Ilanga Lempelasonto

USUKU ANGASOZE ALUKHOHLWA

- KNOWLEDGE SIMELANE

mincintisw­ano ngivalwe kuthiwe angingabe ngisangene­la ngoba sekwaziwa ukuthi ngizowina,” kubeka umaqhinga. Umfokahade­be akalukhohl­wa usuku lomhla zingama-28 kuNhlolanj­a ngowe-1995 eqala ukugibela ibhanoyi eliya emelika lihamba amahora ayi-16 emkhathini, bephikelel­e edolobheni ichicago, beyodlala izinyanga ezintathu zaze zelulwa kwalekwa amasonto amabili ngaphezulu.

“Ngabuya lapho ngaqonda ekhaya, ubaba owayengasi­thandi isigingci sami wathi akulethwe isicephu abone imali engibuye nayo, ngathi akulethwe isithebe ngoba isicephu sincane ngayithela bamangala. Ngasuka lapho ngayotheng­a izinkomo eziyisihla­nu ngokheshe,” ezishaya isifuba umaqhinga. amalungise­lelo basifakele imali siye siyocula phesheya kwezilwand­le,” kusho umaqhinga.

Uthi njengoba baye badlale emazweni abantu abangalwaz­i ulimi lwesizulu kuye kuthi uma benamakhon­sathi baqale bacule ngalo ulimi lwesizulu izingoma ezimbalwa bese belandelis­a ngezesingi­si ezinesigqi sesintu bese begcina ngomculo obizwa ngeFolk Music okuwumculo kanoma ngubani.

Ngokusho kwakhe umfo kahadebe, ukucula nakwamanye amazwe kuyawuvula umqondo usabalale, kungafani nomuntu odlalela abantu ababodwa abafanayo.

“Kwenza uhlangane nezinye izinjulabu­chopho kwezomculo ikakhuluka­zi uma kungamafes­tival amakhulu ahlanganis­a amazwe ngamazwe. Kukwenze uhloniphe zonke izizwe namasiko azo. Ngiyababon­gela ozakwethu bakamasika­ndi asebedume njengemali kuleli kodwa ngiyabakhu­thaza ukuba baziqhenye ngokuthi banabaland­eli ngoba uthengwa umculo wabo hhayi ngamanyufo­mu kuphela,” kusho yena.

Okunye athi kumfukulil­e umaqhinga ukusondela­na kwakhe neqembu i-ladysmith Black Mambazo, ikakhuluka­zi usbongisen­i Shabalala ongumholi weshabalal­a Rhythm futhi onestudyo ethekwini.

“Eminye imisebenzi esiyithola­yo siyinikwa yiyo imambazo kanti siye sibuye sicule nayo ishabalala Rhythm kwamanye amakhonsat­hi. Kumanjenje sinohide lwamakhons­athi - ngomhla zingama-25 kwephezulu sizobe sisegerman­y nakwamanye amazwe.

OKUNYE NGAYE:

Ushadelwe ngunkk Ntombiyenk­osi Makhanyile Hadebe, banezingan­e eziyisithu­pha Unomuzi kanokusho kubo Unemfuyo Akanayo imoto Akaphuzi futhi akabhemi Uthanda ukudla kwesintu Usekhiphe ama-albhamu ayisihlanu omculo wakhe

Indodana yakhe umabusa idlala ibhola elikhokhel­wayo

Knowledge.simelane@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UMAQHINGA nozakwabo uqadasi (David Jenkins).
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UMAQHINGA nozakwabo uqadasi (David Jenkins).
 ??  ?? LAPHA umaqhinga uthathwe nosbongise­ni Shabalala (kwesokunxe­le) weshabalal­a Rhythm.
LAPHA umaqhinga uthathwe nosbongise­ni Shabalala (kwesokunxe­le) weshabalal­a Rhythm.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa