Ilanga Lempelasonto

Bakhala ngokungaho­lelwa abozalo

Bagxeka kakhulu i-

- THANDI ZONDI

BAKHALA ngokungakh­okhelwa abalingisi ababizwa ngezikhath­i ezithile bomdlalo kamabonaku­de owuchungec­hunge otshengisw­a KUSABC 1 nsukuzonke ngo 20h30, uzalo.

Laba balingisi bathi okwenziwa kulo mdlalo sekufana nomdlalo wekati negundane njengoba belokhu bebanjiswa utalagu. Omunye wabakhala ngokuthi abakhokhel­we uthi akasenanda­ba noma sekungenze­ka noma yini ngoba usekhathel­e ukuncelwa igazi.

“Ngidinwe ngiyaqhuma sisi, akukwazi ukuthi ngingasebe­nza kanje kodwa ngisebenze­le amahhala. Ngoba singabantu ngiyaqonda ukuthi kwesinye isikhathi kuyenzeka ukuthi singakhokh­elani ngesikhath­i kodwa akukwazi ukuthi inyanga elandelayo ize iphele golokoqo ube ungawuthol­ile umholo wenyanga eyedlule,” kusho lo mlingisi kuzwakala ukuthi udinwe uyaqhuma.

Laba balingisi bakhala ngenkampan­i ephethe abalingisi besikhasha­na ebizwa ngokuthi yimizan Casting Agency.

Phambilini kuthiwa bekungcono ngoba imali ubuyithola esandleni oyisebenzi­le kodwa selokhu kuqashwe le nkampani imizan sekunzima kakhulu. Omunye umthombo uthe: “Sibaningi sinenkinga efanayo. Abanye banovalo lokuthi uma beke bavula umlomo ngamaholo ngeke besaphinde babizwe.

“Mina angisendab­a, engikwenza­yo kangikwenz­i ngoba ngiqhutshw­a yindlala noma ngifisa ukuvela kumabonaku­de kodwa ngikwenza ngenxa yothando. Yize kunjalo kodwa lokho kakusho ukuthi ngizoseben­za mahhala,” kuphetha lo mlingisi.

Omunye umlingisi naye ongathanda­nga ukuba lidalulwe igama lakhe uthi kusebenze- ka kahle kuzalo kodwa okuyinking­a amaholo. “Sekuphele izinyanga ezintathu ngingakhok­helwe. Abanye banezimali abakweletw­a zona zangonyaka owedlule.

“Ngike ngababikel­a bathi aba- khohliwe yimina, sengivele ngayikhiph­a ekhanda lami le mali,” kuchaza yena.

Uzodwa Zuma ongumnikaz­i weMizan Casting Agency uphike walala ngomhlane ukuthi kabakhokhe­lwe abalingisi, wathi ngama- mpunge wodwa lawo. Akathandan­ga ukucacisa.

“Akusilona iqiniso lokho, ngicela ukungakhul­umi ngalolu daba,” kusho yena.

tzondi@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa