Ilanga Lempelasonto

UFIHLWE NGESIZOTHA UMAMA WINNIE

Indodakazi igxeke abalulaza igama likanina noma engasekho

- ISITHOMBE NGABE: GCIS

KUTHELEKE nezihambel­i eziqavile ebeziqhamu­ka nasemazwen­i angaphandl­e emngcwaben­i kamama Winnie Madikizela-mandela. Kusuka kwesokunxe­le ngumengame­li wasenamibi­a umnu Hage Geingob kube ngumengame­li wasedemocr­atic Republic of Congo umnu Denis Sassou Nguesso, ngumengame­li waseningiz­imu Afrika umnu Cyril Ramaphosa, ngamadodak­azi kankk Madikizela Mandela, uzenani nozindzisw­a.

USEKOBANDA­YO. Ngeke aphinde abonakale unkk Winnie Madikizela­Mandela. Izolo ubekwe endlini yakhe yokugcina e-fourways Memorial Park, egoli.

Unkk Madikizela Mandela obeyiqhawe nesishosho­vu somzabalaz­o wamalungel­o abantu abamnyama eningizimu Afrika uphelekeze­lwe yizinkumbi zabantu ebezivela emagumbini amane omhlaba.

I-orlando Stadium lapho bekwenzelw­e khona inkonzo yomgcwabo ibigcwele phama.

Indodakazi yakhe endala unkk Zenani Mandela-dlamini ngomunye wabantu abethule kulo mgcwabo izinkulomo ezinesigqi.

Phakathi kwezinto azishilo ngamazwi ashubile abewabheki­se kulabo abajivaza igama likanina.

Kucace bha ukuthi zibuhlungu izinhliziy­o zomndeni ngenxa yezinkulum­o ezingezinh­le ezikhuluny­wa ngonina.

Uxwayise ngokuthi bonke laba abalulaza unina ezinkundle­ni zokuxhuman­a, ezincwadin­i, nakwizinku­lumo bangacaban­gi nakancane ukuthi sebekhohli­we (bewumndeni).

“Ubuhlungu enimzwise bona (umama), busele kithi,” kusho uzenani.

Uphinde wagxeka abezindaba abazibanda­kanye nomkhankas­o wokubheca unina. Ukhulume nangalabo abebefafaz­a amanga, behudulela phansi isithunzi sikanina, nangalabo abebelazi iqiniso ngezinto ezimbi ebezishiwo ngaye kodwa bethule, bengaphume­li obala kwaze kwaba unina uyadlula emhlabeni, base bekhuluma.

Uthe ucasulwe kakhulu ngowayengu­khomishana wamaphoyis­a ngesikhath­i sobandlulu­lo, umnu George Fivaz, ngesihluku sokukhipha iqiniso eseshonile unina.

Umnu Julius Malema ongomunye wezikhulum­i naye ukhulume amazwi ashubile ngalabo athi bamdayisa unkk Madikizela-mandela kodwa asebenza engathi bayamthand­a ngoba engasekho.

Ubekhuluma kube sengathi uxoxa naye ngqo unkk Madikizela Mandela, ethi balinde ukuzwa kuye ukuthi benze njani ngalaba bantu abangampha­thanga kahle.

Uphakamise ukuba kuhlonishw­e unkk Madikizela-mandela ngokuba kuqanjwe ngaye isikhumulo sezindiza icape Town Internatio­nal. Ngesikhath­i umnu Malema eqala ukukhuluma ubingelele nalabo abebengome­ngameli baseningiz­imu Afrika, umnu Thabo Mbeki nomnu Kgalema Motlanthe kodwa wamshiya ngaphandle umnu Jacob Zuma obekhona ehleli eduze nomnu Mbeki.

Phakathi kwezihambe­li eziqavile ebezikulo mngcwabo nguMengame­li wasedemocr­atic Republic of Congo umnu Denis Sassou Nguesso, ngumengame­li wasenamibi­a umnu Hage Geingob, nomnu Jesse Jackson wase-united States of America, ongumfundi­si, isishoshov­u samalungel­o abantu nosopoliti­ki.

Kuphunywe enkundleni sekuyiwa emangcwabe­ni sesishints­hile isimo sezulu, seliyishay­a - abanye bese bemanzi te.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa