UMCULI UBALISA NGENKAMPANI YOKUQOPHA
KUVUKA iminjunju kucwebe izinyembezi kumculi, uscelo Gowane, uma echaza ngesikhathi asichithe esayine ngaphansi kwenkampani itouch Africa Records.
ILANGA Langesonto lihabule ukuthi ligcine ligqashukile igoda phakathi kwalo mculi nale nkampani ephethwe ngumdu Ngcobo.
Exoxa naleli phephandaba uscelo ngokugqashuka kwegoda, ukucacisile ukuthi akanayo nencane inkinga nomnikazi wale nkampani.
“Nakuba ngifikelwa wusizi uma ngikhuluma ngeminyaka engiyihlale kwitouch Africa kodwa anginanxa naye futhi sisazoqhubeka sisebenzisane,” kusho lo mculi ngaphambi kokuchaza ngembangela yokushiya le nkampani.
Uthi ubenenkontileka yeminyaka emithathu nale nkampani, enesivumelwano sokukhipha i-albhamu eyodwa.
“Okubuhlungu wukuthi kule minyaka ngigcine ngikhipha ingoma eyodwa vo ngokusemthethweni. Ngizenzile izingoma kodwa zagcina zingaphumanga ngokusemthethweni,” echaza. Uthi njalo uma ebuza ngodaba lwe-albhamu ubetshelwa ukuthi makalinde. “Ngizamile uku- bekezela kodwa ngenxa yokuthi iminyaka iyahamba kumele kube khona okuphathekayo ngekusasa lami ngabona ukuthi kungakuhle ukuba ngishiye ngoba bese kungicacela ukuthi ngeke iphume i-albhamu yami,” kusho uscelo othi njengamanje usasebenza ngokuzimela.
Uthi nakuba kucweba izinyembezi ngeminyaka athi imoshekile ekule nkampani kodwa uyohlale elibonga ithuba alitholile lokunandisa emicimbini ye-jazz ebihlelwa yile nkampani.
“Nginesifiso sokuthi noma sengiphumile etouch Africa kodwa siqhubeke nokubambisana,” esho.
Uscelo uthi maduze uzodedela ingoma apike kuyona undot.
“Okungichaza ngale ngoma wukuthi izohlanganisa izinhlanga ezahlukene futhi izokwazi ukudlala emisakazweni eyahlukene ngoba yehlukile kunalezo abantu abese bengijwayele ngazo,” echaza ngale ngoma esihloko sithi “Grind”.
Ungcobo ethintwa, uthe akukho azokuphawula ngoba usezisholo yena uscelo.
“Engingakusho wukuthi etouch sizokhipha ama-albhamu amathathu kulo nyaka,” esho ebala ekanaima Kay, ekalasandra noprince M.
lucky.cain@ilanganews.co.za