Isililo beduve nezinaliti emzimbeni
Bathi umtholampilo uyehluleka ukukhipha i-implanon
ZIKHALA ezimathonsi izintokazi ezimbili ezinenkinga yokubhajwa emzimbeni kwenaliti evimbela ukukhulelwa kwabesifazane, ebizwa ngokuthi yi-implanon.
Lezi zintokazi, ILANGA Langesonto eliwagodlile amagama azo ukuzivikela ekuhlukunyezweni, zisola umtholampilo wangakubo enhlazuka, erichmond, Kwazulu-natal, ngobudedengu njengoba zithi uyehluleka wukuzisiza kukhishwe lezi zinaliti.
I-implanon ifakwa ngaphansi kwesikhumba engalweni kowesifazane, bese ihlala iminyaka emithathu bese iyakhishwa.
Enye yalezi ntokazi eneminyaka ewu-26 ikhuluma naleli phephandaba ithe: “Ngineminyaka emithathu ngayifaka. Bekumele ngiyikhiphe ngonhlolanja (February) kodwa kuze kube manje (ayikhishiwe).
"Uma ngifika (emtholampilo) bangitshela ukuthi abakwazi ukuyikhipha, idinga udokotela ozokwazi ukungihlinza ayikhiphe. Kodwa ngesikhathi besifaka abasitshelanga ukuthi kuzoba nzima ukuyikhipha, kwaba sengathi yinto engena kalula futhi iphume kalula.
"Sibaningi esinale nkinga kulo mtholampilo. Sifika siduve usuku lonke kepha usizo singalutholi. Kungcono ukube basinika okunye esingazivikela ngakho ngoba singakhulelwa noma yinini.”
Enye intokazi eneminyaka engama-29 ubudala yona ibeke usizi lwayo yathi: “Okwami kunzima kakhulu ngoba kwakufanele bayikhiphe ngonyaka owedlule ngondasa (March). Ngafika khona bazama ukuyikhipha, bangihlinza yabehlula, baphinde bangithunga. Isekhona namanje engalweni, angisazi ngenzenjani. Lokhu kuhlinzwa engalweni kuyawona umzimba wami. Ayilungiswe le ndaba.”
Isitatimende esikhishwe ngokhulumela umnyango wezempilo Kwazulu-natal, unkz Ncumisa Mafunda, ephendula emibuzweni yaleli phephandaba sithi:
“Umnyango ungakuqinisekisa ukuthi kulo mtholampilo azikho izingqinamba mayelana noku- khishwa kwe-implanon, okuyinaliti egwema ukukhulelwa, efakwa engalweni kowesifazane.
"Ukukhishwa kwe-implanon akukho neze nzima, futhi kuyinto engenziwa emtholampilo nganoma yisiphi isikhathi sokusebenza.
"Umnyango ufisa ukunxusa noma yimuphi umuntu wesifazane ofisa ukukhipha i-implanon ukuba aye emtholampilo acele usizo. Uma kukhona angakuqondi kahle angacela ukubona umphathi womtholampilo axoxe naye.”
ILANGA Langesonto libone umbiko osekhadini lomunye wesifazane naye owafika kulo mtholampilo wangakwazi ukuthola usizo ethi uyokhipha i-implanon.
Lo mbiko uthi umtholampilo uyayithola i-implanon ngaphakathi kodwa awukwazi ukuyikhipha.
Nyakenye enye intokazi yaselokishini Kwamakhutha, ethekwini, ILANGA Langesonto
elinalo igama layo, yagcina isikhishwa i-implanon esibhedlela emshiyeni, emlazi. Knowledge.simelane@ilanganews.co.za