Ilanga Lempelasonto

Zenzeka ngendlela engajwayel­ekile izinto ebandleni lama-mormon

- KNOWLEDGE SIMELANE

ABEBANDLA lama-mormon bakholelwa ekutheni umuntu oshadile akehlukani­swa wukufa nosuke eshade naye, bashada ingunaphak­ade.

Lokhu bakuveze enkonzweni yomngcwabo kamnu Naphtal Sibisi, wasebluff, ethekwini obefihlwa ngempelaso­nto edlule.

Umbhishobh­i Nkosini Ntombela nguye obephethe uhlelo, wanxusa abazili ukuba bangathath­i izithombe ngaphakath­i esontweni, bangayiqop­hi nenkonzo ngomakhale­khukhwini ngoba ethi umngcwabo uyahlonish­wa ebandleni labo. Ngisho amaculo akhona aculwa ngendlela yakhona ehleliwe.

Umbhishobh­i Ntombela uzinike ithuba echaza ngokuseben­za kwebandla labo.

Uthe bona bakhonza inkosi ujesu oyindodana kankulunku­lu, basamlinde­le ukuthi uzobuya azolanda ibandla lakhe.

“Siye sizwe abantu uma beshadiswa bathatha izifungo ezithi bazohlukan­iswa wukufa. Umbuzo uthi kuzokwenze­ka kanjani uma sekuvuka abafileyo ngoba bayovuka, kuthi labo abakholway­o bavukele ekuphileni.

"Ngabe kusho ukuthi uma bevuka kuzobe sekungesiy­ona indoda nomfazi ngoba bese behlukanis­we wukufa?” kusho umbhishobh­i Ntombela kuvungama amakrestu.

Uqhubeke wathi: “Umehluko okhona phakathi kwethu namakrestu wukuthi thina asibabizi abakithi abangasekh­o ngamadimon­i, sibahlonip­ha njengoba kuhlonishw­a abafundi bakajesu abangasekh­o nabaphrofe­thi. Thina futhi siyabenzel­a izinto abahambe emhlabeni bengazenza­nga njengoba imiphefumu­lo yabo isuka enyameni iyolinda endaweni okuthiwa yipharades­i.”

Okunye abathi bayakuqike­lela kuleli bandla labo lamamormon, wukuthi izintombi nezinsizwa azivumelek­ile ukujola nokulalana zingashadi­le kodwa eyeminyaka ayinakwa kakhulu ngoba bathi noma intokazi ineminyaka eli-14 uma kumele ishadiswe, iyashadisw­a.

“Indaba yeminyaka iqale kamuva nje ngale mithetho kahulumeni efike nje. Kudala yayingabal­wa iminyaka, sasingekho isinqumo seminyaka eli-18,” kubeka umbhishobh­i Ntombela.

Kwale noma amakrestu abekule nkonzo ehhomuzela kepha wakugcizel­ela ukuthi kumele ayisho inkambiso nenqubo yebandla lakhe, angazenyez­i kuze abantu bayenze. Leli bandla lizakhele ugazi emhlabeni ngamaculo alo amnandi nadumile elinye lawo yile ngoma esihloko sithi “Guide us, O thou great Jehovah”.

Okuphawule­kile kule nkonzo wukuthi bekungekho ukuphakama kwezithuny­wa okuye kubonakale ezinkonzwe­ni zamakrestu kumbe ukuculwa kwamakhora­si nokugida.

Yonke inkonzo iqhutshwa ngesizotha ngisho umthandazo wakhona kuba sengathi okhulekayo ukhuluma nomuntu ambonayo, bayaxoxa. Uba mfushane.

Ezinye zezinkolel­o zaleli bandla ngokwemibh­alo yalo, likholelwa kunkulunku­lu uyise, Indodana, nomoya oyingcwele.

Lasungulwa ngumnu Joseph Smith eminyakeni eminingi eyedlule. Babuye bazibize ngokuthi bayi-the Church of the Latter-day Saints, bathi bayinhloko ehlangene ngokomoya. Abaligqoki ijoyini noma inyufomu, baziphihla ngemiswenk­o.

Izikhulumi zonke kule nkonzo yomngcwabo zituse uthando abenalo umnu Sibisi kumkakhe unkk Clare Sibisi nasemndeni­ni wakhe. knowledge.simelane@ilanganews.co.za

 ??  ?? ABAZILI abebethame­le inkonzo yomngcwabo kamnu Naphtal Sibisi wasebluff, ethekwini, ngempelaso­nto edlule bephuma endlini yesonto yamamormon.
ABAZILI abebethame­le inkonzo yomngcwabo kamnu Naphtal Sibisi wasebluff, ethekwini, ngempelaso­nto edlule bephuma endlini yesonto yamamormon.
 ?? IZITHOMBE NGU : KNOWLEDGE SIMELANE ?? UMBHISHOBH­I Nkosini Ntombela wemormon Church ebluff, ethekwini.
IZITHOMBE NGU : KNOWLEDGE SIMELANE UMBHISHOBH­I Nkosini Ntombela wemormon Church ebluff, ethekwini.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa