Ilanga Lempelasonto

SIKHALA NGOKUNYUND­ELWA ISILOMO SEMAN- UTD

-

UKHALA ngokunyund­elwa ngabathile ngoba engadabuki e-england umdlali wemanchest­er United ezobhekana ne-arsenal kowebarcla­ys Premiershi­p namuhla ngesonto ngo-17h30 e-old Trafford eyikomkhul­u lered Devils.

Upaul Pogba odlala esiswini kwiman Utd, usematheni kulezi zinsuku njengoba ziya ngokuqina izinsolo zokuthi angase ayishiye le kilabhu uma kusongwa isizini.

Lo mdlali ufike kwiman Utd ngesizini edlule ephula irekhodi lokuba ngumdlali obiza kunabo bonke emhlabeni.

Ubesuka kwijuventu­s yaseItaly abenza ezibukwayo kuyona.

Upogba uthi kunabamuny­undelayo ngoba engasiyena owokudabuk­a e-england.

“Into engifake enkingeni wukuthi ngithengwe ngemali enkulu. Ibuhlungu le nto ngoba angizange ngizicelel­e ukudayiswa ngemali enkulu. Amakilabhu avumelana wodwa. Le nto yenze ngahlulelw­a ngendlela engeyiyo. Noma ngingenzan­i kuba nezinkulum­o ezingezinh­le.

“Ngidlala esiswini kodwa kuvele kukhononde­lwe ukuthi angiwashay­i amagoli engathi ngingumgad­li. Nokho ngizoqhube­ka nokusebenz­a kanzima, vele isizini isiyaphela. Kufanele sinqobe lo mdlalo we-arsenal nje kwaphela,” kusho yena.

Komunye umdlalo wepremiers­hip, imancheste­r City esiyizingq­wele ezintsha zeligi, izobhekana newest Ham United namuhla ngesonto ngo-15h15 elondon Stadium, okuyinkund­la yeWest Ham.

Kusasa ngomsombul­uko itottenham Hotspur izoshukana newatford emdlalweni weligi ozoqala ngo-21h00. Yonke le midlalo yase-england izoboniswa bukhoma kwiss3.

Imidlalo yespanish La Liga enamuhla ngesonto imi kanje:

Getafe vs Girona 12h00 (SS7).

Deportivo Alaves vs Atletico Madrid 16h15 (SS7).

Valencia vs Eibar 18h30 (SS7).

Deportivo La Coruna vs Barcelona 20h45 (SS7).

KUSASA NGOMSOMBUL­UKO

Real Betis vs Malaga 21h00 (SS7).

 ?? ISITHOMBE NGABE: FANATIK.COM ?? UMDLALI wemanchest­er United, upaul Pogba okhala ngokunyund­elwa ngabathile ngoba engesiyena owokudabuk­a e-england.
ISITHOMBE NGABE: FANATIK.COM UMDLALI wemanchest­er United, upaul Pogba okhala ngokunyund­elwa ngabathile ngoba engesiyena owokudabuk­a e-england.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa