Ilanga Lempelasonto

KNOWLEDGE SIMELANE

-

ngeke sibaqede. Kanti nabo abaqambi abasaphila noma izihlobo zabo kumele bangazithe­li ngabandayo, abaphumele obala basho ukuthi bayafuna izingoma zezihlobo zabo ziguqulwe zenze inzuzo. Phela yinto eyaziwayo ukuthi abaqambi bamaculo amanothi iningi labo lihambe emhlabeni lincela izithupha, lingenamal­i. Sesifikile­ke manje isikhathi sokuba izihlobo nezizukulw­ane zihlomule ngemiseben­zi yokhokho bazo.

Akulula-ke nokho ukwenza umsebenzi wokuhlela kahle ingoma yomuntu. Kumele ozokwenza lowo msebenzi ayazi yonke imigudu elandelway­o, abheke ukuthi leyo ngoma ingaphansi kwayiphi inkampani noma inhlangano. Acele amalungelo kwenziwe izivumelwa­no zokuthi uma isidayiswa umndeni uzohlomula kangakanan­i.

Bakhumbule abanikazi bengoma ukuthi ukuzwakala kwayo emisakazwe­ni akusho ukuthi isidayisiw­e. Kuyenzeka ukuthi ngenxa yokuswela ulwazi kwabantu baze balwe nomhleli wengoma, sebemxina bemthuka bethi udla izimali zabo bengalwenz­anga uphenyo olufanele.

Ingoma noma idayisa akuholwa ngenyanga, izimali zayo zifika ngezikhath­i ezithile, ngokujwaye­lekile ize ifike emuva kwezinyang­a eziwu-6 noma ngaphezulu. Kwesinye isikhathi ayidayisi nhlobo, kufane nokuthi umuntu uphefumula esizibeni.

Knowledge.simelane@ilanganews.co.za UMCULI : SBONELO ZACA ISIHLOKO: HAMBA NAMI UHLOBO LOMCULO: GOSPEL UNYAKA: 2018 AMAPHUZU: 5/10 UMCULI : UMFOKA BLESS ISIHLOKO: ZISESHE UHLOBO LOMCULO: MASIKANDI UNYAKA: 2018 AMAPHUZU: 7/10

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa