Ilanga Lempelasonto

Sihalalise­la amambazo amnyama ngempumele­lo

-

ILADYSMITH Black Mambazo yiqembu lomculo elilokhu liqhubeke njalo nokubeka iningizimu Afrika ebalazweni lomhlaba. Leli qembu siyaziqhen­ya kakhulu ngalo njengoba liqhakambi­sa umculo wesicatham­iya nolimi lwesizulu.

Ngolwesith­athu kusihlwa lamukelwe ngenkulu inhlokomo ngabalande­li balo njengoba belinyathe­la okokuqala kwelengaba­di ngemuva kokuhlaban­a nendondo ye-grammy.

Imambazo isihlabane kahlanu ngezindond­o zegrammy nokwenza kube yilona qembu ezwenikazi i-afrika eliphethe lo mlando.

Kuhle ukubona imisebenzi yezwe lethu ivelela nasemazwen­i aphesheya kwezilwand­le njengoba lokho kwakha isithombe esihle ngezwe lethu. Singasho singananaz­i nje ukuthi leli qembu lineqhaza elikhulu kabi ekuqhakamb­iseni iningizimu Afrika.

Siyazi futhi ukuthi ngolwesibi­li izophinde ilifulathe­le elakuleli njengoba izobe iyonandisa emcimbini omkhulukaz­i wokugubha usuku lwendlovuk­azi yamangisi, u-elizabeth II, elondon, e-united Kingdom.

Kuyaziwa ukuthi akuwona nje umcimbi omncane lona, kodwa wumcimbi odonsa amehlo emhlabeni jikelele.

Nokho okuqaphele­kayo futhi okudumazay­o wukuthi leli qembu ligila izimanga emazweni angaphandl­e kodwa eningizimu Afrika kalinakiwe ngendlela elibonakal­e linakwe ngayo emazweni angaphandl­e.

Lokhu kwakha isithombe esingesihl­e sokuthi siyizwe elingenakh­o ukwesekana.

Kumele ithole udumo oluyifanel­e iladysmith Black Mambazo naseningiz­imu Afrika.

Singekhohl­we futhi nayiciko elenza kahle kwezokukwe­bha amapuleti, ublack Coffee. Naye siyazi ukuthi uvelele emazweni angaphandl­e njengayo iladysmith Black Mambazo.

Mawesekwe lawa maciko ngoba mkhulu kakhulu umsebenzi awenzayo ngaphandle kokuthokoz­isa abantu. Ngisho nohulumeni wakuleli imbala kufanele abe neqhaza ekuweseken­i.

Siyayincom­a futhi imambazo ukuthi isashaya ngesitayel­a sayo sakudala - ayikaze ishintshe ngoba nakhu ihambela kakhulu amazwe aphesheya kwezilwand­le.

Lokhu kukhomba ngokusobal­a ukuthi leli qembu liyazigqaj­a ngokungokw­alo. Sithi halala Mambazo, ikakhuluka­zi kumsunguli wayo, usolwazi Joseph Shabalala, osethathe umhlala phansi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa