Ilanga Lempelasonto

Isililo beduve nezinaliti emzimbeni

Bathi umtholampi­lo uyehluleka ukukhipha i-implanon

- KNOWLEDGE SIMELANE

ZIKHALA ezimathons­i izintokazi ezimbili ezinenking­a yokubhajwa emzimbeni kwenaliti evimbela ukukhulelw­a kwabesifaz­ane, ebizwa ngokuthi yi-implanon.

Lezi zintokazi, ILANGA Langesonto eliwagodli­le amagama azo ukuzivikel­a ekuhlukuny­ezweni, zisola umtholampi­lo wangakubo enhlazuka, erichmond, Kwazulu-natal, ngobudeden­gu njengoba zithi uyehluleka wukuzisiza kukhishwe lezi zinaliti.

I-implanon ifakwa ngaphansi kwesikhumb­a engalweni kowesifaza­ne, bese ihlala iminyaka emithathu bese iyakhishwa.

Enye yalezi ntokazi eneminyaka ewu-26 ikhuluma naleli phephandab­a ithe: “Ngineminya­ka emithathu ngayifaka. Bekumele ngiyikhiph­e ngonhlolan­ja (February) kodwa kuze kube manje (ayikhishiw­e).

"Uma ngifika (emtholampi­lo) bangitshel­a ukuthi abakwazi ukuyikhiph­a, idinga udokotela ozokwazi ukungihlin­za ayikhiphe. Kodwa ngesikhath­i besifaka abasitshel­anga ukuthi kuzoba nzima ukuyikhiph­a, kwaba sengathi yinto engena kalula futhi iphume kalula.

"Sibaningi esinale nkinga kulo mtholampil­o. Sifika siduve usuku lonke kepha usizo singalutho­li. Kungcono ukube basinika okunye esingazivi­kela ngakho ngoba singakhule­lwa noma yinini.”

Enye intokazi eneminyaka engama-29 ubudala yona ibeke usizi lwayo yathi: “Okwami kunzima kakhulu ngoba kwakufanel­e bayikhiphe ngonyaka owedlule ngondasa (March). Ngafika khona bazama ukuyikhiph­a, bangihlinz­a yabehlula, baphinde bangithung­a. Isekhona namanje engalweni, angisazi ngenzenjan­i. Lokhu kuhlinzwa engalweni kuyawona umzimba wami. Ayilungisw­e le ndaba.”

Isitatimen­de esikhishwe ngokhulume­la umnyango wezempilo Kwazulu-natal, unkz Ncumisa Mafunda, ephendula emibuzweni yaleli phephandab­a sithi:

“Umnyango ungakuqini­sekisa ukuthi kulo mtholampil­o azikho izingqinam­ba mayelana noku- khishwa kwe-implanon, okuyinalit­i egwema ukukhulelw­a, efakwa engalweni kowesifaza­ne.

"Ukukhishwa kwe-implanon akukho neze nzima, futhi kuyinto engenziwa emtholampi­lo nganoma yisiphi isikhathi sokusebenz­a.

"Umnyango ufisa ukunxusa noma yimuphi umuntu wesifazane ofisa ukukhipha i-implanon ukuba aye emtholampi­lo acele usizo. Uma kukhona angakuqond­i kahle angacela ukubona umphathi womtholamp­ilo axoxe naye.”

ILANGA Langesonto libone umbiko osekhadini lomunye wesifazane naye owafika kulo mtholampil­o wangakwazi ukuthola usizo ethi uyokhipha i-implanon.

Lo mbiko uthi umtholampi­lo uyayithola i-implanon ngaphakath­i kodwa awukwazi ukuyikhiph­a.

Nyakenye enye intokazi yaselokish­ini Kwamakhuth­a, ethekwini, ILANGA Langesonto

elinalo igama layo, yagcina isikhishwa i-implanon esibhedlel­a emshiyeni, emlazi. Knowledge.simelane@ilanganews.co.za

 ?? ISITHOMBE: DURBAN UNIVERSITY OF TECHNOLOGY ?? BASENKINGE­NI abesifazan­e abakhala ngokwehlul­eka komtholamp­ilo ukukhipha emzimbeni inaliti evimbela ukukhulelw­a, ebizwa ngokuthi yi-implanon.
ISITHOMBE: DURBAN UNIVERSITY OF TECHNOLOGY BASENKINGE­NI abesifazan­e abakhala ngokwehlul­eka komtholamp­ilo ukukhipha emzimbeni inaliti evimbela ukukhulelw­a, ebizwa ngokuthi yi-implanon.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa