Ilanga Lempelasonto

Fundisa ingane ukuzimela isencane

- THANDI ZONDI

KUTHIWA kubaluleki­le ukukhulisa ingane yentombaza­ne uyifundise ukuba ikwazi ukuzimela, ikakhuluka­zi esikhathin­i sanamhlanj­e njengoba sekunenkin­ga yo- sugar daddy nama- blesser.

Unolene Parboo oyinhloko emnyangwen­i wezokonga nezokutsha­la izimali estandard Bank, uthi kubaluleki­le ukuwuqala ekhaya umsebenzi wokulungis­elela indodakazi yakho ukuba ikwazi ukuzimela ngokwezima­li nangokomph­efumulo.

Uthi okumele kuhambe phambili wukukhutha­za imfundo endodakazi­ni, nokugcizel­ela ukubalulek­a kwayo. Okwenza imfundo ibaluleke kakhulu wukuthi yiyo ekwazi ukukunika amandla okukwazi ukuzimela ngezindlel­a eziningi.

“Kusukela indodakazi isencane yisize ngokuba uyifundise ukuba yazi ukuthi inelungelo lemfundo, lokulandel­a umkhakha ewufisayo nokulawula imali yayo,” kusho uparboo.

Ngaphezu kwalokho uthi ama- dodakazi kumele aqonde ngomehluko womsebenzi wasekhaya wokuba ngumama, nomsebenzi walapho iqashwe khona.

Uqhuba athi kulungile futhi kuhle ukuba indodakazi ishade nomuntu wesilisa ome kahle ngakwezezi­mali, ongakwazi ukuba athi mayiyeke ukusebenza ihlale ekhaya ikhulise abantwana. Kodwa futhi wexwayisa ngokuthi indodakazi kumele yexwayiswe ngezinto ezingaba wubungozi bokuhlala ekhaya isikhathi eside ingasebenz­i.

“Ukuhlala ekhaya unga- sebenzi kuze kuphele iminyaka emihlanu noma eyishumi kungakubek­a engozini.

“Uma owesifazan­e ekhetha ukulaxaza umsebenzi akhulise abantwana angalimaza ikusasa lakhe,” kuchaza uparboo.

Uthi nakuba kulungile futhi kuyisifiso kwabaningi ukuthatha ikhefu lonyaka noma iminyaka emibili ukhulisa abantwana kodwa kumele ubuye uvuke uzithintit­he ukuze ungagcini usuphuphil­e. * Umbhalo ucashunwe kwidestiny­connect

 ?? ISITHOMBE NGABE: AYANDATHAB­ETHE.COM ?? U-AYANDA Thabethe ongomunye wezintokaz­i ezinesikhu­mba esibushele­lezi ezike zasebenzis­ana nabakwapon­ds.
ISITHOMBE NGABE: AYANDATHAB­ETHE.COM U-AYANDA Thabethe ongomunye wezintokaz­i ezinesikhu­mba esibushele­lezi ezike zasebenzis­ana nabakwapon­ds.
 ?? ISITHOMBE NGABE: THEFERTILE­CHICKONLIN­E.COM ?? IZINGANE zamantomba­zane kumele zikhuthazw­e ukuba zihambise phambili imfundo ukuze zizokwazi ukuzimela empilweni, ikakhuluka­zi esikhathin­i sanamhlanj­e njengoba sekunenkin­ga yo-sugar daddy nama-blesser.
ISITHOMBE NGABE: THEFERTILE­CHICKONLIN­E.COM IZINGANE zamantomba­zane kumele zikhuthazw­e ukuba zihambise phambili imfundo ukuze zizokwazi ukuzimela empilweni, ikakhuluka­zi esikhathin­i sanamhlanj­e njengoba sekunenkin­ga yo-sugar daddy nama-blesser.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa