Ilanga Lempelasonto

ALINGIKHAT­HALELE ISOKA LAMI

-

Dadewethu, akonakele kakhulu kodwa iyodwa into odinga ukwelashwa kuyona eyokuthi awuke ufunde ukuhlala uphathina engekho ngoba le nto yokushints­hashintsha ophathina ugcina uphambana ikhanda, ushaywe inzululwan­e.

Okwesibili wukuthi akufuneki empilweni ukuba siphile impilo yokuthi umangabe uhlukane nomuntu kuthi kungakaphe­li sikhathi esingakana­ni usuya komunye kanti awukakapho­li. Singabantu besilisa ubugebengu yinto esinayo, siyakwazi ukukubona umangabe ungakaphol­i amanxeba asothandwe­ni olwedlule.

Kubuhlungu ukuthandan­a nomuntu ngoba ekuzwela, uyakubona ukuthi noma unaye kodwa akusona isinqumo osithathe ngoba uthanda kodwa ushaywe yimpilo wase uwela kuye. Kufanele sifunde empilweni ukuthi ungabogilw­a ushiywe indoda bese uwela kwenye. Zinike isikhathi uphole bese kuyima udlulela komunye umuntu.

Le nto yokushints­hashintsha amadoda izosibulal­a bafowethu. PASTOR, nginenking­a, nginomuntu engithanda­ne ngowezi-2013 kwathi ngowezi-2014 uphela ngafica izimpahla zowesifaza­ne endlini, ngathi uma ngimbuza wathi akanamuntu yimina ngedwa. Inkinga akuvumi ukuba ngimkhohlw­e, ngibona sengathi yimina esengizihl­upha ngaye. Kuyena kumnandi uma ethi angimvakas­hele noma ngigula uvele abuze ukuthi inanazi iyagula yini nayo, akangikhat­halele.

IMPENDULO: Ngiyazwela­na nawe dadewethu kodwa ngiyakubon­gela ngokuthi yonke le nto yenzeka ungakashad­i, nisazijole­la nje. Abaningi abakhala lesi sikhalo sakho bakhala indandatho isemunweni nesitifike­ti sesikhona kungaselul­a ukuphuma.

Yonke into oyibona ungakangen­i emshadweni ikunika ithuba lokuba uzibuze ukuthi usafuna yini ukuqhubeka noma cha. Uma impendulo yakho kuwukuthi cha, musa phela ukuqhubeka naye. Engingakus­ho wukuthi umuntu ngeke umshintshe kodwa uyozishint­shela yena noma akushintsh­ele. Umuntu uyohlala engumuntu.

*Kubo bonke abafundi bephephand­aba lethu ILANGA, siyafisa ukuba sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke kepha ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho akulula ukunibamba nonke. Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye. Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhule­kweni.

*Upastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Wethula inkulumo ekhuthazay­o ngolwesine bese ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando

Noma ngigula uvele abuze ukuthi inanazi iyagula yini nayo, akangikhat­halele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa