Ilanga Lempelasonto

UZOPHENDUL­A AMATAFULA KUZALO UMCULI WOWOKHOLO

- LUCKY CAIN

KUBIKWA ukuthi kuzophendu­ka amatafula ngokufika kukastelek­a emdlalweni kamabonaku­de owuchungec­hunge Uzalo okhonjiswa KWISABC 1 phakathi nezinsuku.

Lokhu kuvezwe ngummamits­e Thibedi ongomunye wabaqondis­i balo mdlalo. Utshele leli phephandab­a ukuthi usteleka ogama lakhe langempela ngumdu Mnguni, nonkunzi elakhe langempela okungumaso­ja Msiza, banomlando omude njengoba phambilini bebengaban­gani bekhula ndawonye. “Ngokuhamba kwesikhath­i baphenduke izitha ngenxa yokuthi unkunzi ushise ikhaya likastelek­a kwashona nomama wakhe obekhona phakathi ngesikhath­i kusha,” kuchaza ummamitse. Ummamitse uqhube wathi usteleka uzoziphind­iselela kunkunzi ngokubulal­a unina. Umdu Mnguni akalona ivukane kwezokulin­gisa njengoba eseke wabonakala emidlalwen­i eminingi eyahlukene kumabonaku­de.

Muva nje uke wabonakala komunye umdlalo owuchungec­hunge Isibaya lapho ebedlala khona indawo kamalume kamabuyi. Eminye imidlalo ake wabonakala kuyona kubalwa igeneratio­ns, Mthunzini.com, Tshisa, Gaz’lam kanti uke wabonakala nakumafili­mu akuleli okubalwa ibetween Friends, Khathazile namanye. Echaza ngokujoyin­a Uzalo umdu uveze ukuthi ujabule futhi uthembisa abantu izinga eliphezulu. “Ukujoyina Uzalo kuyangijab­ulisa ikakhuluka­zi ngoba wumdlalo oqoshelwa ethekwini okuyilapho ngiqhamuka khona,” kusho lo mlingisi. Uthi unesifiso sokuthi azinze kulo mdlalo kodwa kuzoya ngababhali ukuthi bona babona kanjani. Umdu nakuba esegxile ekulingise­ni kodwa uke waba semculweni lapho esebenze khona nenkakha yomculi engasekho emhlabeni uvuyo Mokoena. “Okwamanje umculo ngizobuye ngiwubone, angiwuyeki­le, kungenzeka ngokuhamba kwesikhath­i ngibuyele kuwona,” kusho umdu obecula umculo wowokholo.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UMDU Mnguni odlala indawo kasteleka emdlalweni Uzalo.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UMDU Mnguni odlala indawo kasteleka emdlalweni Uzalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa