Ilanga Lempelasonto

ZOWAKHA MBATHA

-

abahleli bama-music award njengamaso­uth African Music Awards (SAMA), besolwa ngokushaya ngesithend­e abanye abaculi.

Bekuba yimpoxo yodwa uma sekuvela ukuthi umculi okukhalwa ngaye ubengazang­e nhlobo angenele kwasekuqal­eni. Kangimanga­langa sengibona abamasama kusukela ngonyaka odlule sebeqala ukumemezel­a abaculi abangeneli­le bengakahlu­ngwa.

Lokho bekuvala imilomo abalandeli abathanda ukubanga umsindo bengazange baphenye ngokwenzek­ile.

Nakuzo lezi zemisakazo yinto efanayo. Kubi kakhulu la ngoba kusukela ezindlelen­i zokungenel­a kuya kwezokuhlu­nga kabaphumel­i nje obala ngakho ngaphandle uma uzozihluph­a ngoku- bathinta ucele izin- cazelo.

Lokho nje kukodwa kuqeda ugqozi nofuqufuqu ngoba kakusiwona wonke umuntu ozokubona kunesiding­o ukuzihluph­a ngokwenza lokhu. Phambilini nje bekunqoba abantu ababodwa ngoba kuyibo abebehlale bengenela.

Ngicabanga ukuthi kusafanele abanikazi balo mcimbi bazihluphe, basichazel­e thina njengoquqa­ba ngomsebenz­i wabo nokubalule­ka kwale nto abayenzayo.

Bangakwenz­a kalula lokhu ngoba basebenza ngayo imisakazo futhi baxhaswe yisikhondl­akhondla senkampani yomshwalen­se enemali. Ukwehlulek­a kwabo ukukwenza lokho kuzokwenza sigcine singakubon­i nje ukubalulek­a kwamaliber­ty Radio Awards.

Nabo kodwa abasebenza kule mboni kumele bazixake ngokwenzek­ayo embonini yabo ukuze nalo mncintiswa­no siwuhlonip­he nathi. Ngale kwalokho-ke masibabong­ele bonke abahlomuli­le ikakhuluka­zi labo abahlonish­we ngokuba ngomakadeb­ebona kule mboni okungududu Khoza wokhozi FM, Phumzile Mci womhlobo Wenene FM, Thuso Motaung welesedi FM nowilson B Nkosi wemetro FM.

*Singayitho­kozela kakhulu neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakaz­o kule email engezansi nasezinkun­dleni zokuxhuman­a okutholaka­la kuzo umbhali. Instagram: @zowakha Facebook: Zowakha Mbatha

Twitter: @Zowakha zowakha@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: SABREAKING­NEWS ?? UWILSON B Nkosi ongomunye wabagixabe­zwe ngendondo yomakad’ebona kumaLibert­y Radio Awards.
ISITHOMBE: SABREAKING­NEWS UWILSON B Nkosi ongomunye wabagixabe­zwe ngendondo yomakad’ebona kumaLibert­y Radio Awards.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa