Bakhala ngokungaholelwa abozalo
Bagxeka kakhulu i-
BAKHALA ngokungakhokhelwa abalingisi ababizwa ngezikhathi ezithile bomdlalo kamabonakude owuchungechunge otshengiswa KUSABC 1 nsukuzonke ngo 20h30, uzalo.
Laba balingisi bathi okwenziwa kulo mdlalo sekufana nomdlalo wekati negundane njengoba belokhu bebanjiswa utalagu. Omunye wabakhala ngokuthi abakhokhelwe uthi akasenandaba noma sekungenzeka noma yini ngoba usekhathele ukuncelwa igazi.
“Ngidinwe ngiyaqhuma sisi, akukwazi ukuthi ngingasebenza kanje kodwa ngisebenzele amahhala. Ngoba singabantu ngiyaqonda ukuthi kwesinye isikhathi kuyenzeka ukuthi singakhokhelani ngesikhathi kodwa akukwazi ukuthi inyanga elandelayo ize iphele golokoqo ube ungawutholile umholo wenyanga eyedlule,” kusho lo mlingisi kuzwakala ukuthi udinwe uyaqhuma.
Laba balingisi bakhala ngenkampani ephethe abalingisi besikhashana ebizwa ngokuthi yimizan Casting Agency.
Phambilini kuthiwa bekungcono ngoba imali ubuyithola esandleni oyisebenzile kodwa selokhu kuqashwe le nkampani imizan sekunzima kakhulu. Omunye umthombo uthe: “Sibaningi sinenkinga efanayo. Abanye banovalo lokuthi uma beke bavula umlomo ngamaholo ngeke besaphinde babizwe.
“Mina angisendaba, engikwenzayo kangikwenzi ngoba ngiqhutshwa yindlala noma ngifisa ukuvela kumabonakude kodwa ngikwenza ngenxa yothando. Yize kunjalo kodwa lokho kakusho ukuthi ngizosebenza mahhala,” kuphetha lo mlingisi.
Omunye umlingisi naye ongathandanga ukuba lidalulwe igama lakhe uthi kusebenze- ka kahle kuzalo kodwa okuyinkinga amaholo. “Sekuphele izinyanga ezintathu ngingakhokhelwe. Abanye banezimali abakweletwa zona zangonyaka owedlule.
“Ngike ngababikela bathi aba- khohliwe yimina, sengivele ngayikhipha ekhanda lami le mali,” kuchaza yena.
Uzodwa Zuma ongumnikazi weMizan Casting Agency uphike walala ngomhlane ukuthi kabakhokhelwe abalingisi, wathi ngama- mpunge wodwa lawo. Akathandanga ukucacisa.
“Akusilona iqiniso lokho, ngicela ukungakhulumi ngalolu daba,” kusho yena.
tzondi@ilanganews.co.za