Ilanga Lempelasonto

Amadoda mawavikele amakhosika­zo awo

- THANDI ZONDI

KUBALULEKI­LE ukuba indoda ibe nokhakhayi oluqinile, ikwazi ukubhekana nezinkinga eziqubuka ekhaya, zobudlelwa­no phakathi kukamameza­la nomakoti.

Inkinga yokungezwa­ni phakathi kukamakoti nomamezala yinto ejwayeleki­le emindenini eminingi. Ngesinye isikhathi uthola ukuthi inkinga yokungezwa­ni phakathi kukamakoti nomamezala ishuba ize ibe nomthelela nasebudlel­waneni bendoda nomfazi, ngisho naseminden­ini yabo bobabili abathandan­ayo noma abaganene.

Kubaluleki­le ukuba owesilisa kukho konke lokhu avikele owesifazan­e kwazise usuke eshade naye.

Ublessing Ngcobo oweluleka ngezobudle­lwano Okhozini FM, uthi ngaphambi kokuba abantu bashade, kubaluleki­le ukuba kube nokuxhuman­a.

“Kwesinye isikhathi uthola ukuthi mhlawumbe umakoti ufuna ukuqhubeka nezifundo kodwa umkhwenyan­a enqabe ngoba nakhu ephushwa ngabasekha­ya bethi umakoti akahlale phansi. Kokunye kuke kuxatshane­lwe indaba yekhishi.

Kube nowesilisa ozongafuni ukwakhela umakoti umuzi wakhe, kuphoqelek­e ukuba asebenzise ikhishi elilodwa nomamezala noma athi akapheke phansi. Ayisoze yalunga into enjalo ngoba abesifazan­e bayathanda ukuba namakhishi abo,” kuchaza yena.

Uqhuba athi futhi nendlela umakoti akhuliswe ngayo ekhaya kubo inomthelel­a ekuziphath­eni kwakhe.

Uma ekhule kade etshelwa ukuthi angabekeze­li emzini uma kushisa ngoba indawo yakhe iyohlale ikhona ekhaya kubo, akazosibon­a isidingo sokuhlala alwele umendo wakhe, akhe umuzi wakhe.

Umnu Ngcobo ugqugquzel­a amadoda ukuba angahambis­i emakhaya kubo izintombi abasuke bengakasit­hathi isinqumo sokwakha umuzi nazo ngoba nalokho kungadala izinkinga.

“Uma uhambisa intombi ekhaya bagcina sebeyijway­ele. Kuyothi mhla ufika nosuzimise­le ngaye kungabi kuhle ngoba sebejwayel­e le ntombi obulokhu uyiletha. Yizo zonke lezi zinto ezenza kube nokungezwa­ni phakathi kukamkoti nabasemzin­i,” kusho yena.

 ?? ISITHOMBE NGABE: S-I. HUFFPOST.COM ?? LUBALULEKI­LE uzwano phakathi kukamameza­la nomakoti.
ISITHOMBE NGABE: S-I. HUFFPOST.COM LUBALULEKI­LE uzwano phakathi kukamameza­la nomakoti.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa