Uzola akafuni nezindaba zakhe zangasese
NGESIKHATHI kuqala umncintiswano idancing With The Stars, obusakazwa esiteshini sikamabonakude im-net, cishe akekho obekulindele ukubona uzola Nombona efinyelela kowamanqamu.
Uzola ungenye yezintokazi esezizakhele igama emkhakheni wezokulingisa kanti bambalwa abebecabanga ukuthi angahamba ibanga elide kulo mncintiswano ngoba akaziwa njengomuntu ongumdansi wonyawo lwempungushe.
Ngike ngaba nongabazane ukuxhumana nalesi siphalaphala somlingi emuva kokuba kumenyezelwe abanqobe lo mncintiswano ngesonto eledlule, emcimbini obusehyde Park Corner, egoli.
Okokuqala nje obekungingabazisa wukuthi bengingazi ukuthi uzongemukela kanjani kwazise ubekhale ngaphansi kowamanqamu.
Ngemuva kokuthatha isibindi, ngizijubile ngaya kuyena ngaqala ngokumhalalisela. Uphendule ngokumamatheka ekhombisa ukwamukela ukumhalalisela kwami.
“Ngiyabonga bhuti,” esho ngamahloni nangenhlonipho.
Angibange ngisapholisa maseko, ngambuza ukuthi yini le ebimgqugquzela wakwazi ukuba aze afinyelele kowamanqamu.
Udalule ukuthi ukulimala ngesikhathi ezilungiselela lo mncintiswano kumnikeze umfutho.
UKE WACABANGA UKUSHIYA PHANSI
Uzola ubedansa notebogo Mashilo, ubebhekene no-eden Classens obedansa no-ash-leigh Hunter noconnell Cruise obedansa noMarcella Solimeo, nokuyibona abahambe nomklomelo wesizini yokuqala yalo mncintiswano. Exoxa NELANGA Langesonto ngemuva komncintiswano uzola uthi ulijabulele kakhulu ithuba lokuba yingxenye yalo mncintiswano. Uthe nakuba ejabule ngokufinyelela kowamanqamu, kodwa ngeke akufihle ukuthi lo mncintiswano ubunzima. “Zikhona izikhathi lapho engike ngacabanga ukushiya ngibuyele ekulingiseni, okuyinto engiyijwaye-le ngenxa yobunzima,” esho ehleka kancane. Uthi ngesikhathi elimele uthole ukwesekwa kakhulu ngabalandeli bakhe, nokuyikho okumsizile, kwamkhuthaza.
“Yilapho ngibone khona ukuthi lo mncintiswano awusabhekene nami ngedwa kodwa baningi abebengeseka bengikhuthaza.
“Ngibone ukuthi uma ngingase ngiphose ithawula ngingaphoxa abantu abaningi, yingakho ngivuke ngazithatha,” esho.
Uthi okunye okumenze waqhubeka wukuthi ubengafuni ukufana nabanye abafike baba yingxenye nje yalo mncintiswano kodwa ubefuna ukushiya igama.
“Kunoma yini engiyenzayo ngiyaqinisekisa ukuthi ngishiya umaka ukuze ngingalibaleki,” kusho lo mlingisi othi ubevele ekulindele ukufinyelela kowamanqamu.
AKASONA ISEHLULEKI
Uqhuba athi ukunganqobi akusho ukuthi useyisahluleki. “Ngokwami sinqobile nophathina wami ngoba ungithathe ngingazi lutho ngomdanso kodwa kula masonto sindawonye ungifundise okuningi ngokudansa nje kukodwa,” esho ehefuzela kwazise bekusanda kumenyezelwa abanqobile.
Uthi lo mncintiswano uyohlale njalo usenhlizinyweni yakhe. Njengoba usuphelile umncintiswano uzola uzothatha ikhefu lesonto elilodwa ngaphambi kokuba abuyele emsebenzini wakhe awejwayele wokulingisa njengoba ezobe eseqopha isizini entsha yelock Down.
UYAZIFELA NGELOCK DOWN
Lona wumdlalo azifelayo ngokulingisa kuwo kwazise unobudlelwano obuhle nabakhiqizi bawo.
“Ilock Down umdlalo abaningi abantu abawuthokozelayo kanti nami indawo engiyidlalayo iyangifundisa futhi iyangikhulisa njengomlingisi,” esho.
Ngesikhathi ingxoxo yethu iqhubeka kuvele kwangicacela ukuthi le ntokazi ikhululekile futhi inamahloni. Uthi uyakuthokozela ukuthi selokhu engenile kulo mkhakha akukho okubi okusavelile ngaye kwabezindaba futhi uyafisa ukuthi kuhlale kunjalo. Akafisi impilo yakhe yangasese iphumele emphakathini.
Uzola abaningi baqale ukumazi omdlalweni osuse umsindo i-intersexions ngo-2013, lapho ebedlala khona indawo kashado. Ngaphandle kwalo mdlalo uke wabonakala nasohlelweni iz’bondiwe. Le ntokazi idabuka emthatha, e-eastern Cape. Ufunde esikhungweni semfundo ephakeme ewitwatersrand, egoli.
Uveze ukuthi ukulingisa yinto ayithande esakhula, yingakho ekhethe ukwenza izifundo zalo mkhakha njengoba eneziqu zeHonours In Dramatic Arts.