SIBI ISIMO EKHAYA
abamnyama ikakhulukazi abesilisa siyamesaba udokotela, kodwa kubalulekile ukuya kubona ngoba bangochwepheshe abaqeqeshiwe ekwelapheni izifo ezithile.
Kukhona nesikhungo ongasivakashela, imen’s Clinic, esibhekelela zona izimo ezifana nalesi. Khumbula ukuthi ayikho into engaxazululeki uma siyiqonda. owanishadisayo, ngisho nakubeluleki abaqondene nezemishado. PASTOR, nginenkinga, ubaba washayiswa yimoto wathola imali kwi-road Accident Fund (RAF), wathatha ingxenye yemali ayithola lapho wayizalanisa. Uma esethi uyoyibheka akasayitholi, manje umndeni uyahlupheka kanti mina ngisejele ngiyadonsa, angikwazi ukuxhumana kahle nabo. Ngicela usizo.
IMPENDULO: Kuyangithokozisa ukuthi uzwakala njengomuntu owukhathalele umndeni wakhe nakuba uthi usejele. Ukhulumisa okwendoda manje noma ngingazi nje ukuthi wawungene kanjani kuleyo ndawo.
Ngiyafisa ungithinte kule nombolo yami engezansi ukuze ngazi ukuthi ukuliphi ijele - ambalwa kakhulu amajele engingawahambeli. Ngiyafisa ukwazi ukuthi ubaba wakho uma eyifaka le mali izalaniswa, wayengayifaki yini kulezi zinkampani ezingoqhibukhowe, ezibizwa ngamabhanoyi, okungenzeka ukuthi lagcina liphahlazekile.
Noma mhlawumbe wayifaka ebhange. Ngicela uzame ukungithinta nje ngoba kunezinto engifuna ukuzibuza ukuze sikwazi ukubona ukuthi yini esingayenza, umndeni usizakale. Ngiyazi kule ndawo okuyona umqondo wakho uyashesha, uzokwazi ukuba uzame indlela yokuba sixhumane.
Upastor Sthembiso Zondo ngumeluleki nomethuli wezinkulumo ezakhayo. Wethula inkulumo ekhuthazayo ngolwesine bese ephendula imibuzo yabafundi ngezinkinga zempilo nezothando KWILANGA Langesonto. Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292. Ungamshiyela nomyalezo kufacebook: Sthembiso Zondo Fan page noma kuwhatsapp: 082 070 8034.