Ilanga Lempelasonto

EZAMAFILIM­U:

- ZOWAKHA MBATHA

BLOCKERS

UMQONDISI: Kay Cannon

ABADLALI ABAPHAMBIL­I: Leslie Mann (Lisa Decker), Ike Barinholtz (Hunter), John Cena (Mitchell), Kathryn Newton (Julie-lisa’s Daughter), Geraldine Viswanatha­n (Kayla-mitchell’s Daughter), Gideon Adlon (Sam-hunter’s Daughter) UHLOBO: Sex Comedy

IMINYAKA: 16 D/L/N/S

KUNZIMA ukuba ngumzali oyedwa empilweni yengane esingena esigabeni esithe xaxa sokukhula, isiqala ukwenza izinto ongafisi izenze nakuba wazi ukuthi isikuleso sigaba ngokweminy­aka.

Uzohleka uze ubhuquze usubona okwenziwa yilaba bazali abathathu bezama ukunqanda amadodakaz­i abo asebethole ukuthi azimisele ngokwenza ucansi ngosuku lokugcina esikoleni. Onkabi laba babanjwa ngengxoxo yabo emafonini besebenzis­a okwaziwa ngama-emoji nokuqondwa yibona kuphela ukuthi kusho ukuthini kanti uhunter nongubaba owuvanzi uyakuqonda lokhu abakubhala­yo.

Kusuka isidumo uma ulisa nomitchell sebeqonda ukuthi izingane zabo zizimisele ngokulahle­ke- lwa wubuntombi bazo ngalobu busuku, seziyophaz­anyiswa kulo mkhankaso wazo.

Ekugcineni kuyacaca ukuthi nakuba bezisola abazali ngokugxamb­ukela kodwa konke kungenxa yothando. Abathandi bamahlaya bazophuma kubuhlungu izisu kule filimu engene ngolwesihl­anu lwayizolo e- cinema.

LUMI kanje uhlu lwethu lwamafilim­u ayishumi abesahamba phambili ngokubukwa ngempelaso­nto edlule yomhlaka-13-15 April:

1. RAMPAGE

2. TYLER PERRY’S ACRIMONY 3. BLACK PANTHER

4. PETER RABBIT

5. HERE COMES THE GRUMP 6. READY PLAYER ONE 7. QUIET PLACE, A

8. TOMB RAIDER

9. MIDNIGHT SUN

10. SUSTERS

Isamile nanamuhla iblack Panther ekuziholen­i phambili ngokufaka imali njengoba bese ifake R101 190 838

zowakha@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa