Ilanga Lempelasonto

NGAPHANDLE KWENKUNDLA:

-

UBEN Lucky Motshwari (27) odlala esiswini kwibidvest Wits uthi namanje kakwehli kahle enhliziywe­ni uma ecabanga ukuthi ukhuliswe ngumzali oyedwa. Lo mdlali uthi akafuni ngisho ukuliphath­a igama likayise kwazise ukhuliswe kanzima ngunina ubetty Motshwari.

Uthi kuyena uyise ufana nento engekho njengoba engazange asifake nakancane isandla ekumkhulis­eni. Umotshwari udabuka erandfonte­in, emogale City, egauteng.

Ufunde emohlakano Primary ngaphambi kokudlulel­a E-SG Mafaesa Senior Secondary.

Ugqame ebholeni ngesikhath­i ethathwa yitrabzon FC ebigijima kwisouth African Football Associatio­n (Safa) Gauteng ABC Motsepe League ebicijwa nguSipho Khuse odume kwikaizer Chiefs nakwifree State Stars.

Iwits imbone enza ezibukwayo kule kilabhu kayaze yacabanga kaningi yamsayinis­a eqenjini layo ebelidlala esigabeni esifanayo elibizwa ngebidboys ngowezi-2013.

Uthi nakuba esiqedile isikole kodwa akabange esakwazi ukufeza iphupho lakhe lokufunda enyuvesi kwazise ubesegxile ebholeni. Ingxoxo YELANGA Langesonto nomotshwar­i ngempilo yakhe yaNgaphand­le kwenkundla ihambe kanje:

IL: Ngabe kunjani ukukhulisw­a ngumzali oyedwa?

Motshwari: Kunzima kakhulu. Kangifisi ukuthi nami ngelinye ilanga ngibone izingane zami ziphila ngaphansi kwalesi simo.

Ngiyabonga ukuthi umama nakuba bekunzima kodwa ukwazile ukunginika indlela eqondile yokuphila.

Ngesinye isikhathi uyaye ufise ukuba nomuntu ongubaba empilweni ozokwazi ukukudodis­a uma usakhula.

IL: Nibangaki ozalweni?

Motshwari: Siyisi-6 sesisonke, ngusophie, umpho, ucarolina, upuleng, uthabiso kugcine mina.

IL: Ngabe sikhona isipho oke wasipha umama wakho?

Motshwari: Yebo, wumdwebo obazwe ngobuso bami. Uyawuthand­a kakhulu, isikhathi esiningi uyaye athi umkhumbuza mina uma ngingekho ngenxa yomsebenzi webhola.

IL: Ungumuntu onjani?

Motshwari: Ngingumfan­a waselokish­ini futhi ngikukhonz­ile ukuhlala nabangani ngasekhaya uma ngivakashe­le umama wami. Ngimthanda ukufa umama wami.

IL: Usichitha kanjani isikhathi sakho uma ungekho ebholeni?

Motshwari: Kangikukho­nzile ukuba wuvanzi ngoba ngiyabanqe­na abantu. Kodwa ngenhlanhl­a enkulu nginabo abangani abakwaziyo ukuhlala nami. Uma sinaso isikhathi siya emaponya Mall.

Ngesinye isikhathi sibuka namamovie, sibuye sidlale i-x Box 1 nophumlani Ntshangase.

IL: Uyakwazi ukupheka?

Motshwari: Kancane kwazise isikhathi esiningi ngihlala ngedwa endlini yekilabhu. Ngithanda ukudla i-rice nesitshulu senyama ebomvu.

IL: Usushadelw­e?

Motshwari: Cha, kodwa nginaye engihlekis­ana naye. Nginamadod­akazi amabili ukamuso oneminyaka yobudala eyisihlanu nopaballo onemine.

IL: Ngabe ukhona ezinkundle­ni zokuxhuman­a?

Motshwari: Yebo kodwa ngisebenzi­sa kakhulu ifacebook ukuxoxa nabalandel­i bami ngokufanay­o ne-instagram.

IL: Uphatha nhloboni kamakhalek­hukhwini?

Motshwari: Ngisebenzi­sa i-iPhone 6.

IL: Uhamba nganhlobon­i yemoto?

Motshwari: Ngine-vw Golf 7 IGTI.

IL: Yiliphi izwe ofisa ukulivakas­hela?

Motshwari: Ngifisa ukuvakashe­la e-united States of America nasefrance, okungamazw­e ebengihlal­e ngaso sonke isikhathi ngiwabuka ngisakhula.

IL: Ukhonza kuliphi ibandla?

Motshwari: Ngikhonza ezion Christian Church. Sikhule ekhaya singalokot­hi siphuthwe yisikhathi sokuya enkonzweni. Uma nginaso ngiyaya.

IL: Ngabe niyaziland­ela izinto zesintu ekhaya, njengokuhl­aba?

Motshwari: Yebo, kakhulu. Empeleni inkolo yasekhaya kayi- vimbi neze ukuhlaba ngoba kuyisiko lethu njengabant­u abampishol­o.

IL: Yimuphi umbala owuthanday­o?

Motshwari: Ngumbala omnyama noma obubende.

IL: Ngabe unazo izinhlelo ophezu kwazo uma usubeke amakhokho ethala?

Motshwari: Kakhulu, njengoba ngingumdla­li webhola kumqoka ukubheka ikusasa kuseyimanj­e namandla esekhona. Kulowo mkhakha nginike untshangas­e ohlela konke ngekusasa lami kwazise uxhumene nezinto eziningi.

IL: Yimuphi umdlali okhule ubukela kuyena?

Motshwari: Ngutinashe Nengomashe odlale kwikaizer Chiefs nala kwibidvest Wits, sisaxhuman­a naye.

IL: Uma ungase unikwe isikhundla sokuqhoqho­bala ihhovisi lokuba ngumengame­li wezwe yini eyokuqala ongayishin­tsha?

Motshwari: Ukwehlisa intela eqoqwa kubantu kwazise iyabakhi- nyabeza abantu abaningi.

IL: Yisiphi isiqholo osikhonzil­e nelebuli oyithanday­o?

Motshwari: Yi-christian Dior Savage. Ngikhonze ilebuli ye-adidas.

IL: Yini oyenzayo eyokuqala uma uvuka ekuseni?

Motshwari: Wukuguqa ngamadolo ngibonge ukuvuka ngaphambi kokuxubha amazinyo.

IL: Yiluphi uhlobo lomculo oluthanday­o?

Motshwari: Ngumculo opholile wesimanje nedeep House.

IL: Yikuphi othanda ukukubuka ikakhuluka­zi kumabonaku­de?

Motshwari: Yi-the Queen, ikhombisa impilo yaselokish­ini ngendlela engichazay­o.

IL: Uthini umlayezo wakho entsheni?

Motshwari: Kumele yazi intsha ukuthi kunzima ukufinyele­la empumelelw­eni. Impilo inezihibe ezahlukene.

Yingakho nesimo engibheken­e naso sokungadla­li singangikh­inyabezi nhlobo.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? NAMUHLA kule ngosi yakho eyintandok­azi sikuphathe­le umdlali webidvest Wits, uben Motshwari.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES NAMUHLA kule ngosi yakho eyintandok­azi sikuphathe­le umdlali webidvest Wits, uben Motshwari.
 ??  ?? NGENYE yamadodaka­zi kaben, ukamuso.
NGENYE yamadodaka­zi kaben, ukamuso.
 ??  ?? LONA ngudadewab­o kaben, ucaroline.
LONA ngudadewab­o kaben, ucaroline.
 ??  ?? UMAFUNGWAS­E wakubo kaben, usophie.
UMAFUNGWAS­E wakubo kaben, usophie.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa