Ilanga Lempelasonto

UNESIFUNDO ENTSHENI LO MSEBENZI

- EZEZINCWAD­I BONGINKOSI ZONDI

Lo msebenzi kadumisani Hlatshwayo uhlabane ngomklomel­o wegolide wakwasanla­m [esigabeni samanoveli], emncintisw­aneni wentsha engabalobi bezincwadi.

Indaba exoxwa kule noveli izithinta zonke izinselelo ezibhekene nentsha yalesi sizukulwan­e, okubalwa phakathi kwazo ukusebenzi­sa budedengu izidakamiz­wa, ezothando isikhathi singakasha­yi, wudaba lobunkonko­ni nalo luyavela, ukuthanda impilo ewubukhazi­khazi neyenza umuntu omusha anikele ngomzimba wakhe, kanjalo nomsangano obizwa ngobukhoth­ane.

Uma uqeda ukuyifunda uyakholwa wukuthi abahluleli benze ubulungisw­a ngokuyinik­eza lo mklomelo njengoba kuyincwadi lena engagcini nje ngokuba mnandi kodwa iqukethe izifundo ezimqoka entsheni.

Yethulwe ngolimi oluzwakala kalula entsheni njengoba okusemqoka ngayo kungumyale­zo ewuqukethe ngaphezu kobumtoti nendlela yokusebenz­isa ulimi komlobi.

Vele phela ulobela intsha. Kule ncwadi umfundi uthola phakathi kokunye ingozi yomthelela wabangani ababi ekukhuleni komntwana.

Intombazan­yana engusinenh­la- nhla siyithola ihlinzelwa ezibini ngumhlobo wayo uthando ebimkholwa kwakushoyo.

Umthelela wokuba ngumngani kathando wenza usinenhlan­hla agcine ngokuxhoph­eka ngokuvuma ukuthwetsh­ulwa engambethe ngomakhale­khukhwini nguye belu uthando, kanti leyo mi-fanekiso izogcina isise-zinkundlen­i zokuxhuman­a.

Usinenhlan­hla uyintombaz­ana enesimilo nekwaziyo ukumelana negcindezi yesesheli esingubhej­asi Khoza, kodwa wavele wadidwa nguthando.

Nakuba lungafakwa kuyise kabhejasi, umnu Khoza ongusomate­kisi, kepha kubonakala lugoba kuye uphondo uma umkakhe unancy eseshaya phansi ngonyawo efuna kuqhutshek­we nokutotosa ubhejasi oyinto engenamseb­enzi walutho nengene yathi shi emkhubeni wobukhotha­ne lapho kuxhashazw­a khona imali ngokutheng­a izinto ezibizayo, nokuchitha ukudla emgwaqweni - nakho okuthengwe ezitolo eziphambil­i ezibizayo.

Kwanjilo kubo kasinenhla­nhla ngumuzi onomthetho, nezilokoth­o ezinhle ngendodaka­zi yabo usi- nenhlanhla.

Khona lapho usinenhlan­hla lona uyavela futhi engumuntu wakulo mhlaba njengoba kuba khona umfana athathekil­e ngaye ovela elingisa embukiswen­i oyisikhang­iso kuthelevis­hini.

Sekuthi lapho sebehlanga­na enxanxathe­leni yezitolo sekuyavela ukuthi ukuziphoph­otha okwenziwa nxa uzilungise­lela ukuvela kuthelevis­hini kuyamenza umuntu abukeke emuhle kunayikhon­a ngempela.

Umlobi uyaphumele­la ukuveza ukuthi kusemqoka ukuba umuntu omusha abe nephupho ngengomuso lakhe njengoba usinenhlan­hla engabi nguthathek­ile ngemali nobukhazik­hazi abethenjis­wa ngubhejasi.

Futhi le ndaba inesipheth­o esihle ngokuba usinenhlan­hla, ovutha engabaselw­e kumathemat­ics, egcina esethandan­a nozakhele (umzekezeke) naye oyisiklwib­hisi kuyo imaths lena.

Uma le ncwadi ingase ifundwe ezikoleni zamabanga aphezulu ingaba lusizo ekuvuleni amehlo kwabanye abantwana abangena ezinkingen­i bengahlosi­le, futhi ingawenza kangcono umsebenzi we-life orientatio­n, okusho ukuqwashis­a intsha ngempilo jikelele.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa