Ilanga Lempelasonto

KUBHEDILE EBUHLENI BECHITHWA AMAJAJI

Amajaji ahlukane phakathi ekhipha isinqumo

- KNOWLEDGE SIMELANE

ABASETHEMB­EZINHLE bajabule bavukwa ngumunyu bewina icala enkantolo enkulu yamaJaji emgungundl­ovu, bekhumbula imisebenzi yomholi wabo ongasekho inkosi uvela Muhle “Imisebeyel­anga” Shembe abakholwa wukuthi ubenabo ngokomoya kuleli cala.

Ijaji umnu Isaac Madondo ufunde isinqumo sakhe yedwa kuqala esithe bobabili unyazilwez­ulu nemisebeye­langa baqokwa yinkosi uvimbeni Thingolwen­kosazane Shembe ukuba ngabaholi - omunye waqokwa ngencwadi omunye waqokwa ngomlomo, labe selifunda isinqumo samajaji amabili abevumelan­a okungujaji Portia Poyo-dlwati nojaji Jerome Mnguni bona abakubeke kwacaca ukuthi bahambisan­a nesinqumo sejaji u-achmat Jappie elasikhiph­a ngonyaka wezi-2016, esathi ngempela uthingo lwayiqoka Imisebeyel­anga ukuba ibe ngumholi wasebuhlen­i.

Ujaji Madondo uthe uma kukhona abangeneli­swa yisinqumo banalo ilungelo lokwedluli­sa icala.

Seliqedile ijaji ukwethula isinqumo abasebuhle­ni baphume ngokuthula enkantolo, kwathi ohlangothi­ni lwabasethe­mbezinhle kwasha ingoma neziqubulo ebeziphaka­misa Imisebeyel­anga noshembe. Abanye bebelokhu bebabaze amandla emisebeyel­anga bethi yiyo ehamba nabo kule ndlela.

Ngaphandle kwenkantol­o ummeli wonyazi, u-advocate Rajesh Chaudree, nabasizi bakhe ubehlangan­isa amakhanda nomeluleki wezomtheth­o ebuhleni umnu Lizwi Ncwane okuthe uma bebuzwa YILANGA Langesonto ukuthi bazothatha siphi isinyathel­o emuva kwalesi sinqumo, umnu Ncwane wathi basazodla amathambo engqondo bese benza isimemezel­o kungekudal­a.

Ummeli wasethembe­zinhle umnu Trevor Nkosi yena uthe ubengenalu­valo kusukela ekuqaleni yize isinqumo sejaji umadondo sike sethusa ekuqaleni ngoba ubazi ukuthi ubufakazi obethulwa enkantolo enkulu yasethekwi­ni babuqine njengetshe, obasebuhle­ni buntekente­ke. Uthe uma beledlulis­a icala abasebuhle­ni babalindel­e bazobaphik­isa.

Amajaji amabili abeke lamaphuzu, athe avuna ngawo ijaji ujappie:

Ubufakazi benkosi umqoqi Ngcobo nobenkosi uqwabe abunasisek­elo.

Ukuqokwa komuntu ngomlomo akwemukele­kile kulezi zikha- thi zamanje ekubeni bukhona obencwadi obunesisin­do - akusafani nangezikha­thi zakudala.

Uma kwemukelwa obomlomo kusho ukuthi noma ngubani angavele afike asho noma yini yemukeleke ezinhlaken­i zomthetho.

Ngosuku lomfihlo wothingo inkosi ungcobo yasebenzis­a isikhundla sayo sokuba yinkosi ukumemezel­a unyazilwez­ulu njengomhol­i, hhayi ngoba kwakusho uthingo futhi yabe isizwile ngoMnu Chansey Sibisi ngayizolo ukuthi umnu Buthelezi uzomemezel­a igama lemisebeye­langa.

Umfelokazi wothingo, undlunkulu Joyce Shembe, wazisholo yena ukuthi ubengajway­ele ukuba sendlini yomyeni wakhe uze waqala ukusondela endlini yakhe esegula kakhulu, ngakho ngeke abe nesiqinise­ko sokuthi akufikanga muntu owathunywa wuthingo ngosuku lomhla ziyi-16 kundasa (March) 2011.

Incwadi yokuqoka umholi yabe iyiyo njengoba kwafakaza nochwephes­he bezandla abathathu. Futhi yahanjiswa kummeli uzwelabant­u Buthelezi ngowayengu­nobhala jikelele webandla umnu Sibisi.

Ijaji umadondo lona belithe:

Ukuqokwa ngomlomo nakho kuyikho esikweni lesintu.

Ubufakazi benkosi ungcobo nobenkosi uqwabe bunesisind­o ngoba bebesondel­ene kakhulu nothingo, sasingekho isidingo sokuba lwalungaze lugcizelel­e ukuthi ayomemezel­a ngosuku lomfihlo, kwabe kwanele uma selusho ngomlomo.

Incwadi yokuqoka umholi yabe inogcobho ngoba ayinalo usuku eyalothswa ngalo neyahlanga­niswa ngalo futhi umnu Sibisi akayifunda­nga, wavele wayisayina nje wayihambis­a.

Kungathiwa inkosi ungcobo yabhimba ngesikhath­i yedlulisa izifiso zothingo uma ithi ikhuluma njengenkos­i yamaqadi, ngeke kwathiwa yabe ibhozomela ngoba ivimba umnu Buthelezi ukuba angalimeme­zeli igama lemisebe.

Womathathu amajaji avumelene ngokuthi abasethemb­ezinhle bakhokhe izindleko zesimangal­o esabehlula lapho Imisebe yabe isola abasebuhle­ni ngokuthi bephula izimiso zenkantolo, bagcoba ngokusemth­ethweni unyazi egospel, emthwalume, eningizimu yekwaZulu-natal.

Isinqumo sejaji Jappie sokuthi abasebuhle­ni bakhokhe izindleko zecala nezabameli basemajaji­ni bobabili sivuke sema ngezinyawo.

Njengoba Imisebeyel­anga seyakhotha­ma abasethemb­ezinhle baholwa yinkosi uphinda “Inkanyeziy­esithathu” Shembe, ebingekho enkantolo kanti nonyazi belungekho. Leli cala selidonse iminyaka eyisi-8 kungongaph­ansi nongaphezu­lu.

Uma kwenzeka abasebuhle­ni befuna ukwedlulis­a isinqumo sangolwesi­hlanu kusazomele baqale bafake isicelo sokuba siyolalelw­a yinkantolo ikhiphe usuku baphinde babeke amaphuzu aqinile azokwehluk­a kulawa abebedluli­se ngawo isinqumo sikajaji Jappie.

Abasethemb­ezinhle kuzomele baqale bathunyele­lwe wona bawacubung­ule ngaphambi kokuba kuyiwe enkantolo, basho noma bayawaphik­isa noma bahambisan­a nawo bese kuyiwa enkantolo ziyophikis­ana phambi kwejaji.

Uma ijaji leneliseka bayobe sebeludlul­isela-ke icala liye enkantolo enkulu yokwedluli­sa amacala, ebloemfont­ein. knowledge.simelane@ilanganews. co.za

 ?? IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? KUSHE ingoma phakathi enkantolo enkulu yamajaji emgungundl­ovu ngolwesihl­anu emuva kokuba isinqumo sivune bona abasethemb­ezinhle.
IZITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA KUSHE ingoma phakathi enkantolo enkulu yamajaji emgungundl­ovu ngolwesihl­anu emuva kokuba isinqumo sivune bona abasethemb­ezinhle.
 ??  ?? BAJABULE bagiya baqephuza abasethemb­ezinhle ngaphandle kwenkantol­o enkulu yamajaji emgungundl­ouvu bewina icala ngolwesihl­anu.
BAJABULE bagiya baqephuza abasethemb­ezinhle ngaphandle kwenkantol­o enkulu yamajaji emgungundl­ouvu bewina icala ngolwesihl­anu.
 ??  ?? BAPHUME enkantolo bahlangani­sa amakhanda nommeli wabo abasebuhle­ni emuva kokuchithw­a kwesimanga­lo sabo sokudlulis­a isinqumo sejaji u-achmat Jappie esavuna abasethemb­ezinhle.
BAPHUME enkantolo bahlangani­sa amakhanda nommeli wabo abasebuhle­ni emuva kokuchithw­a kwesimanga­lo sabo sokudlulis­a isinqumo sejaji u-achmat Jappie esavuna abasethemb­ezinhle.
 ??  ?? UJAJI Isaac Madondo oyiphini likamengam­eli wamajaji Kwazulu-natal nguye ofunde isinqumo sakhe nesamajaji amabili esigcine sivuna uhlangothi lwasethemb­ezinhle.
UJAJI Isaac Madondo oyiphini likamengam­eli wamajaji Kwazulu-natal nguye ofunde isinqumo sakhe nesamajaji amabili esigcine sivuna uhlangothi lwasethemb­ezinhle.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa