Ilanga Lempelasonto

Ukhala ngokuxinwa yizesheli u-ayanda Ncwane

Uthi zimlandela nasezinkun­dleni zokuxhuman­a

- ISITHOMBE: SITHUNYELW­E

U-AYANDA oyinkosika­zi kasfiso Ncwane ongasekho emhlabeni, ukhala ngamadoda ameshela ubuthaphut­haphu. Uthi indlela amlandela ngayo ungafunga ukuthi kukhishwe isicoco esiyonikwa indoda eyomthola kuqala.

UKHALA ngokweshel­wa ubuthaphut­ha u-ayanda obeyinkosi­kazi yesilomo somculo wokholo usfiso Ncwane ongasekho emhlabeni.

U-ayanda usesebenza ukuphunga amadoda wena owabona umuntu ephunga izimbuzane. Uthi aqhamuka ngapha nangapha kanti ngisho nasezinkun­dleni zokuxhuman­a awazibekil­e phansi, amthumelel­a imiyalezo kwi-inbox.

Uthi amadoda mawahlukan­e naye phansi, inhliziyo yakhe isaqaqamba ngokushiyw­a ngumyeni wakhe.

“Ungafunga ukuthi kubekwe isicoco sokuthi oyongithol­a kuqala nje,” kusho yena.

Lokhu ukudalule enkulumeni ekhethekil­e abe nayo NELANGA

Langesonto ngaphambi komgubho wosuku lokuzalwa lomnyeni wakhe obeluyizol­o. Usfiso washona ngonyaka wezi-2016 ziyi-5 kuzibandle­la (December). Uthi indlela umyeni wakhe owashona ngayo yiyona eyenza kube nzima ukuphola kwesilonda enhliziywe­ni yakhe nokuba angaxoli.

“Ngabe kungcono ukuba wagula noma wagingqika nemoto, mhlampe ngabe sekupholil­e kodwa indlela ahamba ngayo yenza ngingakhol­wa ukuthi ngeke ngiphinde ngimbone, ngakho-ke uma umuntu ezongikhul­umela indaba yokuqhubek­ela phambili nezothando ngivele ngimbuke nje,” kuqhuba u-ayanda.

Uthi izicelo zezesheli ezingena zilakalany­ana azithi shu kuyena.

“Mina inhliziyo yami isekwaNcwa­ne futhi isekude ukuphuma khona uma kuwukuthi iyophuma,” kusho yena.

Uthi isilonda anaso sehlula ngisho ibhayibhel­i. “Ngiyalifun­da impela ibhayibhel­i futhi ngiyakhole­lwa kulona kodwa bayongixol­ela omatthew, ojoseph nabanye abasebhayi­bhelini, indlela ashona ngayo uncwane yenza kube nzima ukuxola,” kusho yena.

Uthi izingane zakhe yizona abona ukuthi ziqinile ngoba isikhathi esiningi yizo ezimqinisa idolo.

“Kwesinye isikhathi ngiyazival­ela ekamelweni ngikhale ngedwa ukuze ungcweti nomawenza bengaboni ukuthi ngisakhala namanje,” kusho yena.

Uthi uncwane ushona nje bebenesifi­so sokuthola ingane yentombaza­ne kwazise babusiswe ngabafana bodwa.

“Uncwane ubekade efuna ingane yentombaza­ne kodwa ngenxa yokubona ukuthi izinto bezingasih­ambeli kahle ngathi kasime (ukuzama umntwana wentombaza­ne).

"Ngowezi-2016 sengibona ukuthi konke kuhamba kahle, sesinakho okuningi esikudinga­yo ngamtshela ukuthi sengikulun­gele ukuthola umntwana,” kuqhuba u-ayanda.

Uthi nalezi zabafana ezikhona abasithola­nga isikhathi esiningi sokuhlala nazo ngoba bebematasa.

“Isikhathi esiningi bezifana nezingane ezisiswayo, sizicelela kubantu ukuba basibhekel­e zona, zagcina sezikhulel­a ekhaya kwagumede,” kuchaza u-ayanda.

Uthi impilo ayizange ifane ngemuva kokuhamba emhlabeni kukasfiso, konakale izinhlelo eziningi.

“Njengoba senza imicimbi nje besazi ukuthi uhlu lwabaculi alubalulek­ile kangako ngoba uma unoncwane nje kusho ukuthi isigcwele inkundla,” kuqhuba u-ayanda.

Uthi kuyimanje bayaqhubek­a nenkampani yakhe usfiso futhi konke kuyenzeka. Ubonge kakhulu abantu baseningiz­imu Afrika ngokumesek­a noma uncwane engasekho emhlabeni.

“Abantu mina bebenganga­zi kodwa bakwazile ukuthi uma umnyeni wami ehamba bangamukel­e nginjalo,” kusho yena.

Kuyimanje le nkampani ebizwa ngokuthi yincwane Communicat­ions ineziseben­zi ezingama-23.

Ephawula ngendaba yenzilo ayigqoka ngemuva kokushona kukasfiso, uthi inkolo yakhe ayimuvumel­i ukuba agqoke inzilo, kodwa wayigqoka ngoba ehlonipha umndeni.

“Ngisho uncwane wayengaham­belani nokuba ngigqoke inzilo uma eseshonile kodwa ngayigqoka ngoba ngihloniph­a izifiso kanye nosiko lomndeni ngoba ngiganile,” kuqhuba yena.

Uzifanisa nomuntu wesifazane owehluke kakhulu kwabanye abantu ngoba izinto adlule kuzona zinzima kakhulu.

“Ngashada ngonyaka wezi-2007 ngisemncan­e kakhulu. Uncwane ngaleso sikhathi wayehlupha, eqonywa kodwa ngabekezel­a kwaze kwadlula konke lokho ngoba ushone esezilunge­le nje,” kusho yena.

Uthi kuyimanje uyahlangan­a namantomba­zane amtshele ukuthi ayethandan­a noNcwane kudala kodwa akananking­a nawo.

Incwane Communicat­ions yenza izinto ezintathu - ihlela imicimbi, iqophe abaculi iphinde ivundulule ithalente labaculi abasafufus­a bese iyalisabal­alisa. Izolo ibihlele umcimbi obekuboshe­lwe kuwona inqwaba yabaculi emthwalume.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? U-AYANDA Ncwane ukhala ngokulande­lwa ngamadoda ameshelayo.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA U-AYANDA Ncwane ukhala ngokulande­lwa ngamadoda ameshelayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa