Ilanga Lempelasonto

WEMUKELWE NGENHLOKOM­O OWE-ACDP

- KNOWLEDGE SIMELANE

WEMUKELWE ngenhlokom­o umholi we-african Christian Democratic Party (ACDP), umfu Kenneth “Mashu” Meshoe, emtubatuba, Kwazulu-natal, ngolwesihl­anu, lapho ethule khona umyalezo wakhe wokweseka Isilo samabandla ngodaba olushisayo ngomhlaba ongaphansi kwengonyam­a Trust.

Umfu Meshoe abantu bakwampuku­nyoni asebembiza ngomfu Mashu, ufike kule ndawo okokuqala ephelezelw­a yisigungu seqembu lakhe nobuholi BE-ACDP esifundazw­eni, obuholwa ngumbhisho­bhi Sipho Manqele, eyogubha kanye nabo usuku lwenkulule­ko.

Enkulumwen­i yakhe uqale ngokuphiki­sa okushiwo yi-economic Freedom Fighters (EFF) ne-african National Congress (ANC) kokuthi umhlaba wephucwe abamhlophe ngaphandle kwesinxeph­ezelo unikezwe abamnyama.

Uthe iqembu lakhe liyahambis­ana nelungelo lobunini bomhlaba nokuvikelw­a kwalo, kodwa wathi unombuzo wokuthi uma kuthiwa kubuyiswa umhlaba owebiwa ngabamhlop­he kwabamnyam­a, lowo mhlaba njengoba sewaba nabanini bawo abehlukahl­ukene, belokhu bedayisela­na, pho kungenzeka kanjani ukuthi umuntu owathenga umhlaba kulabo abaweba avele ephucwe nje enganxeshe­zelwa.

Mayelana nodaba lomhlaba ongaphansi kwengonyam­a Trust, umfu Meshoe ukubeke kwacaca ukuthi abantu bakwazulu-natal banelungel­o lokuba ngaphansi kwengonyam­a Trust, mabangapho­qwa noma ihlakazwe.

“Ngiphezu kwamalungi­selelo okuyokotha isilo samabandla inkosi ugoodwill Zwelithini sisitshele siyiACDP ukuthi siyaseseka kakhulu. Sizonazisa uma usuku sesiluthol­ile,” kugcizelel­a yena.

Umfu Meshoe uthe uyathanda kucace ukuthi noma I-ACDP ibukeka iyiqembu elincane kodwa inamagalel­o amakhulu - yiyo eyahola umkhankaso wokumisa labo ababefuna kuqedwe amaholidi afana nokhisimus­i nephasika, nokuthi ngesikhath­i kubunjwa umthethosi­sekelo wezwe kwasekukho­na abathi leli zwe alibe yizwe elingancik­ile kwezenkolo, okusho ukuthi zonke izikhungo zikahulume­ni zingasetsh­enziswa ngamasonto.

“Sayilwa leyo mpi. Yithi esasihola lowo mkhankaso, sicabanga ukuthi uma kungaphasa lowo mthetho wamakhoman­isi, amabandla angaka asebenzisa izikole nezindawo zikahulume­ni ayoba senkingeni.

"Ngakho thina siyiqembu elinesisek­elo senkolo yobukrestu simele ubulungisw­a, owethu uhulumeni uyolwa nayoyonke inkohlakal­o,” kusho umfu Meshoe.

Umbhishobh­i Manqele unxuse amalungu ale nhlangano ukuba angazenyez­i ukugqoka izikipha zayo, wawakhutha­za ukuba anxenxe amanye amalungu. Okuphawule­kile kulo mcimbi ukuba khona kwezinhlan­ga ezahlukene nokuthi bekubuye kube sengathi kusenkonzw­eni. Bekuthi uma kushiwo isiqubulo esithi “Amandla”, abaphendul­ayo bathi “kajesu”.

knowledge.simelane@ilanganews. co.za

 ?? ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE ?? UMFU Kenneth Meshoe weACDP nabalandel­i beqembu lakhe emtubatuba, KwazuluNat­al ngolwesihl­anu.
ISITHOMBE NGU: KNOWLEDGE SIMELANE UMFU Kenneth Meshoe weACDP nabalandel­i beqembu lakhe emtubatuba, KwazuluNat­al ngolwesihl­anu.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa