ANGISALWAZI UCANSI
Kuyofuneka ukuthi uma kwenzeka kukhona owesilisa oza kuwena usheshe umtshele nje kusasuka phansi ukuthi UHIV+, naye azithathele isinqumo sokuthi uyafuna yini ukuqhubeka noma cha. Imvamisa-ke abantu sebefundisekile manje ngaleli gciwane.
Sebeyazi ukuthi uma unalo akusho ukuthi uyagula. Baningi abantu abangenalo kodwa abathandana nabantu abanalo. Uma ekhetha ukukushiya, akubalekele lokho kuyosho ukuthi ubevele engazimisele ngawe, noma akavuthiwe ngokomqondo.
Kuwukumosha isikhathi sakho ukulokhu uzikhathaza ngesidomu. Lo owakuyekiswa ukuthi UHIV+ uzwakala engumuntu ongahloniphi. Ukulanda kwakhe izinkomo ekhaya kini ngoba nakhu UHIV+ kuwukungabahloniphi abazali bakho. PASTOR, ngingumama oseshade iminyaka eyi-11 kodwa ucansi ngalugcina ngo-2011. Le nto yenza ngicabange ukuthi akasangithandi umyeni wami, nwwoma ngizama ukuba sikhulume ngayo uvele angizibe. Sengize ngazitholela omunye umuntu kodwa ngidliwa wunembeza. Ngisizeni, ngenze njani? Akusekho ukuwujabulela umshado wami.
IMPENDULO: Le nkinga obhekene nayo ingenye yezinto engiye ngizibuze yona ukuthi ngempela kudalwa yini ukuthi abantu beshadile bangabe besakwazi ukujabulisana enkonzweni yasekamelweni kuze kuphele iminyaka emingaka.
Yinto nje engamukelekile lena ukuba abantu abashadile babulalane ngendlala. Ngicabanga ukuthi inkulu inkinga umyeni wakho abhekene nayo ngawe okufuneka singasheshi simahlulele kuyona. Kuyadinga ukuba kuhlalwe naye phansi kukhulunywe ukuze kutholakale inkinga.
Kungenzeka ukuba umyeni wakho kukhona lapho engaphilile kahle khona - uma kunjalo kungafanele nawe umeseke. Uma kuwukuthi akanankinga ngokwempilo, lokho kuyosho ukuthi unenkinga nawe. Kubalulekile-ke ukuba uma kunezinkinga ezifuze lena kuhlalwe phansi kukhulunywe amaqiniso ukuze izoxazululeka. Baningi abantu abanganisiza. Inkinga ningayibikela abadala emndenini, kumfundisi