Ilanga Lempelasonto

USEZOQHUBE­KA NOKUSAKAZA IKHUMBULEK­HAYA

- makhoba@ilanganews.co.za

SANDILE MAKHOBA

BAGCINE befinyelel­e esivumelwa­neni abakhiqizi bohlelo oluyintand­okazi KWISABC 1 ikhumbulek­haya, nomethuli walo u-andile Gaelesiwe, okubikwe ukuthi ubesabisa ngokululax­aza uma enganikwa iholo alifunayo.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngenyanga edlule ILANGA Langeso

nto libike ukuthi isimo besingesih­le phakathi kuka-andile nenkampani ekhiqiza ikhumbulek­haya, i-urban Brew, bekunokung­qubuza ngendaba yeholo.

Ukushayisa­na kwabo kuze kwathikame­za nokuqala kokuqoshwa kwesizini entsha yalolu hlelo, kwabuyiswa iziqephu zalo ezindala.

Ngolwesith­athu kuleli sonto u-andile uqalile ukwethula isizini entsha yalolu hlelo, kwacaca ukuthi ingqinamba ebikhona igcine isonjululi­we. Ethintwa yintatheli YELANGA

Langeso-nto u-andile ngolwesine uvele washo ngohleko oluncane wathi: “Ngangishil­o ukuthi ngeke ngishiye abalandeli bekhumbule­khaya kanjalo nje, kodwa angithandi ukuphawula ngezezimal­i njengoba ngangishil­o nasekuqale­ni ukuthi angivumele­kile ukukhuluma ngezimali.”

Phambilini imithombo yayiveze ukuthi okususe ukungqubuz­ana phakathi kuka-andile nabe-urban Brew wukuthi u-andile ubesefuna ukwenyusel­wa imali ifinyelele ku-r25 000 ngohlelo ngalunye, isuka ku-r15 000.

Okhulumela i-urban Brew ulawrence Molepo akathandan­ga ukuqinisek­isa indaba yamaholo ngesikhath­i ekhuluma NELANGA

Langeso-nto phambilini. Wathi leyo ithinta isisebenzi nomqashi.

 ?? ISITHOMBE NGABE: NEWS24.COM ?? UYAQHUBEKA nokusakaza ikhumbulek­haya u-andile Gaelesiwe.
ISITHOMBE NGABE: NEWS24.COM UYAQHUBEKA nokusakaza ikhumbulek­haya u-andile Gaelesiwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa