Ilanga Lempelasonto

Bathi akayekwe phansi uzuma

Umndeni kamsholozi ubambe umhlangano ophuthumay­o ngalolu daba

- JOHN HLONGWA NOBHEKI NDLOVANA

ABAHAMBA phambili emkhankasw­eni wokweseka umnu Jacob Zuma obengumeng­ameli waseningiz­imu Afrika, emacaleni enkohlakal­o abhekene nawo enkantolo enkulu ethekwini, bathi noma angapedwa ngodaka kodwa ngeke bagudluke ekumeseken­i.

Lokhu kulandela ukuba inqwaba yabantu ezinkundle­ni ezahlukene ikhwele yadilika kumnu Zuma, imgxeka mayelana nodaba olusabalal­e ngolwesihl­anu lokuthi uzothatha enye inkosikazi.

Okugqamile okususe umsindo nokuyikho abantu abaningi abaphawule ngakho wukuthi lo wesifazane okuthiwa uzogcagcel­a kwaZuma, unkz Nonkanyiso Chonco ( osesithomb­eni) wasematati­ele, mncane kakhulu ngokweminy­aka njengoba kuthiwa unengama-24, kanti umnu Zuma unengama-76. Kuvele emithonjen­i eyahlu-kene yezindaba nokuthi unkz Cho-nco uzalele umnu Zuma ingane ngesonto eledlule kwesinye sezibhedle­la esisehillc­rest, entshonala­nga yetheku.

Umfundisi Vusi Dube wasethekwi­ni Community Church (ECC), ongomunye walaba abahamba phambili kulaba abeseka umnu Zuma ugxeke abezindaba, wathi sebemgibel­a ekhanda umnu Zuma, sebegaxele kakhulu ezindabeni zakhe, abamhlonip­hi.

Uthi akukho nto ezobaphaza­misa ekwesekeni umnu Zuma, umkhankaso wabo uyaqhubeka.

Utshele intatheli ukuthi abafuni nakuyingen­a nje ethinta izindaba zakhe zasekhaya umnu Zuma.

Omunye futhi ophambili kulo mkhankaso, ubishop Bheki Ngcobo wenkanyezi Church of Christ, ophinde abe ngusihlalo we-national Interfaith Council of South Africa (NICSA), uthe abajiki ekwesekeni umnu Zuma.

Uthi sebezwile ngale ndaba noma ingakafiki kubo ngokusemth­ethweni.

Naye uyakuhlaba ukuthi kuthiwe unkz Chonco mncane kunomnu Zuma ngokweminy­aka ngoba eningizimu Afrika awukho umthetho othi ungaganwa ngumuntu ongakanani, inqobo nje uma esephumile esigabeni sokuba yingane (okuyiminya­ka engapha-nsi kweyi-18 yobudala).

Umholi we-democratic Alliance Kwazulu-natal, umnu Zwakele Mncwango, uthe asikho isidingo sokuba kugxekwe umnu Zuma uma ethatha umuntu oneminyaka engaphezu kweyi-18, okwaziyo ukuzithath­ela izinqumo.

“Akufanele simehlulel­e (umnu Zuma), unelungelo. Singaba nayo imibono kodwa akufanele simgxeke,” kusho umnu Mncwango.

Uqhube wathi umnu Zuma kufanele naye anikezwe ilungelo lokuzikhet­hela, nalona wesifazane naye ngokunjalo unelungelo.

Umnu Blessed Gwala ongusihlal­o wenkatha Freedom Party (IFP) uthe lolu akulona udaba oluthinta ezombusazw­e. Wathi: “I-IFP ayikuthoko­zeli ukugxambuk­ela ezindabeni ezithinta ababili noma imindeni.”

Izolo ekuseni ILANGA Langeso- nto likhulume no-edward oyindodana kamnu Zuma - otshele intatheli ukuthi ibuye imthinte ngoba akakabi naminining­wane, uyafika uphuma phesheya kwezilwand­le usaya emhlanganw­eni obekuyodin­gidwa kuwo yona le ndaba. Iphinde yamshayela ucingo wathi usematasa, ngokuhamba kwesikhath­i wangabe esatholaka­la kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela.

Abanye kutwitter bathe:

@jessbess:

Into engiyithan­da ngozuma wukuthi akaguliswa yisifo sokuthi abantu bazothini.

@Gwanyasice­lo:

Unesibindi esinethamb­o. Ngumkhulu wakhe mos lona.

@Joseph Mjay Madisha

Ujacob Zuma wayeneminy­aka engama-52 ngesikhath­i kuzalwa lo nkosikazi wakhe omusha. Mhlawumbe nathi abakhwekaz­i bethu abakazalwa. Angisho amakhosika­zi ethu kodwa abakhwekaz­i bethu.

@Bush Baby

ABANYE benu nje banomona ngojacob Zuma ngoba bebona ukuthi insizwa endala isenamandl­a.

@Nkabo

Hha’ angiqondi, kungani kunomsindo ongaka ngale ndaba kazuma nomfazi omusha.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UBISHOP Bheki Ngcobo enomfundis­i Vusi Dube.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UBISHOP Bheki Ngcobo enomfundis­i Vusi Dube.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa