabafuna sinwebe inkundla kodwa kumele sisibukisise,” kusho u-arnold.
Imidlalo ye-english Premiership ehlelelwe namuhla ngesonto ihlelwe kanje:
Newcastle United vs Arsenal 14h30 (SS3).
Manchester United vs West Bromwich Albion 17h00 (SS3).
KUSASA NGOMSOMBULUKO
West Ham United vs Stoke City 21h00 (SS3).
NGOLWESIBILI
Brighton & Hove Albion vs Tottenham Hotspur 20h45 (SS3).
Eyespanish La Liga namuhla ngesonto ihlelwe kanje:
Eibar vs Deportivo Alaves 12h00 (SS7).
Atlètico Madrid vs Levante 16h15 (SS7).
Getafevs Espanyol 18h30 (SS7). Malaga vs Real Madrid 20h45 (SS7).
NGOLWESIBILI
Deportivo La Coruna vs Sevilla 19h30 (SS7).
Celta de Vigo vs Barcelona 21h00 (SS7).
Villarreal vs Leganes 21h30.