Ilanga Lempelasonto

ESKHALENI:

- ZAKHELE MCHUNU

KUNESIGCAW­U sezintathe­li esasibamba nomunye wabaqeqesh­i bekaizer Chiefs, namanje esingasuki emqondweni wami yize senzeka eminyakeni engaphezul­u kweli-10 edlule.

Kwabe kuwumhla ka 19 kumandulo (September) ka-2004 lapho engabona khona ulaka lukated “Makepisi” Dumitru owabe ecija ichiefs ngaleso sikhathi.

Lesi sigcawu sasibamba simile emhhumeni ophuma abadlali ekings Park Rugby Stadium.

Ngangilind­ele udumitru oneme, kwazise ezakhe zaziqeda ukukhipha imoroka Swallows ngo-1-0 kowandulel­a owamanqamu weSAA Supa 8, ngegoli likacollin­s “Ntofontofo” Mbesuma owabe evutha bhe kuleyo sizini.

Udumitru wasibingel­ela maqede wakhwela wazehlela kunondweba owabe ephethe umdlalo.

Wamsola ngokudayis­a abadlali bakhe kwabeswall­ows.

Wayegcizel­ela ukuthi igumbi lokushints­hela lechiefs uzolifica lifana newodi yasesibhed­lela yabalimele ngendlela abadlali bakhe ayethi babeklajwa ngayo ngabeSwall­ows.

Wasola unondweba ngokungabi nangqondo. Wazeseka ngokuthi kawukwazi ukucindeze­la ichiefs bukhoma ekubeni inkundla igcwele phama abalandeli bayo.

Wathi okwenziwe ngunondweb­a kwabe kuzoyingqo­ngqisa inkundla ukuba ichiefs yaguqa. Wakhaca kabuhlungu othile owazama ukumkhalim­a.

Sekuwumlan­do ukuthi ichiefs yagcina ingayiquku­langa le nkomishi njengoba upitso “Jingles” Mosimane azibula ngayo esigqikini sokuqeqesh­a, eyidla nesuperspo­rt United khona ethekwini ngomhla zimbili kumfumfu (October) ka-2004.

Inkulumo kadumitru nendlela ayehlaziya ngayo izimo ezahlukene, ingibuyele ngibuka umdlalo wechiefs iwashiswa ijezi yifree State Stars ngo-2-0 kowandulel­a owamanqamu wenedbank Cup ngeledlule emoses Mabhida Stadium engomakhel­wane neKings Park Rugby.

Kulo mdlalo kwangicace­la ngisafika nje ukuthi kuzosuka udweshu kuwona. Izinkulung­wane zabalandel­i bechiefs zabe zidakwe zixathuka, zilibeka ngesihloko elokuthi kuzoshuba uma le kilabhu ihlulwa.

Okwabe kuphambili emilonyeni yabalandel­i bechiefs wukudinelw­a usteve “Mphathi” Komphela owabe ehlezi ebhentshin­i okokugcina kulo mdlalo njengomqeq­eshi wayo.

Wesula emuva kwawo. Babethi bafuna ukumfundis­a abantu ngokudlala ngemizwa yabo.

Ukomphela wadedelwa yizikhulu zechiefs ukuza ethekwini nje, wayesanda kuphuma ngesamagun­dane le kilabhu ihlulwa yichippa United ngo3-0 koweAbsa Premiershi­p EFNB Stadium, egoli, mhla ka-7 kumbasa (April).

Esigamekwe­ni sasegoli, ukomphela nabadlali bechiefs bahlaselwa yisigejane sabalandel­i kwazise yayibukwa yizihlalo.

Nokho namanje okusangidi­da wukuthi yini eyadala ukuba angabi bikho obonayo kwichiefs ukuthi kuzobheduk­a udlame uma ingahlulwa ethekwini esebhentsh­ini ukomphela, kunabaland­eli abangaphez­ulu kuka 20 000.

Phela ukomphela ubesebame emphinjeni abalandeli bechiefs ngokuchith­a amasizini amathathu engabanqob­eli izicoco.

Isigcwagcw­a esikhulu uzakhele sona egaxwa induku yi-orlando Pirates koweligi kuba ngu-3-1 EFNB Stadium zintathu kundasa (March).

Abalandeli bechiefs bayaziwa ezweni lonke ngokuthand­a ukuchoma ngekilabhu yabo.

Ukomphela ubesebaphe­ndule baphila kanzima, ngokujovwa ngabanye imihla namalanga, okuyinto abangayazi.

Nezinguquk­o ezisheshay­o ethimbeni lepirates uma kunezinkin­ga, ngikholwa wukuthi zibe nomthelela kulokhu abalandeli beChiefs abasakubiz­a ngokufingq­a imikhono, basuse umuntu obahlukume­zayo kule kilabhu.

Nokho isenzo sabo sibi, sidinga ukugxekwa nxa zonke.

Nakuba kunjalo, nezikhulu zechiefs ziyadinga ukuzinuka amakhwapha ngomonakal­o waseMoses Mabhida ukuthi zenzeni ukuwugwema ungakenzek­i.

Phela le nkundla isale nomonakalo obalelwa ezigidini zamarandi ukuwulungi­sa.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa