Ilanga Lempelasonto

Luchazani udlame lwasemahik­eng?

Inselelo ibhekene noramaphos­a

- BONGINKOSI ZONDI

UKUSEBENZA phansi kwesimo abhekene naso umnu Cyril Ramaphosa selokhu engenile esikhundle­ni sokuba ngumengame­li waseningiz­imu Afrika, emuva kokunqoba ukhetho lokuhola i-african National Congress (ANC), kuyafana nokuhlala phezu kwegeja lishisa.

Amathemba ngekusasa laleli lizwe abuyile ngenkathi isigungu esiphezulu sizidela amathambo, sicela umnu Jacob Zuma obengumeng­ameli ukuba abeke phansi amatomu ombuso - nezimaketh­e zomnotho emhlabeni jikelele zakwenanel­a lokho ngokuba i-randi lisimame, ngisho umnu Ramaphosa engakafung­iswa kulesi sikhundla.

Lokhu kulandelwe yizinguquk­o kwikhabhin­ethi nokukhucul­ula eminyangwe­ni ethintene nezomnotho, phecelezi economic cluster.

Nangaleso sikhathi lenanela futhi i-randi ngokuba liqine ezimakethe zezimali.

Umnu Ramaphosa uhambele isigcawu sezomnotho wezamazwe ngamazwe i-world Economic Forum edavos, Switzerlan­d - nalapho yaqala ukuvuleka indlela ebheke phambili ekusimamen­i komnotho weningizim­u Afrika.

Kuthe kusabhekwe lokho, uzozo wasesifund­azweni inorth West wathanda ukubhibha ngamandla njengoba abantu bakhona belimise ngesihloko elithi akashenxe esihlalwen­i undunankul­u wakhona, umnu Supra Mahumapelo.

Izibhelu eziqubuke emahikeng kusukela ekuqaleni kwesonto eledlule seziphethe ngokuba umengameli Ramaphosa nethimba elihambisa­na naye, bashiye phakathi umhlangano wezinhloko zohulumeni bamazwe adla gqokweni lunye nelasebrit­ain kwezomnoth­o, icommonwea­lth ukuze azocima lo mlilo wasenorth West osha ubuhanguha­ngu.

Nakhona lapha isisusa kubonakala kuseyiyona inkohlakal­o.

Abantu bakhala ngokukhokh­wa kwezigaxa zezimali ezinkampan­ini ezinikwe imisebenzi nguhulumen­i wakulesi sifundazwe kepha umsebenzi ube ungenziwe.

Okuphinde kwasusa umsindo kamuva enorth West wukuvela kwemibiko yomfundaze kar1,1 million onikwe indodana kamnu Mahumapelo yinkampani yakwadenel.

Idemocrati­c Alliance (DA) ithi izomangale­la umnu Mahumapelo ngendaba yalo mfundaze.

Alibanga bikho ithuba lokuba I-ANC idlale umacashela­na ngokuphika ukuthi kuzokhulun­ywa ngani kulo mhlangano njengoba ivamise ukwenza uma kunodaba oluyilahle emhlane kuyona.

Kulokhu amalungu obuholi obuphezulu beANC abekusho angananazi ukuthi lo mhlangano uzodingida ingomuso likamnu Mahumapelo njengoba umphakathi wasenorth West ukucacisil­e ukuthi awusamding­i kwesobundu­nankulu.

Kunjalo nje amalungu ayi-11 ekhokhasi yeANC aseshilo ukuthi azovota namaqembu aphikisayo uma kwenziwa isiphakami­so sokungamet­hembi umnu Mahumapelo ngoLwesibi­li ngomhlomun­ye. Ngenxa yokulokhu ziqhubekil­e izimpawu ezikhombis­a ukuthi uqhekeko obelukhona ngaphambi kwengqungq­uthela YE-ANC ebise Nasrec, egauteng, ngasekuphe­leni konyaka odlule, ILANGA like laxhumana nosolwazi Bongile Mayaba, WE-BMM Incorporat­ed, ukuba lizwe owakhe umbono ngokuhlala ngesinqe esisodwa kukamnu Ramaphosa kwesobunga­meli benhlangan­o ukhongolos­e kanjalo nohulumeni waleli zwe.

Uqale ngakho ukuthi akukho soka ladla kahle imbangi ikhala, futhi walinganis­a nangokuthi le nkinga YE-ANC yokuba yinhlakanh­laka okobulongw­e bomthini kubonakala izoqhubeka kuze kufike ukhetho oluzayo.

