NGIKHATHAZEKILE NGESIDODA SAMI
ngeke bakuthande bonke ngisho usuthanda.
Okunye okumele ukwazi wukuthi abantu emsebenzini abathandi ukuphathwa, baye bafise sengathi bangazenzela umathanda nje, kube yikwampunzi edla emini. Mayelana nokuthi bayakuthuka - inhlamba ayikaze ivumeleke. Uma umuntu ekuthuka phambi kwabanye abantu, lowo muntu usuke ekwehlisa isithunzi.
Ngiyafisa ukwazi ukuthi njengoba uphethe abantu nje, lukhona yini ulwazi ohlome ngalo olumayelana nokuphatha. Phela kusemqoka ukwazi ukuthi ubhekana kanjani nezimo ezifana nalezi, yingakho kubalulekile ukuba kube noqeqesho oluyisipesheli olutholayo olukusiza ekutheni ukwazi ukumelana nezimo ezifuze lesi.
Ngiyafisa sichushisane ngokomqondo ukuthi wenza kanjani ukuba abantu bakuthande, bakuhloniphe emsebenzini. Angifuni ugcine usungumuntu ohlale ekhala esola abantu kanti indaba ikuwe, uhluleka wukubaphatha. Ngicela ungithinte kule nombolo engenzansi ukuze sikwazi ukukhuluma, sichushisane. PASTOR, ngingowesilisa oneminyaka engama-35 ubudala, inkinga yami wukuthi isidoda sami singamanzi kanti ngokudlule besishubile. Benginethemba lokuthola ingane kodwa manje sengivele ngaphelelwa wukulangazelela owesifazane. Ngenzenjani.
IMPENDULO: Mfowethu angingalokhu ngilanda kakhulu futhi angingakuzweli kuze kweqe. Ngicela ubambe la mazwi, uma uphethwe yizinyo iya kudokotela wamazinyo. Uma ufuna imfundo, iya esikoleni. Uma umuntu ekuhlukumeza iya kwabomthetho.
Njengoba unenkinga ngesidoda sakho, ngicela ungalokhu uzicabangela wena ngoba uzomelwa yingqondo. Hamba kodokotela abasiza ngalokho, ungazenyezi. Odokotela bayokuchazela futhi bakusize. Asikho isidingo sokuthi ungaze umelwe yingqondo ulokhu ucabanga ngento engengangawe. Ngiyazi ukuthi singabantu