ZOWAKHA MBATHA
abahleli bama-music award njengamasouth African Music Awards (SAMA), besolwa ngokushaya ngesithende abanye abaculi.
Bekuba yimpoxo yodwa uma sekuvela ukuthi umculi okukhalwa ngaye ubengazange nhlobo angenele kwasekuqaleni. Kangimangalanga sengibona abamasama kusukela ngonyaka odlule sebeqala ukumemezela abaculi abangenelile bengakahlungwa.
Lokho bekuvala imilomo abalandeli abathanda ukubanga umsindo bengazange baphenye ngokwenzekile.
Nakuzo lezi zemisakazo yinto efanayo. Kubi kakhulu la ngoba kusukela ezindleleni zokungenela kuya kwezokuhlunga kabaphumeli nje obala ngakho ngaphandle uma uzozihlupha ngoku- bathinta ucele izin- cazelo.
Lokho nje kukodwa kuqeda ugqozi nofuqufuqu ngoba kakusiwona wonke umuntu ozokubona kunesidingo ukuzihlupha ngokwenza lokhu. Phambilini nje bekunqoba abantu ababodwa ngoba kuyibo abebehlale bengenela.
Ngicabanga ukuthi kusafanele abanikazi balo mcimbi bazihluphe, basichazele thina njengoquqaba ngomsebenzi wabo nokubaluleka kwale nto abayenzayo.
Bangakwenza kalula lokhu ngoba basebenza ngayo imisakazo futhi baxhaswe yisikhondlakhondla senkampani yomshwalense enemali. Ukwehluleka kwabo ukukwenza lokho kuzokwenza sigcine singakuboni nje ukubaluleka kwamaliberty Radio Awards.
Nabo kodwa abasebenza kule mboni kumele bazixake ngokwenzekayo embonini yabo ukuze nalo mncintiswano siwuhloniphe nathi. Ngale kwalokho-ke masibabongele bonke abahlomulile ikakhulukazi labo abahlonishwe ngokuba ngomakadebebona kule mboni okungududu Khoza wokhozi FM, Phumzile Mci womhlobo Wenene FM, Thuso Motaung welesedi FM nowilson B Nkosi wemetro FM.
*Singayithokozela kakhulu neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakazo kule email engezansi nasezinkundleni zokuxhumana okutholakala kuzo umbhali. Instagram: @zowakha Facebook: Zowakha Mbatha
Twitter: @Zowakha zowakha@ilanganews.co.za