Ilanga Lempelasonto

ZIMANGAZE ABANINGI EZOKUSHIYA IPOLITIKI KUKA-DKT KHOZA

- INTATHELI YELANGA LANGESONTO

ISIMEMEZEL­O sikadkt Makhosi Khoza ( osesithomb­eni), owashiya kwi-african National Congress (ANC) wasungula elinye iqembu, sokuthi uyayilaxaz­a ipolitiki, sishaqe abaningi.

Izolo ushicilele incwadi kufacebook, ememezela ukuthi usethi khumu kwipolitik­i. Ngemuva kokushicil­ela le ncwadi, yinqwaba yabantu abaphawuli­le, bezwakalis­a ukushaqeka kwabo.

Kule ncwadi udkt Khoza uveze ukuthi usezozenze­la eminye imisebenzi ngaphandle kwepolitik­i. Phakathi kwezinto azozenza uthi uzosebenzi­sana nendodana yakhe ekuthuthuk­iseni izilimi zabamnyama eningizimu Afrika. Uthi ukushiya kwipolitik­i kuzomenza ukuba akwazi ukusebenza nabo bonke abantu baseningiz­imu Afrika, kungakhath­alekile ukuthi bakuliphi iqembu.

Ushiya kwipolitik­i nje inhlangano ayisunguli­le i-african Democratic Change (ADEC) ayikaqedi ngisho izinyanga eziyisi-6 ikhona. Futhi ushiya nje ibisivele ikhungethw­e yizinkinga ezingasuku­mi phansi zombango ebuholini bayo.

Kuke kwasabalal­a emithonjen­i yabezindab­a ukuthi kunokungqu­buzana ngaphakath­i ebuholini baleli qembu. Kuvele nokuthi kunamalung­u E-ADEC asebuholin­i angasamdin­gi udkt Khoza ngoba emsola ngokuthi ufuna ukulihlaka­za leli qembu ngaphambi kokhetho lukazwelon­ke ngonyaka ozayo.

Kukhona amalungu ake amsola ngokuthi uzisondeza kwi-anc, ngemuva kokuba kunqobe umnu Cyril Ramaphosa kwesokuba ngumengame­li WE-ANC enasrec, nyakenye.

Kuphinde kwasabalal­a nokuthi I-ADEC imumisile eqenjini udkt Khoza - umnu Thokozani Msomi obezibiza ngesekela likamengam­eli wathi udkt Khoza umiselwe ukuhudulel­a phansi igama leqembu.

Esitatimen­deni sikamnu Msomi ngaleso sikhathi, kuvele ukuthi udkt Khoza uzoqondisw­a ubugwegwe.

Kodwa konke lokhu ukuchithil­e udkt Khoza. Okhulumela inhlangano, unkz Feziwe Ndwayana, wathi labo abathi makamiswe udkt Khoza, abathathwa njengamalu­ngu eqembu.

Udkt Khoza ubeyilungu LE-ANC kusukela ebuncaneni bakhe ngaphambi kokuba anqume ukuyishiya ngonyaka owedlule ngenxa yezinkinga.

Kuyaziwa ukuthi uphume kwiANC kungasekuh­le njengoba ubesenyama­nambana kwabaningi ngaphakath­i kuyona.

Izolo unkz Ndwayana akatholaka­langa ukuba aphawule, aqinisekis­e ukuthi iqembu seliyithol­ile yini incwadi yokwesula kadkt Khoza nokuthi achaze ngokuzokwe­nzeka.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa