BATHI BAZOFA NO-CASTER SEMENYA ABE-CAA
Ebika eseboksburg
IFA nocaster Semenya iconfederation of African Athletics (CAA) engamele ezokugijima kuleli lizwekazi emuva kokuba kuphume umgomo wokuba lo msubathi waseNingizimu Afrika kuzo- phoqeleka ukuba asebenzise amaphilisi ukwehlisa amandla endalo azalwa nawo ayisikali esingaphezulu kwesabantu besifazane.
Lo mgomo we-international Association of Athletics Federations (IAAF), engamele ezokugijima emhlabeni, uthi ucaster uma engahambisani nokuthatha amaphilisi kuzofanele angabe esaligijima ibanga lika-400m kuya kwi1500m. Uvunyelwe ukubamba iqhaza kusuka kwi-5 000m kuya phezulu.
Umengameli WECAA kwisouthern Region, umoses Bantsi waseBotswana, uthe usola umona oqhutshwa ngamazwe athile.
“Indaba kacaster ibuhlungu. Amazwe ase-afrika kuzomele ahlangene ukungenelela kulona. Ukwenza kahle kukacaster kumaWorld Championships, Commonwealth Games nakuma- Olympic Games kwenze la mazwe acabanga ukuthi ayizikhondlakhondla kwezokugijima avukwa wumona. Ukunqoba kuka-caster i-400m, i800m ne-1500m kwenza umabonakude ugxile kuyena manje la mazwe asevukwa wumona.
“Uhulumeni waseningizimu Afrika kufanele ungenelele kulolu daba nenhlangano ebhekele amalungelo abantu emhlabeni. Ucaster kufanele ukuba lolu daba aledlulisele kubameli bakhe. Baningi abagijimi abakheke njengocaster kwi- track kodwa kakushiwo lutho ngabo,” kusho ubantsi.
Omunye okhombise ukungahambisani nokucwaswa kukacaster, nguvivian Gungaram wasemauritius, ongunobhala jikelele wesouthern Region.
Uthi sekukaningi bezama ukululungisa lolu daba kodwa unethemba lokuthi ucaster uzolunqoba.
Ucaster ubhale kwitwitter ukuthi akakugqizi qakala okushiwo ngaye.
“Ngiyazi ukuthi kukhona abantu abangangithandi kodwa okubalulekile wukuthi angikugqizi qakala okushiwo ngami ngoba ngizo- qhubeka ngigijime,” kusho ucaster.
Ngemuva kwale nkulumo yakhe uthole ukwesekwa okuningi ezinkundleni zokuxhumana ikakhulukazi kwitwitter.
Phakathi kwabamesekile kubalwa udesiree Ellis ongumqeqeshi webanyana Banyana, ulungi Ngidi ongumdlali weproteas, uthuli Madonsela obengumvikeli womphakathi ukukha nje phezulu.
I-athletics South Africa (ASA) ithi izocela usizo kungqongqoshe Wezemidlalo utokozile Xasa nakwisascoc ukuze lolu daba lusingathwe ngendlela ehlelekile.
Ithi izosebenzisana NE-IAAF ukuqinisekisa ukuthi bonke abasubathi abanesimo esifuze esikacaster kabahlukunyezwa.
Iphethe ngokuthi yonke imibuzo mayelana nalolu daba kuzofanele idluliselwe KWI-IAAF okuyiyona ebeke lo mgomo.