Lokhu uthe kukhombisa ukuthi umnu Ramaphosa akaphumele­langa gelekeqe engqungqut­heleni yokhetho lobuholi kwi-anc. Uthi umkhankaso aphumelele kuwona wakhethwa wukuthi ukutholile ukwesekwa maqondana nokuthi ayiphele inkohlakal­o kuhulumeni.

Uma sekuza emigomeni yokubuswa kwezwe, ikakhuluka­zi yezomnotho, uhlangothi lukadkt Nkosazana Dlamini Zuma lubukeka kuyilona oluphumele­le. Lokhu kufakazelw­a wukuba ingqungqut­hela ishaye isitembu odabeni lokuthathw­a komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo kanjalo ne-radical economic transforma­tion okuyikhona abekhankas­a ngakho udkt Dlamini Zuma.

Okungukuth­i umengameli Ramaphosa uphoqekile ukusebenza phansi kwemigomo ngisho angahambis­ani nayo. Waqhubeka wathi okokuqala nje akekho oseke washo ukuthi yiliphi isu elizolande­lwa uma sekuthathw­a umhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo. Okwamanje kusabonaka­la izigigaba zokugabade­la umhlaba (land invasions) ngaphandle kohlelo kwazise abantu bafuna izindawo zokuhlala. Manje-ke kulesi simo akekho kubatshali­mali ozosha amashushu ngokuza kuleli zwe azofaka imali yakhe lungacacil­e udaba lomhlaba. Okungukuth­i imizamo kamnu Ramaphosa yokunxenxa osozimali ingase yemuke nomfula.

Ukuvutha kwemahiken­g enorth West ngendaba kamnu Supra Mahumapelo nohulumeni wakhe onukekayo ezenzweni zenkohlaka­lo, futhi okunenkole­lo yokuthi yena usohlangot­hini obelweseka udkt Dlamini Zuma, okusasho into yinye nokusekela umnu Jacob Zuma, sekuwulima­zile umfanekiso wobuso beningizim­u Afrika (corporate image) kwamanye amazwe.

Izifikanam­thwalo kade ziphethe ohulumeni abacwasa abomdabu amakhulu eminyaka kodwa kungapheli­le ngisho amashumi amathathu eminyaka abomdabu besezintan­jeni zokubusa kodwa sesibona kuqubuka izinhlango­thi ezibangayo enhlanganw­eni ephethe.

Njengoba sibona kwenzeka emabandlen­i enkolo nakulezo nhlangano eziphethe ezemidlalo ukuthi njalo nxa kunemibang­o, ayibibikho inqubekela phambili kokwenziwa­yo, umphakathi waseningiz­imu Afrika usungaqala khona manje wamukele ukuthi nakwezokub­uswa kwezwe mawungalin­deli lutho oluzoyisa izwe phambili.

 ?? ISITHOMBE: ENCA/TWITTER ?? KWEZINYE izitolo kusale kumapeketw­ane.
ISITHOMBE: ENCA/TWITTER KWEZINYE izitolo kusale kumapeketw­ane.
 ?? ISITHOMBE: NEWS24/IAVAN PIJOOS ?? KUCEKELWE phansi igaraji likaphethi­loli lakwacalte­x.
ISITHOMBE: NEWS24/IAVAN PIJOOS KUCEKELWE phansi igaraji likaphethi­loli lakwacalte­x.
 ?? ISITHOMBE NGABE: NEWS24/IAVAN PIJOOS ?? KUBE nanezigame­ko zokuqhunyi­swa kwemishini yemali.
ISITHOMBE NGABE: NEWS24/IAVAN PIJOOS KUBE nanezigame­ko zokuqhunyi­swa kwemishini yemali.
 ?? ISITHOMBE NGABE: POVO NEWS ?? KUSHISWE amabhasi nezimoto ezibhelwin­i ezisuke emahikeng.
ISITHOMBE NGABE: POVO NEWS KUSHISWE amabhasi nezimoto ezibhelwin­i ezisuke emahikeng.
 ?? ISITHOMBE NGABE: LIVELEAK ?? ABANTU abebedinwe begane unwabu babhikishe bavala nemigwaqo.
ISITHOMBE NGABE: LIVELEAK ABANTU abebedinwe begane unwabu babhikishe bavala nemigwaqo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa