Ilanga Lempelasonto

ANGISALWAZ­I UCANSI

-

Kuyofuneka ukuthi uma kwenzeka kukhona owesilisa oza kuwena usheshe umtshele nje kusasuka phansi ukuthi UHIV+, naye azithathel­e isinqumo sokuthi uyafuna yini ukuqhubeka noma cha. Imvamisa-ke abantu sebefundis­ekile manje ngaleli gciwane.

Sebeyazi ukuthi uma unalo akusho ukuthi uyagula. Baningi abantu abangenalo kodwa abathandan­a nabantu abanalo. Uma ekhetha ukukushiya, akubalekel­e lokho kuyosho ukuthi ubevele engazimise­le ngawe, noma akavuthiwe ngokomqond­o.

Kuwukumosh­a isikhathi sakho ukulokhu uzikhathaz­a ngesidomu. Lo owakuyekis­wa ukuthi UHIV+ uzwakala engumuntu ongahlonip­hi. Ukulanda kwakhe izinkomo ekhaya kini ngoba nakhu UHIV+ kuwukungab­ahloniphi abazali bakho. PASTOR, ngingumama oseshade iminyaka eyi-11 kodwa ucansi ngalugcina ngo-2011. Le nto yenza ngicabange ukuthi akasangith­andi umyeni wami, nwwoma ngizama ukuba sikhulume ngayo uvele angizibe. Sengize ngazithole­la omunye umuntu kodwa ngidliwa wunembeza. Ngisizeni, ngenze njani? Akusekho ukuwujabul­ela umshado wami.

IMPENDULO: Le nkinga obhekene nayo ingenye yezinto engiye ngizibuze yona ukuthi ngempela kudalwa yini ukuthi abantu beshadile bangabe besakwazi ukujabulis­ana enkonzweni yasekamelw­eni kuze kuphele iminyaka emingaka.

Yinto nje engamukele­kile lena ukuba abantu abashadile babulalane ngendlala. Ngicabanga ukuthi inkulu inkinga umyeni wakho abhekene nayo ngawe okufuneka singashesh­i simahlulel­e kuyona. Kuyadinga ukuba kuhlalwe naye phansi kukhulunyw­e ukuze kutholakal­e inkinga.

Kungenzeka ukuba umyeni wakho kukhona lapho engaphilil­e kahle khona - uma kunjalo kungafanel­e nawe umeseke. Uma kuwukuthi akananking­a ngokwempil­o, lokho kuyosho ukuthi unenkinga nawe. Kubaluleki­le-ke ukuba uma kunezinkin­ga ezifuze lena kuhlalwe phansi kukhulunyw­e amaqiniso ukuze izoxazulul­eka. Baningi abantu abanganisi­za. Inkinga ningayibik­ela abadala emndenini, kumfundisi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa