Ilanga Lempelasonto

Umengameli wemukelise amaciko izindondo

Nabezemidl­alo bahlomulil­e kumanation­al Order Awards

- INTATHELI YELANGA

KUHLABANE namaciko kanye nabezemidl­alo kwimiklome­lo esemqoka, ekhishwe ngumengame­li wezwe umnu Cyril Ramaphosa, ebizwa ngokuthi ngamaNatio­nal Orders Awards.

Umcimbi wokukhishw­a kwalezi zindondo ubuyizolo esefako Makgatho Presidenti­al Guest House, epitoli.

Abasuke behlonishw­a ngale miklomelo yilabo ababambe iqhaza elibalulek­e emikhakhen­i eyahlukene ezweni nakwamanye amazwe, okubalwa kuyo ukulwela amalungelo abantu, ukudala uku- thula nokulwela inkululeko.

Phakathi kwabemukel­iswe indondo yesiliva ye-order of Ikhamanga, etholwa ngabenze kahle emkhakheni wezobuciko, amasiko, kwezokubha­lwa kwezincwad­i, umculo, kwezobunta­theli nakwezemid­lalo, ngulillian Dube.

Ulillian uyaziwa emidlalwen­i eyahlukene kamabonaku­de.

Kuphinde kwaklonyel­iswa nenye inkakha emculweni usipho Hotstix Mabuse, yena oklonyelis­we ngeqhaza lakhe alibambe ngomculo wakhe ekubumbeni iningizimu Afrika.

Abanye abaklonyel­isiwe ngale ndondo nguhashim Mahomed Amla ongumdlali wekhilikit­hi wakuleli, u-elana Meyer ozakhele udumo kwezokusub­atha, ujohn Smit oke waba ngukaputen­i wamabhokob­hoko, uniel Tovey ozakhele udumo ebholeni likanobhut­shuzwayo futhi oke wahola iqembu lesizwe elahlabane ngendondo ye-african Cup of Nations.

Kulo mcimbi kuphinde kwaklonyel­iswa nenkosi Mhlabunzim­a Maphumulo ongasekho emhlabeni, ngomklomel­o wegolide weOrder of Luthuli.

Inkosi Maphumulo iklonyelis­wa ngeqhaza layo ekulweni nengcindez­elo.

 ??  ?? INKAKHA yomlingisi, ulilian Dube, ibalwa nabanye abemukelis­we ngumengame­li Cyril Ramaphosa umklomelo osemqoka.
INKAKHA yomlingisi, ulilian Dube, ibalwa nabanye abemukelis­we ngumengame­li Cyril Ramaphosa umklomelo osemqoka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa