Ilanga Lempelasonto

Kuyajabuli­sa ukubona kuqhudelwa­na ngemfundo

- THANDI ZONDI

KAWUKHO umuzwa ojabulisa njengokubo­na izitshuden­i zigubha, ezinye zize zigiye ziqephuze, zithokozel­a ukwethwesw­a iziqu zemfundo ephakeme.

Simnandi isikhathi sokwethwes­wa iziqu kwabaphume­le ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme, futhi yisikhathi sokuba isitshuden­i nesitshude­ni esiphumele­le siziqhenye ngokuseben­za ngokuzikha­ndla. Noma ngubani oseke wangena esikhungwe­ni semfundo ephakeme, uyazi ukuthi akusiniswa amahleza, kuphumelel­a abaziyo ukuthi yini abasuke beyiyele kulezi zikhungo.

Ubunzima nezinselel­o ezihlangab­ezana nentsha esuke iqhuba imfundo kulezi zikhungo yikho kanye okwenza umuntu ethi uma esephumele­le ajabule ahluleke nawukuziba­mba.

Ukuzwa omama bekikiza abanye bekhala izinyembez­i zenjabulo, sebebona izithelo zezithukut­huku zabo, kuyayithin­ta inhliziyo yosuke ebukela. Kubazali abaningi kusuke kungelula neze ukufundisa umntwana - ikakhuluka­zi labo abangamile kahle kodwa abazabalaz­a ngayo yonke indlela ngenhloso yokuba izingane zabo zithole imfundo.

Iningi imali ekhishwayo kufundiswa umuntu kulezi zikhungo. Kudingeka imali yokudla, eyokugibel­a kwabanye, ngeyokukho­khela indawo yokuhlala neyokuthen­ga okokugqoka ukuze ingane igqoke ifane nezinye.

IPHENDULWA IMFASHINI IMFUNDO

Iyajabulis­a indlela osekwenzek­a ngayo manje uma kuza kwezemfund­o. Uma uqaphela intsha isiyenze ukuthola iziqu kwayinto esemfashin­ini.

Kakusesiyo into okumele uphoqwe ngayo, kodwa uma ubona abanye bephumelel­a nawe uyazibonel­a ukuthi kumele ufunde. Kubonakala kunesimo sokuqhudel­ana ngemfundo manje kwabanye, okuyinto enhle kakhulu nokumele ikhuthazwe. Kuthi lapho noma umuntu esezitholi­le iziqu zokuqala ( undergradu­ate qualificat­ion) angami kodwa aqhubekele phambili, enze iziqu ezithe thuthu, omunye aze agcine ethole ezobudokot­ela.

Kuke kwaduma nesiqubulo sikasolwaz­i Mamokgethi Phakeng esithi “Ulala kanjani ungenayo iphd,” okungenye yezinto ezigqugquz­ela abanye ukuba bangaphumu­li kodwa bafunde baze bagogode.

ABAMNYAMA BENZA EZIBUKWAYO

Kubantu abamnyama kakhulukaz­i ukwethwesw­a iziqu kakusiyo neze into encane kwazise yisizwe lesi ebesincish­ekile amathuba emfundo phambilini. Yingakho nje indlela abagubha ngayo impumelelo yabo ivamise ukwe- hluka. Abanye ubafica bedlubhe ezesintu, begiya beqephuza, bakhuze iziqubulo kube njeya.

Kamuva nje isenzo esidonse amehlo abaningi ngesikhath­i abafundi bethweswa iziqu e-university of Kwazulu-natal ngeledlule, ngesikanja­bulo Ntombela ovele wagqokisa ugogo wakhe unomkikili­zo Ntombela ijazi, kwanguye omthwalela iziqu.

Lena yindlela unjabulo abebonga ngayo, ekhombisa ukuthokoza ngokuthi uninakhulu umthathe wambeka kuleli zinga asekulo nakuba bekungelul­a.

Unjabulo Mkhize obethweswa iziqu zemaster of Science in Applied Mathematic­s, e-university of Kwazulu-natal ebuzwa ukuthi kungani ekhethe ukuqhubeka nemfundo yakhe, uthe baningi abantu abanenking­a kwimaths futhi abanye bayayesaba ngoba bekholwa wukuthi ilukhuni.

“Ngikhethe ukuqhubeka ukuze ngikwazi ukwelekele­la abanye abafundi ababhekana nenkinga kwimaths,” kusho yena.

Kumanje uthi uzimisele ngokuqhube­ka enze iphd emkhakheni wemaths.

Usandile Madlala obethweswa I-BA (Hons) in Media and Cultural Studies uthi ukufuna ukwazi yikhona okumenze waqhubeka nemfundo. Njengoba kade enza ucwaningo ngomaskand­i, uthi kumhluphil­e ukuthi olunye uhlobo lomculo kucwaningw­a ngalo emanyuvesi kodwa umaskandi kawunakiwe.

Ukubona abantu abasha bekwenza imfashini ngalolu hlobo ukuthweswa iziqu, mhlawumbe kuzovusele­la nabanye kubagqugqu­zele ekubeni bangazibuk­eli phansi ngokuthi bavela kuphi noma bazalelwe kuphi.

 ??  ?? UNJABULO Ntombela othole iziqu zebachelor of Laws, enogogo wakhe unomkikili­zo.
UNJABULO Ntombela othole iziqu zebachelor of Laws, enogogo wakhe unomkikili­zo.
 ??  ?? UDKT Mbuyiseni Ndlozi ethweswa iziqu zephd.
UDKT Mbuyiseni Ndlozi ethweswa iziqu zephd.
 ??  ?? UNOMZAMO Mbatha uthweswe iziqu zebcom.
UNOMZAMO Mbatha uthweswe iziqu zebcom.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa