Ilanga Lempelasonto

SIVULA AMEHLO ABACULI:

-

IZINGOMA zomculo wamakhwaya noma i- choral music ezaqanjwa ngabaqambi abaziwayo abasekhona nabangasek­ho zingaguqul­wa zithakwe nezinsimbi, zenze ezibukwayo kuze kuphile nezihlobo zabaqambi.

Kufika emqondweni wami abaqambi bezingoma abafana nobb Myathaza ongasekho, owaqamba ingoma enedumela eyabe iculwa kakhulu ezikoleni nasemincin­tiswaneni yemiculo yamakhwaya esihloko sithi: “Uponi”.

Baningi abaqambi esingababa­la abanezingo­ma okungathi uma amaciko ezithatha aziguqule, azithake kabusha zibe mnandi kakhulu. Ngihlale ngikhumbul­a ingoma kakhulekan­i Magubane ongasekho esihloko sithi: “Elasezulwi­ni”.

Ngiyikhumb­ula ngoba yingoma eyaqanjwa yindoda engaphila nayo yaze yasiculisa ngo-1974 emangwe High School, sizongenel­a ngayo umncintisw­ano wezikole owawusehho­lo lasecwaka Agricultur­al College, empangeni.

Umfo kamagubane, owayebuye abe ngumlingis­i edlala amafilimu, wayethi uma efikile ame phambi kwekhwaya yethu aneke izandla athi: “Ngifuna ningiphe yonke impahla, niyikhiphe lapha ezifubeni zenu.”

Wayesuke esho iphimbo kodwa esho ngendlela ezokwenza umculi akhuthale ukuyifunda ingoma. Kuyacaca ukuthi sishodile kule ndima yezomculo ngabantu abakwazi ukuhlela kahle amaculo.

Ngihlabeke umxhwele kulezi nsuku njengoba bekunezink­onzo zokukhumbu­la ukudlula emhlabeni kweqhaweka­zi lomzabalaz­o, umama uwinnie Madikizela Mandela, ngizwa UDJ Gukwa wasethekwi­ni - okunguye owahlangan­isa ingoma kababes Wodumo esihloko sithi: “Amatsegets­ege” - ebuza kimi ingoma yebandla lamaweseli esihloko sithi: “Lizalise idinga lakho” ethi uyithandil­e ufuna ukuyiguqul­a ayifake izinsimbi.

Yilokho-ke esikufunay­o abaculi nabadlali bezinsimbi abanodlebe bangadlali into eyodwa ngaso sonke isikhathi - abantu abaxukuze imiqondo.

Zikhona nezingoma zop.j Simelane, Phelelani Mnomiya nosibisi, baningi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa