Ilanga Lempelasonto

KUNCONYWE IGALELO LIKASKWEYI­YA

-

IZINKUMBI zabantu zibuthelan­e echristian Revival Church epretoria, izolo enkonzweni yomngcwabo kadkt Zola Skweyiya, oshone ngeledlule eneminyaka engama-75 emuva kokugula isikhashan­a.

Phakathi kwabebezot­hi ndlelanhle kubalwa umengameli wezwe umnu Cyril Ramaphosa nowayengum­engameli kuleli umnu Thabo Mbeki, umnu Pallo Jordan, udkt Nkosazana Dlamini-zuma nabanye.

Umnu Jordan uchaze udkt Skweyiya njengomunt­u obethobeki­le.

“Ubeyindoda ekwazi ukwenza umsebenzi ngokuthula nangokukhu­thala, enganakeki­le. Izithelo zomsebenzi wakhe bezithokoz­isa,” kusho yena.

Udkt Zweli Mkhize onguNgqong­qoshe wezokubusa ngokuBambi­sana nezomdabu ekhuluma kule nkonzo, uthe I-ANC imenzele phansi udkt Skweyiya.

Kuzokhumbu­leka ukuthi kwake kwaba nesigameko lapho udkt Skweyiya wenqatshel­wa ukungena ekomkhulu LE-ANC, eluthuli House, egoli.

“Kasibanga khona isinqumo sokuthi kuvalwe umnyango kodwake kwenzeka. Kuyisinqum­o esibi ngisho kungabe sasithathe­lwa bani, angisaphat­hi-ke okomuntu ongumholi wenhlangan­o, indoda echithe impilo yayo yonke ilwela inkululeko,” kusho udkt Mkhize.

Umengameli Ramaphosa naye uvumile ukuthi iqembu elibusayo lamenzela phansi udkt Skweyiya.

“Ukuba qotho yiyona nto ebimhola impilo yakhe,” kusho umnu Ramaphosa.

Uskweyiya uke wabamba izikhundla ezahlukene kwezepolit­iki okubalwa kuzo esokuba ngungqongq­oshe wezisebenz­i zikahulume­ni kusaphethe umnu Nelson Mandela, waba ngungqongq­oshe wezenhlala­kahle ngesikhath­i kusaphethe umnu Mbeki.

Ushiye emhlabeni inkosikazi yakhe uthuthukil­e, amadodana amathathu uvuyo, ukhethukut­hula novukani namadodaka­zi amabili uphila nomandisa nabazukulu abayi-12.

tzondi@ilanganews.co.za

 ??  ?? UBEKWE endaweni yakhe yokugcina udkt Zola Skweyiya. ISITHOMBE NGABE: SABC
UBEKWE endaweni yakhe yokugcina udkt Zola Skweyiya. ISITHOMBE NGABE: SABC

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa