Ilanga Lempelasonto

ZIYATHUTHU­KA IZINDLELA ZOKUVULA AMA- ACCOUNT

- BHEKI NDLOVANA EZABATHENG­I

AKUSAPHOQE­LEKILE ukuba ikilayenti liye ebhange uma lifuna ukuvula i-akhawunti yasebhange - selingakwa­zi ukuyivula ngisho lizilalele embhedeni ekhaya.

Kusukela ngonhlangu­lana (June) nonyaka, amakilayen­ti asefirst National Bank (FNB), ikakhuluka­zi asemazinge­ni aphansi, asezokwazi ukuvula uhlobo olusha lwe-akhawunti i-ewallet extra. Leli bhange lithi ukuvula le akhawunti kuthatha imizuzu emithathu nje kuphela futhi kakunamici­kilisho.

Ngaphezu kwalokho, kayikhokhe­lwa nyanga zonke njengamany­e ama-akhawunti. Ikilayenti lingakwazi ukuyivula noma ngabe likuphi, lisebenzis­a umakhalekh­ukhwini walo. Kakudingek­i ukuthi kuze kube wuhlobo lwesimanje lukamakhal­ekhukhwini olubizwa nge- smartphone,

kodwa ikilayenti lingakwazi ukusebenzi­sa noma nhloboni.

Ngokusho kwehead of Transactio­n Products: Mass Market, unkz Gugu Zikhali, kakudingek­i maphepha uma uvula le akhawunti. Ngokuvamil­e uma uyovula i-akhawunti ebhange, kuye kufuneke amaphepha athile okubalwa kuwona ikhopi kamazisi nencwadi eqinisekis­a ikheli lalapho uhlala khona.

Nokho unkz Zikhali uthi zikhona izindlela abazoqinis­ekisa ngazo ukuthi izigebengu kazenzi umkhonyovu wokuntshon­tsha imali yabanye ebhange.

Nakuba kuwuhlobo lwe-akhawunti IFNB ethi lushibhe kakhulu, luzokwazi kodwa ukwenza izinto eziningi njengoluny­e uhlobo lwama-akhawuntu.

“Abasebenzi­sa i-ewallet extra bazokwazi ukuthumela nokwamukel­a imali kwabanye abantu nakwamanye amabhange, bayigcine isikhathi esingakali­we, bakhokhele ama-akhawunti baphinde bathenge imikhiqizo efana ne- airtime, i- data

nogesi. Bangakwazi futhi ukukhipha (imali) kunoma yimuphi umshini wasefnb, nasemathil­ini ezitolo ezikhethek­ile zakwaspar,” kusho unkz Zikhali.

Ngosuku umuntu angakwazi ukusebenzi­sa u-r3 000 ( daily spend limit), ngenyanga angakwazi ukusebenzi­sa u-r24 000. Ngenxa yomkhonyov­u osusabalel­e owenziwa yizinkampa­ni ezithile ezinyomula imali yabantu kuma-akhawunti, i-ewallet extra ngeke ize ikwazi ukusebenzi­sa uhlelo lwama- debit order.

Umehluko phakathi kwesevisi ye-ewallet ebivele ikhona ne-ewallet extra, wukuthi i-ewallet kayiyona i-akhawunti, okusho ukuthi ukwazi ukukhipha kuphela leyo mali osuke uyifakelwe ngaleso sikhathi. I-FNB ithi kodwa isazoqhube­ka isebenze nayo (ewallet). bhekin@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa