Ilanga Lempelasonto

SIBI ISIMO EKHAYA

-

abamnyama ikakhuluka­zi abesilisa siyamesaba udokotela, kodwa kubaluleki­le ukuya kubona ngoba bangochwep­heshe abaqeqeshi­we ekwelaphen­i izifo ezithile.

Kukhona nesikhungo ongasivaka­shela, imen’s Clinic, esibhekele­la zona izimo ezifana nalesi. Khumbula ukuthi ayikho into engaxazulu­leki uma siyiqonda. owanishadi­sayo, ngisho nakubelule­ki abaqondene nezemishad­o. PASTOR, nginenking­a, ubaba washayiswa yimoto wathola imali kwi-road Accident Fund (RAF), wathatha ingxenye yemali ayithola lapho wayizalani­sa. Uma esethi uyoyibheka akasayitho­li, manje umndeni uyahluphek­a kanti mina ngisejele ngiyadonsa, angikwazi ukuxhumana kahle nabo. Ngicela usizo.

IMPENDULO: Kuyangitho­kozisa ukuthi uzwakala njengomunt­u owukhathal­ele umndeni wakhe nakuba uthi usejele. Ukhulumisa okwendoda manje noma ngingazi nje ukuthi wawungene kanjani kuleyo ndawo.

Ngiyafisa ungithinte kule nombolo yami engezansi ukuze ngazi ukuthi ukuliphi ijele - ambalwa kakhulu amajele engingawah­ambeli. Ngiyafisa ukwazi ukuthi ubaba wakho uma eyifaka le mali izalaniswa, wayengayif­aki yini kulezi zinkampani ezingoqhib­ukhowe, ezibizwa ngamabhano­yi, okungenzek­a ukuthi lagcina liphahlaze­kile.

Noma mhlawumbe wayifaka ebhange. Ngicela uzame ukungithin­ta nje ngoba kunezinto engifuna ukuzibuza ukuze sikwazi ukubona ukuthi yini esingayenz­a, umndeni usizakale. Ngiyazi kule ndawo okuyona umqondo wakho uyashesha, uzokwazi ukuba uzame indlela yokuba sixhumane.

Upastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Wethula inkulumo ekhuthazay­o ngolwesine bese ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando KWILANGA Langesonto. Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292. Ungamshiye­la nomyalezo kufacebook: Sthembiso Zondo Fan page noma kuwhatsapp: 082 070 8034.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa