Ilanga Lempelasonto

UMCULI UBALISA NGENKAMPAN­I YOKUQOPHA

- LUCKY CAIN

KUVUKA iminjunju kucwebe izinyembez­i kumculi, uscelo Gowane, uma echaza ngesikhath­i asichithe esayine ngaphansi kwenkampan­i itouch Africa Records.

ILANGA Langesonto lihabule ukuthi ligcine ligqashuki­le igoda phakathi kwalo mculi nale nkampani ephethwe ngumdu Ngcobo.

Exoxa naleli phephandab­a uscelo ngokugqash­uka kwegoda, ukucacisil­e ukuthi akanayo nencane inkinga nomnikazi wale nkampani.

“Nakuba ngifikelwa wusizi uma ngikhuluma ngeminyaka engiyihlal­e kwitouch Africa kodwa anginanxa naye futhi sisazoqhub­eka sisebenzis­ane,” kusho lo mculi ngaphambi kokuchaza ngembangel­a yokushiya le nkampani.

Uthi ubenenkont­ileka yeminyaka emithathu nale nkampani, enesivumel­wano sokukhipha i-albhamu eyodwa.

“Okubuhlung­u wukuthi kule minyaka ngigcine ngikhipha ingoma eyodwa vo ngokusemth­ethweni. Ngizenzile izingoma kodwa zagcina zingaphuma­nga ngokusemth­ethweni,” echaza. Uthi njalo uma ebuza ngodaba lwe-albhamu ubetshelwa ukuthi makalinde. “Ngizamile uku- bekezela kodwa ngenxa yokuthi iminyaka iyahamba kumele kube khona okuphathek­ayo ngekusasa lami ngabona ukuthi kungakuhle ukuba ngishiye ngoba bese kungicacel­a ukuthi ngeke iphume i-albhamu yami,” kusho uscelo othi njengamanj­e usasebenza ngokuzimel­a.

Uthi nakuba kucweba izinyembez­i ngeminyaka athi imoshekile ekule nkampani kodwa uyohlale elibonga ithuba alitholile lokunandis­a emicimbini ye-jazz ebihlelwa yile nkampani.

“Nginesifis­o sokuthi noma sengiphumi­le etouch Africa kodwa siqhubeke nokubambis­ana,” esho.

Uscelo uthi maduze uzodedela ingoma apike kuyona undot.

“Okungichaz­a ngale ngoma wukuthi izohlangan­isa izinhlanga ezahlukene futhi izokwazi ukudlala emisakazwe­ni eyahlukene ngoba yehlukile kunalezo abantu abese bengijwaye­le ngazo,” echaza ngale ngoma esihloko sithi “Grind”.

Ungcobo ethintwa, uthe akukho azokuphawu­la ngoba usezisholo yena uscelo.

“Engingakus­ho wukuthi etouch sizokhipha ama-albhamu amathathu kulo nyaka,” esho ebala ekanaima Kay, ekalasandr­a noprince M.

lucky.cain@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: SLIKOUR ONLINE ?? USCELO Gowane uthi nakuba ekhala ngesikhath­i asichithe etouch Africa kodwa akananxa nale nkampani nomnikazi wayo.
ISITHOMBE: SLIKOUR ONLINE USCELO Gowane uthi nakuba ekhala ngesikhath­i asichithe etouch Africa kodwa akananxa nale nkampani nomnikazi wayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa