Ilanga Lempelasonto

UDALULA OKUMHEHE KWI-ARSENAL

-

UDALULA isizathu sokungena kwiArsenal yase-england ustan Kroenke onamasheya amaningi kule kilabhu ebalwa nahlonishw­ayo emhlabeni.

Ukroenke ufike kule kilabhu ngonyaka wezi-2011.

Uthi imisebenzi emihle ka-arsene Wenger wasefrance, ongumqeqes­hi wale kilabhu, yiyona kanye edonse iso lakhe kwi-arsenal.

Uwenger useyashiya kule kilabhu ngemuva kokuyisebe­nzela iminyaka engama-20. Uzobeka phansi izintambo ngemuva kokusongwa kwale sizini.

“Imisebenzi kawenger yiyona eyenze sanquma ukungena kule kilabhu nabalingan­i bami. Simbonga kakhulu ngokuseben­zela ikilabhu ngobuqotho nangokweth­embeka.

Ngibona sengathi kuningi esimkwelet­a khona siyikilabh­u,” kusho lesi sikhulu.

Uwenger usize le kilabhu yanqoba iligi kathathu nefa Cup amahlandla ayisikhomb­isa. Uqophe umlando ngesizini yangowezi-2002/4 esonga isizini engayazi nhlobo induku kwi-premiershi­p.

Uwenger kuningi okubukeka ngabe ukuzuzile nale kilabhu ukuba ibingaphaz­anyiswa ngamakilab­hu amakhulu ngokutheng­a abadlali bayo. Kulabo badlali kungabalwa uthierry Henry, ucesc Fabregas norobin van Persie ukukha nje phezulu.

Yize uwenger enconywa ngomsebenz­i awenzele i-arsenal, kodwa useze uyashiya engakaze ayinqobe i-uefa Champions League. Ufake le kilabhu amahlandla angama-20 kulandelan­a kulo mqhudelwan­o. Ucishe wayinqoba ngonyaka wezi2006 kodwa bahlulwa yibarcelon­a yasespain ngo-2-1 kowamanqam­u.

Kulowo nyaka i-arsenal ibidlala okokugcina ehighbury njengoba bese ifudukela e-emirates Stadium elayisha abantu abayizi-60 000. I-arsenal isendaweni embi kwi-log ye-premiershi­p, kanti ayamfimfa amathuba okungena kwichampio­ns League yangonyaka ozayo.

Isingangen­a ngokunqoba i-europa Cup. Izobhekana ne-atletico Madrid yasespain eqhathwe nayo kwi-semi

final yalo mqhudelwan­o mhla zingama-27 kwephezulu (kowomlenze wokuqala) nangomhla zizine kunhlaba (May) kophezulu (kowomlenze wesibili).

I-arsenal iqhathwe newest Ham United kowe-premiershi­p namuhla ngesonto ngo-14h30.

Isiyonke imidlalo ye-english Premiershi­p ihlelwe kanje: NAMUHLA NGESONTO

Stoke City vs Burnley 14h30. Arsenal vs West Ham United 14h30 (SS3).

Manchester City vs Swansea City 17h30 (SS3).

KUSASA NGOMSOMBUL­UKO

Everton vs Newcastle United 21h00 (SS3).

Eyespanish La Liga ihlelwe kanje:

NAMUHLA NGESONTO

Girona vs Espanyol 12h00 (SS7). Malaga vs Real Sociedad 16h15 (SS7).

Las Palmas vs Deportivo Alaves 18h30 (SS7).

Atletico Madrid vs Real Betis 20h45 (SS7).

KUSASA NGOMSOMBUL­UKO

Athletic Club vs Levante 21h00 (SS7).

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGABE: LA TIMES ?? USTAN Kroenke othenge amasheya kwi-arsenal.
ISITHOMBE NGABE: LA TIMES USTAN Kroenke othenge amasheya kwi-arsenal.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa