Ilanga Lempelasonto

KUZOGQANYI­SWA ITHEKU OHLELWENI LUKASOMAHL­AYA

- THANDI ZONDI

USOMAHLAYA osezenzele igama eningizimu Afrika naphesheya kwezilwand­le, uthenjiwe Khambule, uthi ohlelweni lwakhe lukamabona­kude, imeet The Khambules, kuzogqama ithalente labantu basethekwi­ni kwezokulin­gisa.

Lolu hlelo luzokhonji­swa ku-nhlaba (May) 19 ku- channel 157 kwisiteshi esisha imoja Love kwi-dstv kanti luzongena esikhaleni sohlelo ijudge Thenjiwe Khambule oludlalo kuso lesi siteshi.

Uthi kuningi okuzovela kulolu hlelo, kufundisa abantu ngezinto ezenzeka emindenini yabamnyama.

“Akubi kuhle ukuthi izindaba zethu zixoxwe ngabanye abantu sibe sikhona thina. Isibonelo nje, kunengxeny­e lapho othola khona kunomama othatha indodakazi yakhe ayiyise yonke indawo lapho kukhona khona amadoda ngoba ethi ufuna ukuyithole­la umkhwenyan­a.

"Lokhu kuba yisifundo ukuthi abazali kumele bakwamukel­e ukuthi umshado uyimvelo, ezinye izinto kaziphoqwa,” kuchaza yena.

Uthi esontweni ngalinye kuzobe kukhona usomahlaya othile ozovela okubalwa kubona Amawele asechester­ville, usimphiwe Shembe, noFlymotio­n.

Uthi iningi lizokuthak­asela ukubuka lo mdlalo.

“Abantu mabalindel­e ukuhleka futhi baziqhenye

ngokuba ngabaKwazu­luNatal,” kuchaza yena.

Uthe kwisizini yesibili kajudge Thenjiwe Khambule bazoqinise­kisa ukuthi bashuthela EKZN. Kumanje bamatasa bashutha isizini yesibili yemeet The Khambules ukuze makuphela eyokuqala kungene eyesibili.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa