Ilanga Lempelasonto

SEKWENGEZW­E UMKLOMELO EMCIMBINI KAMASKANDI

- MTHOBISI SITHOLE

SEKWENGEZW­E omunye umklomelo wemali ozobangwa yizinkunzi zikamaskan­di emcimbini wazo ohlelwe ngenhloso yokwelula isandla kubaculi balolu hlobo lomculo.

Lo mcimbi, IMTN Masikandi Festival, uzokuba sezinkundl­eni zemidlalo ecurries Fountain ethekwini, ngomgqibel­o ozayo. Sekuvezwe ukuthi njengoba bekubekwe isiteki semali engango-r50 000 nezinkomo ezinhlanu, sekufakwe omunye u-r50 000 ngaphezulu.

Lokhu kwenzelwa ukuba uma kukhona umculi ongawinang­a ngokuba ku-downlodwe kakhulu izingoma zakhe, kodwa ofike nabalandel­i abaningi emcimbini, ahlomule ngale mali.

Omunye wabahleli balo mcimbi, unkz Tumi Khowa, uthi kwesinye isikhathi kunabaland­eli abangakukh­uthalele ukuvota kodwa uma sekunomcim­bi bese bephuma ngobuningi bezokwesek­a iqhawe labo.

“Inhloso yethu ngukuba kungahlomu­li umculi oyedwa. Umculi ozofika nabalandel­i abaningi ngosuku lomcimbi, noma ngabe wehlulekil­e ukunqoba kuma-downloads, le mali uzokhala emuke nayo,” kusho unkz Khowa.

Uthi kuzophinde kuqeqeshwe abalandeli ngokuthi luhamba kanjani uhlelo loku-downlodwa kwezingoma zabaculi nokuthi kuzobahlom­ulisa kangakanan­i ngokuhamba kwesikhath­i.

Kulo mcimbi kuboshelwe inqwaba yabaculi okubalwa kubo ushwi nomtekhala, osaziwayo, Bahubhe, Mjikijelwa, Majotha, Amageza Amahle, Jaivazimni­ke, Khuzani, igcokama Elisha, Mfezemnyam­a, Qhosha, Dlubheke, Buselaphi, ithwasa Lekhansela, Cevuzile nabanye.

Esangweni kuzongenwa ngokuba umlandeli athenge ama-data enani lika-r30 alisebenzi­se kwinetwork yakwamtn. ILANGA lingabaxha­si balo mncimbi.

mthobisis@ilanganews.co.za

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: YOU TUBE ?? Amagcokama azobe eyingxenye yomncintis­wano womasikand­i wesiteki ecurries Fountaion.
ISITHOMBE: YOU TUBE Amagcokama azobe eyingxenye yomncintis­wano womasikand­i wesiteki ecurries Fountaion.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa