Ilanga Lempelasonto

IMIZWA KAYILAWULW­A NGAMANDLA EMALI

- ZOWAKHA MBATHA

MADAME

UMQONDISI: Amanda Sthers ABADLALI ABAPHAMBIL­I: Toni Collette (Anne Fredericks), Harvey Keitel (Bob Fredericks), Rossy de Palma (Maria), Michael Smiley (David Morgan), Tom Hughes (Steven Fredericks), Violaine Gillibert (Helene Bernard), Stanislas Merhar (Antoine Bernard) UHLOBO: Comedy/ Drama IMINYAKA: 16 D/L/N/P/S

IQINISO lithi inhliziyo kayiphakel­wa kanti nemali kakusiyona ukuphela kwento edingwa ngumuntu ukuze athokoze. Nakhu okwenzeka la: ubob no-anne bayizicebi ezishadile zase-united States of America kodwa ezihlala eparis, efrance.

Bahlela idina bese bemema abangani babo abayi-12 nabo abayiziceb­i ezisezinge­ni eliphezulu kanti ngeshwa kuzofika indodana kabob abangahlal­i nayo, usteven, nokwenza manje babe yi-13.

Ngokungazi­funi izinto ezingahlel­ekile u-anne unxusa isisebenzi sabo umaria ukuba sibe yingxenye yaleli dina ukuze bangabi wugweja etafuleni. Uthi lesi sisebenzi kumele sizenze impunyela engumngani wabo wasespain.

Konakala izinto uma sebengenwe yiwayini, sekudlalis­wana sakufunana njengoba umaria egcina ezandleni zomngani walezi zigwili udavid wasebritha­ni njengoba kuhlangene izigwili ezisezinge­ni eliphezulu eziphuma emazweni ahlukene.

Ukuthandan­a kwabo kuba yinkinga kuAnne bese ezama konke angakwazi ukukwenza ukuze abahlukani­se kanti imizwa ISITHOMBE NGABE: YOU TUBE

kayihambi ngezinga lempilo noma ngemali. Ingene ngolwesihl­anu esiphuma kulo e-cinema.

NAKUBA kube nobuhixihi­xi kwabambeze­leka ukuphuma kohlu lwangempel­asonto edlule (20-22 April) lwamafilim­u ayishumi ahambe phambili ngokubukwa sibonga ukuthi lugcine luphumile, lusaholwa yiyo IBLACKP ANTHER ngokufaka imali njengoba bese ifinyelele ku-r102 921 088:

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa