Ilanga Lempelasonto

ACUSHELWE UMGOGA AMAKILABHU E-NFD

- SENZO SOKHELA

ACUSHELWE umgoga amakilabhu adlala kwinationa­l First Division (NFD) njengoba kuvela ukuthi ipremier Soccer League (PSL) isithole ukuthi kunezikhul­u ezizama ukupheka imiphumela yemidlalo njengoba sekusongwa isizini.

Isimo sibi kwinfd njengoba namuhla ngesonto ngo-15h00 wonke amakilabhu akulesi sigaba ezogijima imidlalo eyandulela eyokusonga isizini.

Namuhla kungase kube khona ukukhala nokugedla kwamazinyo kwamanye amakilabhu njengoba kungase kwenzeke icace eyezembe kwathile.

Amakilabhu okuyiwona asemngcele­ni wezembe yirichards Bay FC, Ubuntu Cape Town, Super Eagles, uthongathi FC neroyal Eagles.

Selidume lawuthatha umthatha Bucks osekuqinis­ekisiwe ukuthi uyodlala kwi-abc Motsepe League ngesizini ezayo.

Sekusele isikhala seyodwa ezopheleze­la umthatha.

Nokho leli phephandab­a lithole ukuthi IPSL icuphe umgoga onzima ukubamba labo abazozama ukupheka imidlalo.

Leli phephandab­a lishayela umato Madlala oyisikhulu esiphezulu kwipsl ngalolu daba, uthe: “Angifuni ukukhuluma kakhulu ngonondweb­a ngoba akusibona abethu, abesouth African Football Associatio­n.

"Bayazi bona ukuthi basebenza ngaphansi kwesiqubul­o sefifa esithi 'Fair Play'.

"Kodwa ngifuna ukukhuluma ngamakilab­hu angaphansi kwami ukuthi siwabhekil­e ngoba siyazi ukuthi uma kuyilesi sikhathi kwenzakala­ni.

"Bese ngicela-ke nasemakila­bhini ukuba ehlise imimoya ngoba onondweba yila benza khona amaphutha ngenxa yovalo.

"Ukuze sigweme izigameko ezifuze lesi sasemoses Mabhida Stadium, ngiyacela ikakhuluka­zi emabhentsh­ini akungathi uma unondweba ejaja bese kuba yibona abasukuma kuqala ngoba abalandeli bavele bakholwe wukuthi bayarojwa, bese kusuka isixakaxak­a.

"Kodwa-ke ngifuna ukukubeka kucace ukuthi siqaphile,” kusho umato.

Imidlalo YENFD isiyonke namuhla ngesonto iqhathwe kanje:

Ethohoyand­ou Stadium: Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila vs Uthongathi FC 15h00.

E-ABSA Tuks Stadium: Pretoria University FC vs Stellenbos­ch 15h00.

Emakhulong Stadium: Highlands Park vs Black Leopards 15h00.

Eparow Park: Cape Town All Stars vs Royal Eagles 15h00.

Emhlathuze Sports Complex: Richards Bay vs Ubuntu Cape Town 15h00.

Evosloorus Stadium: Jomo Cosmos vs Super Eagles 15h00.

Epuma Stadium: Witbank Spurs vs Mbombela United 15h00.

Emthatha Stadium: Mthatha Bucks vs Real Kings 15h00.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa