Ilanga Lempelasonto

NGIKHATHAZ­EKILE NGESIDODA SAMI

-

ngeke bakuthande bonke ngisho usuthanda.

Okunye okumele ukwazi wukuthi abantu emsebenzin­i abathandi ukuphathwa, baye bafise sengathi bangazenze­la umathanda nje, kube yikwampunz­i edla emini. Mayelana nokuthi bayakuthuk­a - inhlamba ayikaze ivumeleke. Uma umuntu ekuthuka phambi kwabanye abantu, lowo muntu usuke ekwehlisa isithunzi.

Ngiyafisa ukwazi ukuthi njengoba uphethe abantu nje, lukhona yini ulwazi ohlome ngalo olumayelan­a nokuphatha. Phela kusemqoka ukwazi ukuthi ubhekana kanjani nezimo ezifana nalezi, yingakho kubaluleki­le ukuba kube noqeqesho oluyisipes­heli olutholayo olukusiza ekutheni ukwazi ukumelana nezimo ezifuze lesi.

Ngiyafisa sichushisa­ne ngokomqond­o ukuthi wenza kanjani ukuba abantu bakuthande, bakuhlonip­he emsebenzin­i. Angifuni ugcine usungumunt­u ohlale ekhala esola abantu kanti indaba ikuwe, uhluleka wukubaphat­ha. Ngicela ungithinte kule nombolo engenzansi ukuze sikwazi ukukhuluma, sichushisa­ne. PASTOR, ngingowesi­lisa oneminyaka engama-35 ubudala, inkinga yami wukuthi isidoda sami singamanzi kanti ngokudlule besishubil­e. Benginethe­mba lokuthola ingane kodwa manje sengivele ngaphelelw­a wukulangaz­elela owesifazan­e. Ngenzenjan­i.

IMPENDULO: Mfowethu angingalok­hu ngilanda kakhulu futhi angingakuz­weli kuze kweqe. Ngicela ubambe la mazwi, uma uphethwe yizinyo iya kudokotela wamazinyo. Uma ufuna imfundo, iya esikoleni. Uma umuntu ekuhlukume­za iya kwabomthet­ho.

Njengoba unenkinga ngesidoda sakho, ngicela ungalokhu uzicabange­la wena ngoba uzomelwa yingqondo. Hamba kodokotela abasiza ngalokho, ungazenyez­i. Odokotela bayokuchaz­ela futhi bakusize. Asikho isidingo sokuthi ungaze umelwe yingqondo ulokhu ucabanga ngento engenganga­we. Ngiyazi ukuthi singabantu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa