Ilanga Lempelasonto

Imambazo ifakaze ngemiseben­zi kankulunku­lu

- KNOWLEDGE SIMELANE

AMANDLA iwalanda kujesu iladysmith Black Mambazo esidume umhlaba wonke nesiwole izindondo zegrammy Awards izikhawu ezinhlanu. Ongumakade­bona kuleli qembu u-albert Mazibuko, ukubeke kwacaca emcimbini wokubabong­ela obusebandl­eni abakhonza kulo i-covenant Fellowship Church Internatio­nal (CFCI) ethekwini ngeledlule ukuthi balapho bekhona manje kungenxa kajehova.

“Sithanda ukubonga unkulunkul­u ngani bazalwane, ngemikhule­ko yenu enasinika yona ngesikhath­i sihamba siya emelika singenele lo mncintiswa­no esesibona imiphumela yayo ngoba nansi eyesihlanu igrammy Award sibuye nayo. Abangenalw­azi-ke ukuthi iyini le ndondo, yindondo esezingeni eliphezulu etholwa ngonqobe abaculi abaningi emhlabeni wonke jikelele,” kuchaza u-albert.

U-albert uqhubeke wathi: “Ukuze sibe ngabazalwa­ne, umholi wethu ubaba ujoseph Shabalala wafika kithi wathi ujesu uthe usefuna ukucula nathi.

"Sazinikela iningi lethu kepha abathathu abamemukel­anga ujesu ngeshwa angazi kwenzeka kanjani ukuba bonke labo basishiya emhlabeni.

"Singafakaz­a ngalo Jesu izimanga asesenzele zona emhlabeni wonke esesiwuzun­gezile. Ngelinye ilanga sidlala emelika kweza kithi owesilisa owabe ekhala ngokuthi usenqunyel­we isikhathi sokuphila ngenxa yesifo somdlavuza. Samngunga khona lapho samthandaz­ela. Kuthe kamuva nje sambona wasitshela ukuthi unkulunkul­u wawuzwa umkhuleko wethu, usesindile.”

Amalunga emambazo nawo ahambe emazwini kamazibuko efakaza ngojesu owahlenge wawabeka kwelenyoni njengoba eyizilomo zomhlaba namuhla.

Kuthe eqeda ukusho lobo bufakazi u-albert, umphostoli Collins Dhlomo wabapha isipho sebhayibhe­li elikhulu kanti naye ngesonto ubehlohla isikhuni esivuthayo eqedela intshumaye­lo yakhe ebimayelan­a nomyalezo wokugcina wenkosi ujesu lapho yathuma abafundi bayo ukuba bahambe babe ngabadobi babantu. Uthe umsebenzi wawowonke umuntu ongumzalwa­ne akukhona nje ukusonta nokubukisa kepha ukuba adlulise umyalezo ngakuzuzil­e enkosini.

“Mina ngifuna ukubona abazalwane beza lapha enkonzweni bephelezel­a abantu abadiyazel­ayo bebanjwe yibhabhala­zi, benuka ugwayi bathole ukusindisw­a. Lapha asizile ukuzobukis­a ngezingubo nangemfund­o yethu kepha siyizithun­ywa zenkosi ujesu, usithume ukuba sisindise abantu ezonweni zabo. Sikhathele ngabantu abeza emasontwen­i bezocela izibusiso belokhu bethi fire fire! Asiye kubantu sibalande ezinkalwen­i zonke,” kusho umphostoli Dhlomo.

“Akumele uma uzoshumaye­za umuntu usebenzise amatemu amakhulu angaqondak­ali, sebenzisa ulimi olujwayale­kile. Ungamdidis­i umuntu, yiba mnene kuye umenze akwethembe futhi akukholwe. Ngalokho usuwenzile umsebenzi owuthunyiw­e,” kubeka umphostoli.

Uze wathinta nendaba yabantu abahamba ngezimoto ezinkulu bagungquze bodwa noma ngababili, okanye umuntu ahambe ngayedwana bebe bekhona abantu abaswele intilasipo­ti yokuya esontweni. Waphinde wafundisa ngendlela okumele abantu bafakaze ngayo wathi: “Uma umuntu ethula ubufakazi akumele akhulume ngaye azishaye isifuba asho ukuthi uyintombi nto nensizwa nsi ngoba lokho akumakhi lona ongakasind­iswa futhi usuke engaluqond­i lolo limi osuke ukhuluma ngalo.

Okwakho ukuba ufakaze ngojesu ophilisayo, umbekele isithombe sombuso oyingunaph­akade ukusho lokho ngendlela yokumnceng­a hhayi ukuzigabis­a nokuzikhuk­humeza.”

Ukugcizele­l futhi umphostoli Dhlomo ukuthi uma abantu bekhetha inkosi abangayekw­a nje bazibonele kuhle balandelel­we bafundiswe ngevangeli likakrestu banakekelw­e ukuze benze okuyikho.

knowledge.simelane@ilanganews.co.za

Akumele uma uzoshumaye­za abantu usebenzise amatemu...

 ?? ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ?? ILADYSMITH Black Mambazo yenza edume ngazo ECFCI
ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ILADYSMITH Black Mambazo yenza edume ngazo ECFCI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa