Amadoda mawavikele amakhosikazo awo
KUBALULEKILE ukuba indoda ibe nokhakhayi oluqinile, ikwazi ukubhekana nezinkinga eziqubuka ekhaya, zobudlelwano phakathi kukamamezala nomakoti.
Inkinga yokungezwani phakathi kukamakoti nomamezala yinto ejwayelekile emindenini eminingi. Ngesinye isikhathi uthola ukuthi inkinga yokungezwani phakathi kukamakoti nomamezala ishuba ize ibe nomthelela nasebudlelwaneni bendoda nomfazi, ngisho nasemindenini yabo bobabili abathandanayo noma abaganene.
Kubalulekile ukuba owesilisa kukho konke lokhu avikele owesifazane kwazise usuke eshade naye.
Ublessing Ngcobo oweluleka ngezobudlelwano Okhozini FM, uthi ngaphambi kokuba abantu bashade, kubalulekile ukuba kube nokuxhumana.
“Kwesinye isikhathi uthola ukuthi mhlawumbe umakoti ufuna ukuqhubeka nezifundo kodwa umkhwenyana enqabe ngoba nakhu ephushwa ngabasekhaya bethi umakoti akahlale phansi. Kokunye kuke kuxatshanelwe indaba yekhishi.
Kube nowesilisa ozongafuni ukwakhela umakoti umuzi wakhe, kuphoqeleke ukuba asebenzise ikhishi elilodwa nomamezala noma athi akapheke phansi. Ayisoze yalunga into enjalo ngoba abesifazane bayathanda ukuba namakhishi abo,” kuchaza yena.
Uqhuba athi futhi nendlela umakoti akhuliswe ngayo ekhaya kubo inomthelela ekuziphatheni kwakhe.
Uma ekhule kade etshelwa ukuthi angabekezeli emzini uma kushisa ngoba indawo yakhe iyohlale ikhona ekhaya kubo, akazosibona isidingo sokuhlala alwele umendo wakhe, akhe umuzi wakhe.
Umnu Ngcobo ugqugquzela amadoda ukuba angahambisi emakhaya kubo izintombi abasuke bengakasithathi isinqumo sokwakha umuzi nazo ngoba nalokho kungadala izinkinga.
“Uma uhambisa intombi ekhaya bagcina sebeyijwayele. Kuyothi mhla ufika nosuzimisele ngaye kungabi kuhle ngoba sebejwayele le ntombi obulokhu uyiletha. Yizo zonke lezi zinto ezenza kube nokungezwani phakathi kukamkoti nabasemzini,” kusho yena.