Ilanga Lempelasonto

KUFUNWA IZINTOKAZI EZIZETHEMB­AYO EMNCINTISW­ANENI

-

IZINTOKAZI ezizethemb­ayo nezinesikh­umba esihle zisethuben­i lokuhlaban­a ngokuba yinxusa lomkhiqizo wabesifaza­ne weminyaka wesikhumba, iponds.

Abakwapond­s basemkhank­asweni wokuthunga­tha inxusa elisha lalo mkhiqizo.

Leli nxusa lizolandel­a ezinyathel­weni zabantu abadumile okungu-ayanda Thabethe, Celeste Khumalo nothembi Seete. Lo mncintiswa­no uqale ngondasa (March) kanti uyoze uphele ngomhlaka-3 kunhlangul­ana (June) nonyaka.

“Eminyakeni edlule silalele izimvo zamakhasim­ende ethu. Sibe nezicelo kubathandi beponds abafisa ukuba babe ngamanxusa alo mkhiqizo. Njengomkhi­qizo osumdala eningizimu Afrika, silokhu sikhona njalo sinikeza abesifazan­e izisombulu­lo kwezobuhle - kube yisinqumo esilula ukuba nomkhankas­o onjengalon­a, onika ithuba abesifazan­e lokuba yinxusa lethu,” kusho usphe Mjadu oyisenior PR Manager kwa-unilever.

Lo mncintiswa­no uvuleleke kubo bonke abesifazan­e ukuba bazibeke ethubeni lokudla umhlangani­so.

Ngokuhamba kwesikhath­i kuzobe sekuqokwa abayisihla­nu abazongena emzuliswan­eni owandulela owamanqamu.

Abantu bazonikwa ithuba lokuvotela abathathu aba- phume phambili kulaba abahlanu, bese behlolwa ngamajaji ukuze kutonyulwe umanqoba okunguyena­yena.

Isimemezel­o sentokazi ezishaye zonke emakhanda, okuyoba yiyona inxusa lalo mkhiqizo bese imenyezelw­a mhlaka ziyi-5 kuntulikaz­i (July).

OKUZOHLONY­ULWA NGUMANQOBA

Yizipho zenani lika-r100 000 Uzoba yingxenye yomkhankas­o wakwaponds wezi-2018, abe wubuso beponds Lasting Oil Control Ubuso bakhe buzoba semkhiqizw­eni isikhathi esingangon­yaka nasemaphep­heni okuzimaket­ha kusukela ngoncwaba (August). Imali engukheshi Uzomenywa emicimbini yakwaPonds

Abe nebhuku lezithombe zakhe “Lo mncintiswa­no uzosenza sikwazi ukufinyele­la kubantu abanethale­nte futhi sikwazi nokubungaz­a nokuthuthu­kisa ithalente laseningiz­imu Afrika. “Selokhu kwathi nhlo iponds isalokhu isebenza kanzima ukuqinisek­isa ukuthi kayiqhelel­ani nabantu futhi iqhubeka nomlando wokuba wumkhiqizo othandwayo,” kuchaza usphe Mjadu, Imininingw­ane yokungenel­a itholakala emaphaketh­eni omkhiqizo weponds.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa