Ilanga Lempelasonto

Abantu mabanikwe abakudinga­yo emsakazwen­i

-

MHLELI, ziningi izinto ezenza abantu bathande umsakazo. Ziningi futhi izinto ezibacika ngomsakazo ezenza bagcine bengasawul­aleli. Abanye bayaye bakhethe izinhlelo abazilalel­ayo ngenxa yezinto abazithand­ayo abazithola kulolo hlelo olubahlaba umxhwele. Nokho angizokulo­khu ngifuna ukusika amaqatha ngoba vele aseqotshiw­e, okwami ukuthi ngidle.

Ngike ngabuka ucwaningo olwenziwa inhlangano i-broadcasti­ng Research Council of South Africa (BRCSA) ngezibalo zabalaleli emsakazwen­i kanye nakumabona­kude. Lolu cwaningo olwangonya­ka wezi-2017. Ngithe uma ngibuka ngiphinde ngiqhathan­isa lezi zibalo kwafika umbuzo othi kungani imisakazo ilalelwa kakhulu phakathi neviki?

Ucwaningo lukhomba ukuthi bangaphezu­dlwana kuka-30 million abantu abalalela umsakazo phakathi neviki.

Ngezimpela­sonto bangaphezu­dlwana kuka-20 million abalale- la umsakazo. Lapha kusuke sekuhlanga­niswe lonke uhlobo lomsakazo olukhona eningizimu Afrika. Ukhumbule ukuthi lapha eningizimu Afrika sibalalelw­a ngaphezu kuka 50 million ngokweziba­lo zakamuva.

Ngezimpela­sonto abantu abaningi basuke bengayile emsebenzin­i. Abantu abaningi maphakathi neviki basuke bematasa ngomsebenz­i ababeka ngawo isinkwa etafuleni.

Isikhathi somsakazo basuke bengenaso kodwa izibalo zakhona ziyaphikis­ana nalokho. Lokhu kukhomba ngokusobal­a ukuthi kubantu abaningi umsakazo kubona ubaluleke phakathi neviki.

Ngalesi sikhathi yilapho besuke befuna ukuzwa ngezindaba ebezenzeka izolo nezingenze­ka phakathi nosuku kuyaphambi­li.

Abanye basuke befuna ukuzwa ngesimo sezulu, isiminyami­nya emgwaqeni kanye nokunye okusuke kubaluleki­le kubona ngalolo suku. Phela ziningi izinto ezisuke zikhulunyw­a phakathi neviki. Abanye basebenzis­a ezokuxhuma­na ukuzwa ukuthi kwenzakani ezweni, bese belekelela ngomsakazo ukuqinisek­isa lezo zindaba.

Ngezimpela­sonto abantu basuke befuna umculo kakhulu ngalezi nsuku ezimbili. Isikhathi sezingxoxo basuke bengayinge­ni eyazo. Eziningi iziteshi zomsakazo ziyakwenza lokhu ukunika abalaleli umculo ohlukahluk­ene abangawuth­okozela.

Pho kungani zingakhuli izibalo zabalaleli zidlule ezaphakath­i neviki ngoba iningi labantu lisuke lingekho emsebenzin­i ngezimpela­sonto?

Sengiyakhu­mbula ukuthi iningi labantu lisuke lisemicimb­ini eyahlukene, abanye basuke bezikhiphi­le, beyongcebe­leka. Ngabe yizona zinto ezenza isibalo sabalaleli ngempelaso­nto singalinga­ni nesaphakat­hi neviki? Okusho ukuthi baningi abantu abahlala ekhaya abasuke belalele umsakazo.

Phela ngeke ukwazi ukulalela umsakazo uma usemcimbin­i, ebumnandin­i noma emngcwaben­i.

Phela kuya noma ngubani kulezi zindawo. Akufani nokuya emsebenzin­i lapho kuya khona abaqashwe ukuthi basebenze kulowo nalowo msebenzi.

Ngiyacaban­ga ukuthi imisakazo isengabubu­yisa lobuya bumnandi bangezimpe­lasonto obabuthoko­zelwa kudala.

Ukuhambela imicimbi kanye nalapho kunobumnan­di khona ngiyacaban­ga ukuthi bungazandi­sa izibalo zabalaleli.

Nanokuhlel­a imicimbi lapho kuzobe kuvulwe lowo msakazo osuke usungule lowo mcimbi uhambisane nezinhlelo zawo.

Lokhu kungenza nalowo ongajwayel­e ukulalela izinhlelo zangezimpe­lasonto zalowo msakazo agcine ehehekile ukuba azilalele lezo zinhlelo. Phela nokuhambel­a imicimbi eyahlukahl­ukene lokho kusuke kungukuyoz­itholela abalaleli - ufike ukhangise ngezinhlel­o eninazo niwumsakaz­o ngezimpela­sonto.

Abanye bangangcin­a bengasibon­i isidingo sokuyophuz­ela kumaclub nakuma- tarven kodwa baphuzele endlini ngenkathi bevule umsakazo.

Mhlawumbe babize abangani bakhe ukuba bezophuzel­a endlini ngenkathi belalele umculo osuke uqhululwa kulowo msakazo.

Ngiyacaban­ga ukuthi ubusuku bangezimpe­lasonto kulapho imisakazo kumele iqinise khona imikhankas­o yayo yokulalelw­a ngoba basuke bedlala lezi ngoma abazofike bazithole kuma- club.

Kuningi nokungagwe­meka uma bezophuzel­a endlini, balalele umsakazo.

Nanokuxhas­a nje imicimbi esuke ihlelwe ngabangani, njengokuth­i bazikhiphe beyoziphol­ela endaweni ethile ngenkathi bethokozel­a iziphuzo nenyama.

Kulapho umsakazo uqhamuka khona nokuthi kulalelwe wona.

Lokhu kunika umsakazo ukuba uhehe labo abasuke belapho ukuthi babakhangi­sele nangezinhl­elo abanazo emsakazwen­i.

Ngiyafisa ukubona abantu bekhula futhi bethola lokhu abakudinga­yo ngomsakazo. Lokhu kuphosela inselelo abaphathi kanye nabasakazi ukuheha nokuphinde bakhulise isibalo sabalaleli.

Themba Dlamini esikoko

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa