Ukhala ngokuxinwa yizesheli u-ayanda Ncwane
Uthi zimlandela nasezinkundleni zokuxhumana
U-AYANDA oyinkosikazi kasfiso Ncwane ongasekho emhlabeni, ukhala ngamadoda ameshela ubuthaphuthaphu. Uthi indlela amlandela ngayo ungafunga ukuthi kukhishwe isicoco esiyonikwa indoda eyomthola kuqala.
UKHALA ngokweshelwa ubuthaphutha u-ayanda obeyinkosikazi yesilomo somculo wokholo usfiso Ncwane ongasekho emhlabeni.
U-ayanda usesebenza ukuphunga amadoda wena owabona umuntu ephunga izimbuzane. Uthi aqhamuka ngapha nangapha kanti ngisho nasezinkundleni zokuxhumana awazibekile phansi, amthumelela imiyalezo kwi-inbox.
Uthi amadoda mawahlukane naye phansi, inhliziyo yakhe isaqaqamba ngokushiywa ngumyeni wakhe.
“Ungafunga ukuthi kubekwe isicoco sokuthi oyongithola kuqala nje,” kusho yena.
Lokhu ukudalule enkulumeni ekhethekile abe nayo NELANGA
Langesonto ngaphambi komgubho wosuku lokuzalwa lomnyeni wakhe obeluyizolo. Usfiso washona ngonyaka wezi-2016 ziyi-5 kuzibandlela (December). Uthi indlela umyeni wakhe owashona ngayo yiyona eyenza kube nzima ukuphola kwesilonda enhliziyweni yakhe nokuba angaxoli.
“Ngabe kungcono ukuba wagula noma wagingqika nemoto, mhlampe ngabe sekupholile kodwa indlela ahamba ngayo yenza ngingakholwa ukuthi ngeke ngiphinde ngimbone, ngakho-ke uma umuntu ezongikhulumela indaba yokuqhubekela phambili nezothando ngivele ngimbuke nje,” kuqhuba u-ayanda.
Uthi izicelo zezesheli ezingena zilakalanyana azithi shu kuyena.
“Mina inhliziyo yami isekwaNcwane futhi isekude ukuphuma khona uma kuwukuthi iyophuma,” kusho yena.
Uthi isilonda anaso sehlula ngisho ibhayibheli. “Ngiyalifunda impela ibhayibheli futhi ngiyakholelwa kulona kodwa bayongixolela omatthew, ojoseph nabanye abasebhayibhelini, indlela ashona ngayo uncwane yenza kube nzima ukuxola,” kusho yena.
Uthi izingane zakhe yizona abona ukuthi ziqinile ngoba isikhathi esiningi yizo ezimqinisa idolo.
“Kwesinye isikhathi ngiyazivalela ekamelweni ngikhale ngedwa ukuze ungcweti nomawenza bengaboni ukuthi ngisakhala namanje,” kusho yena.
Uthi uncwane ushona nje bebenesifiso sokuthola ingane yentombazane kwazise babusiswe ngabafana bodwa.
“Uncwane ubekade efuna ingane yentombazane kodwa ngenxa yokubona ukuthi izinto bezingasihambeli kahle ngathi kasime (ukuzama umntwana wentombazane).
"Ngowezi-2016 sengibona ukuthi konke kuhamba kahle, sesinakho okuningi esikudingayo ngamtshela ukuthi sengikulungele ukuthola umntwana,” kuqhuba u-ayanda.
Uthi nalezi zabafana ezikhona abasitholanga isikhathi esiningi sokuhlala nazo ngoba bebematasa.
“Isikhathi esiningi bezifana nezingane ezisiswayo, sizicelela kubantu ukuba basibhekele zona, zagcina sezikhulela ekhaya kwagumede,” kuchaza u-ayanda.
Uthi impilo ayizange ifane ngemuva kokuhamba emhlabeni kukasfiso, konakale izinhlelo eziningi.
“Njengoba senza imicimbi nje besazi ukuthi uhlu lwabaculi alubalulekile kangako ngoba uma unoncwane nje kusho ukuthi isigcwele inkundla,” kuqhuba u-ayanda.
Uthi kuyimanje bayaqhubeka nenkampani yakhe usfiso futhi konke kuyenzeka. Ubonge kakhulu abantu baseningizimu Afrika ngokumeseka noma uncwane engasekho emhlabeni.
“Abantu mina bebengangazi kodwa bakwazile ukuthi uma umnyeni wami ehamba bangamukele nginjalo,” kusho yena.
Kuyimanje le nkampani ebizwa ngokuthi yincwane Communications inezisebenzi ezingama-23.
Ephawula ngendaba yenzilo ayigqoka ngemuva kokushona kukasfiso, uthi inkolo yakhe ayimuvumeli ukuba agqoke inzilo, kodwa wayigqoka ngoba ehlonipha umndeni.
“Ngisho uncwane wayengahambelani nokuba ngigqoke inzilo uma eseshonile kodwa ngayigqoka ngoba ngihlonipha izifiso kanye nosiko lomndeni ngoba ngiganile,” kuqhuba yena.
Uzifanisa nomuntu wesifazane owehluke kakhulu kwabanye abantu ngoba izinto adlule kuzona zinzima kakhulu.
“Ngashada ngonyaka wezi-2007 ngisemncane kakhulu. Uncwane ngaleso sikhathi wayehlupha, eqonywa kodwa ngabekezela kwaze kwadlula konke lokho ngoba ushone esezilungele nje,” kusho yena.
Uthi kuyimanje uyahlangana namantombazane amtshele ukuthi ayethandana noNcwane kudala kodwa akanankinga nawo.
Incwane Communications yenza izinto ezintathu - ihlela imicimbi, iqophe abaculi iphinde ivundulule ithalente labaculi abasafufusa bese iyalisabalalisa. Izolo ibihlele umcimbi obekuboshelwe kuwona inqwaba yabaculi emthwalume.