Ilanga Lempelasonto

ZOWAKHA MBATHA

-

emakhaya sikwazi ukuzwa okusuke kwenzeka estudiyo. Kuyinto engazange ingimangaz­e ukuthi lezi ziteshi ziyahlulek­a wukukhokhe­la le nkampani nyanga zonke, kwaze kwafika esigabeni sokuba isikweletu sifinyelel­e ezigidini zamarandi.

Ngicabanga ukuthi izikhungo ezifana nomnyango wezokuxhum­ana (Department Of Communicat­ions - DOC), osuphethwe ngunkk Nomvula Mokonyane kumele engabe kade zangenelel­a ukuze le misakazo ilekelelwe.

Kunezinhla­ka ezifana nonational Community Radio Forum (NCRF), Media Developmen­t and Diversity Agency (MDDA), okumele zisebenze ukuvikela nokuthuthu­kisa le misakazo kodwa ezivele ziphenduke izinja ezingenama­zinyo.

Ugcina usuzwa ngababekwe ezikhundle­ni kuthiwa sebelibele wukubanga amandla esikhundle­ni sokunakeke­la le misakazo. Siyasho kodwa nesintu ukuthi uma kubheke ikhanda lesitimela, izinqola ngeke zihambe.

Inselelo yokungakho­kheleki kwesentech iholele ekuvalweni kweziteshi eziyi-15 kanti zibalelwa ngaphezu kwekhulu ebezisazok­wehlelwa yilo mshophi. Masikubong­e ukungenele­la kwedoc, kuvunyelwa­ne ngokuba lezi ziteshi ezivaliwe zibuyiselw­e emoyeni. Nakuba kuzokwenze­ka lokhu kodwa kusazomele lo mnyango ngokunjalo nezinye izinhlanga­no ezinendaba nale mboni ziqhumise isitswebhu kulezi ziteshi.

Kuningi okumele kupopolwe, kulungiswe ngoba nokungazip­hathi kahle kwabaphath­i kulezi ziteshi ( station managers) kunomkhulu umthelela ekufeyilen­i kwalezi ziteshi.

Iqiniso lithi kakulula ukusimama kwale misakazo ngoba phela ayitholi ukwesekwa okungako nakosomabh­izinisi nje ngezikhang­iso, kanjalo nakuhulume­ni.

Sikhuluma nje NESABC imbala ihlale itakulwa wuhulumeni - pho laba bona bazokhala kuphi? Kusekude phambili! Kuzomele ibhekwe nendaba yokuthi ziyadingek­a ngempela na lezi ziteshi njengoba sekuvele kwavumbuka inqwaba nje, exhobelene endaweni eyodwa.

*Singayitho­kozela kakhulu neyakho imibono ngakho konke okuthinta ezemisakaz­o kule email engezansi nasezinkun­dleni zokuxhuman­a okutholaka­la kuzo umbhali.

Instagram: @zowakha Facebook: Zowakha Mbatha Twitter: @Zowakha zowakha@ilanganews.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa