Ilanga Lempelasonto

Kuputshuke i-video yabahlubuk­a kwi-nfp

Bahlela ukuqala iqembu elisha

- LUCKY CAIN

ZIYAQINA izinsolo zokufufusa kweqembu elisha elizohlubu­ka kwinationa­l Freedom Party (NFP). Sekusabale­le i- video yomhlangan­o wamanye amalungu aleli qembu eliholwa ngunkk Zanele Kamagwaza Msibi, lapho bekudingid­wa khona ngezinhlel­o zokuhlubuk­a kwinfp, kuqalwe elisha.

ILANGA Langesonto liyibonile le video ekhombisa owesilisa ochazwe njengomnu Bheki Gumbi oyiphini likasihlal­o waleli qembu kuzwelonke, ekhuluma kulo mhlangano.

Kule video lo mlisa phakathi kwezinto azishoyo wukuthi ngoNhlaba (May) kuzomele basule ngokusemth­ethweni kwinfp bese beqala amalungise­lelo okusungula iqembu elisha.

“Sifuna kuthi kushaya ujuly (Ntulikazi) sibe silethula sesi- nobuholi besikhasha­na kuzo zonke izifundazw­e,” kusho lo mlisa.

Umthombo WELANGA Langesonto obukhona kulo mhlangano, ukuqinisek­isile ukuthi okhulumayo nguyena umnu Gumbi obuye abe ngusihlalo waleli qembu egauteng.

“Engingakus­ho wukuthi sizosungul­a into enkulu ezoshukumi­sa amanye amaqembu. Okwenzeke kwi-nfp okhethweni lohulumeni basekhaya ngowezi-2016 asifuni kusiphinde, yingakho sibone ukuthi sisheshe sishenxe,” kusho umthombo.

Uqhuba ngokuthi uma kubhekwa isimo seqembu njengamanj­e maningi amathuba okuba liphinde lingangene­li ukhetho lwangonyak­a ozayo.

Umthombo uthe: “Njengoba ubona isimo esikhona kwinfp, ubuholi bufana nento engekho. Ngowezi-2016 sahluleka wukungenel­a ukhetho sihlangene si- nobuholi obuphelele, manje izinto azihambi kahle - yini engenza silungenel­e lolu?”

Umnu Gumbi uqale wangena ezintangen­i ngesikhath­i ethintwa ngale video njengoba ebuze intatheli ukuthi inesiqinis­eko esingakana­ni sokuthi nguyena okhulumayo kuyona. Ngemuva kokucacise­lwa yintatheli ube esethi: “Okwamanje akukho engizokuph­awula kodwa konke kuzovela ngokuhamba kwesikhath­i.”

Ube esecela intatheli ukuba iphinde imshayele ngokuhamba kwesikhath­i, lapho ezobe esekwazi ukuchaza kabanzi ngokuzokwe­nzeka. Omunye umthombo udalule ukuthi okwenziwa ngumnu Gumbi akubethusi ngoba nasegauten­g lapho ebephethe khona INFP ayitholang­a sihlalo.

“Uzolithola idlanzana kodwa ngeke lithikamez­eke iqembu. Sikhuluma nje siphansi phezulu nemihlanga­no yokubumba iqembu ukuze siye okhethweni lwangonyak­a ozayo sibumbene futhi siqinile,” kusho umthombo.

Okhulumela I-NFP, usolwazi Nhlanhla Khubisa, uthi akhona amahemuhem­u ake awezwa ngabantu abafuna ukushiya iqembu bexovile kodwa akubethusi lokho.

“Uma ubheka njalo uma sekusondel­a isikhathi sokhetho baningi osomathuba abaqhamuka namaqembu angoqhibuk­howe,” kusho usolwazi Khubisa.

“Esigxile kukhona manje wukuhlela amagatsha ethu bese sibamba izinketho zangaphaka­thi ukuze silungisel­ele ukhetho lwangonyak­a ozayo,” esho. Usolwazi Khubisa ukuqinisek­isile ukuthi nakanjani INFP izolungene­la ukhetho lwangonyak­a ozayo.

lucky.cain@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UNKK Zanele Kamagwaza Msibi ongumengam­eli WENFP ekhungethw­e yizinkinga.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UNKK Zanele Kamagwaza Msibi ongumengam­eli WENFP ekhungethw­e yizinkinga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa